Surah Al-A'raaf — The Heights
Surah Al-A'raaf (The Heights) is chapter 7 of the Quran, with 206 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.
الٓمٓصٓ
Alif Laam Meem Sad (Lamagama akekho noyedwa owazi incazelo yawo ngaphandle kukaMvelinqangi)
Ayah 1كِتَٰبٌ أُنزِلَ إِلَيۡكَ فَلَا يَكُن فِي صَدۡرِكَ حَرَجࣱ مِّنۡهُ لِتُنذِرَ بِهِۦ وَذِكۡرَىٰ لِلۡمُؤۡمِنِينَ
Lena yincwadi eyembulwa kuwena ngakho-ke isifuba sakho (inhliziyo yakho) ayingaphatheki kabi ngayo ukuze ukwazi ukuxwayisa ngayo nesikhumbuzo kwabakholwayo
Ayah 2ٱتَّبِعُواْ مَآ أُنزِلَ إِلَيۡكُم مِّن رَّبِّكُمۡ وَلَا تَتَّبِعُواْ مِن دُونِهِۦٓ أَوۡلِيَآءَۗ قَلِيلࣰ ا مَّا تَذَكَّرُونَ
Landelani lokho okwembulwa kunina okuvela eNkosini yenu futhi ningalandeli abanye abavikeli ngaphandle kwayo (iNkosi yenu), kuncane lokho enikukhumbulayo
Ayah 3وَكَم مِّن قَرۡيَةٍ أَهۡلَكۡنَٰهَا فَجَآءَهَا بَأۡسُنَا بَيَٰتًا أَوۡ هُمۡ قَآئِلُونَ
Futhi mangaphi amadolobha esawabhubhisa, isijeziso sethu safika kuwona (amadolobha) ngenkathi belele ukulala kwasemini
Ayah 4فَمَا كَانَ دَعۡوَىٰهُمۡ إِذۡ جَآءَهُم بَأۡسُنَآ إِلَّآ أَن قَالُوٓاْ إِنَّا كُنَّا ظَٰلِمِينَ
Akubanga khona ukukhala kubona ngesikhathi befikelwa yisijeziso sethu ngaphandle kokuthi bathi ngempela thina sasiyizoni
Ayah 5فَلَنَسۡـَٔلَنَّ ٱلَّذِينَ أُرۡسِلَ إِلَيۡهِمۡ وَلَنَسۡـَٔلَنَّ ٱلۡمُرۡسَلِينَ
Manjalo ngempela siyobabuza labo ababethunywe kubona futhi ngempela siyozibuza izithunywa
Ayah 6فَلَنَقُصَّنَّ عَلَيۡهِم بِعِلۡمࣲۖ وَمَا كُنَّا غَآئِبِينَ
Ngakho-ke ngempela siyobatshena (wonke umlando) ngolwazi futhi sasingakaze singabi khona
Ayah 7وَٱلۡوَزۡنُ يَوۡمَئِذٍ ٱلۡحَقُّۚ فَمَن ثَقُلَتۡ مَوَٰزِينُهُۥ فَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡمُفۡلِحُونَ
Futhi ukukalwa kwesisindo (sezenzo zabantu) ngalelolanga kuyobe kuyiqiniso, ngakho-ke labo izisindo (zezenzo zabo ezinhle) eziyosindaesikalinilabo-kebayobangabaphumeleleyo
Ayah 8وَمَنۡ خَفَّتۡ مَوَٰزِينُهُۥ فَأُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ خَسِرُوٓاْ أَنفُسَهُم بِمَا كَانُواْ بِـَٔايَٰتِنَا يَظۡلِمُونَ
Futhi labo izisindo (zezenzo zabo) eziyoba lula (esikalini) ngakho-ke labo bayilabo abalahla imiphefumulo yabo ngenxa yokuthi babengawathathi ngendlela efanele amavesi ethu
Ayah 9وَلَقَدۡ مَكَّنَّٰكُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَجَعَلۡنَا لَكُمۡ فِيهَا مَعَٰيِشَۗ قَلِيلࣰ ا مَّا تَشۡكُرُونَ
Futhi ngempela sanibeka emhlabeni futhi sanenzela izindlela zokuphila kuwona, kuncane lokho enikubongayo
Ayah 10وَلَقَدۡ خَلَقۡنَٰكُمۡ ثُمَّ صَوَّرۡنَٰكُمۡ ثُمَّ قُلۡنَا لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ ٱسۡجُدُواْ لِأٓدَمَ فَسَجَدُوٓاْ إِلَّآ إِبۡلِيسَ لَمۡ يَكُن مِّنَ ٱلسَّٰجِدِينَ
Futhi ngempela sanidala sabe sesiyanibumba sabe sesithi ezingelosini ngempela “khothamelani u-Adamu” ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis (usathane) akazange abe ngomunye wabakhothamayo
Ayah 11قَالَ مَا مَنَعَكَ أَلَّا تَسۡجُدَ إِذۡ أَمَرۡتُكَۖ قَالَ أَنَا۠ خَيۡرࣱ مِّنۡهُ خَلَقۡتَنِي مِن نَّارࣲ وَخَلَقۡتَهُۥ مِن طِينࣲ
(UMvelinqangi) wathi “yini lena ekuvimba ukuthi ungakhothami uma ngikuphoqa na?” Wathi (u-Iblisi-sathane) “mina ngingcono kunaye mina wangidala ngomlilo wadala yena ngobumba”
Ayah 12قَالَ فَٱهۡبِطۡ مِنۡهَا فَمَا يَكُونُ لَكَ أَن تَتَكَبَّرَ فِيهَا فَٱخۡرُجۡ إِنَّكَ مِنَ ٱلصَّٰغِرِينَ
(UMvelinqangi) wathi yehlika (phuma) kulona (izulu) ngoba akufanele uqhoshe lapha ngakho-ke phuma, ngempela wena ungomunye walabo abehlisiwe (abathotshisiwe)
Ayah 13قَالَ أَنظِرۡنِيٓ إِلَىٰ يَوۡمِ يُبۡعَثُونَ
(U-Iblis) wathi “nginike ithuba kuze kube ilanga lokuvuswa kwabo”
Ayah 14قَالَ إِنَّكَ مِنَ ٱلۡمُنظَرِينَ
(UMvelinqangi) wathi “ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba”
Ayah 15قَالَ فَبِمَآ أَغۡوَيۡتَنِي لَأَقۡعُدَنَّ لَهُمۡ صِرَٰطَكَ ٱلۡمُسۡتَقِيمَ
(U-Iblis) wathi “njengoba ungidukisile (ungangiholanga) ngempela ngizohlala ngibalinde endleleni yakho eqondile”
Ayah 16ثُمَّ لَأٓتِيَنَّهُم مِّنۢ بَيۡنِ أَيۡدِيهِمۡ وَمِنۡ خَلۡفِهِمۡ وَعَنۡ أَيۡمَٰنِهِمۡ وَعَن شَمَآئِلِهِمۡۖ وَلَا تَجِدُ أَكۡثَرَهُمۡ شَٰكِرِينَ
Manjalo ngiyoza kubona ngaphambili kwabo nangemva kwabo nangakwesokudla sabo ngakwesobunxele sabo futhi angeke uthole iningi labo lingababongayo
Ayah 17قَالَ ٱخۡرُجۡ مِنۡهَا مَذۡءُومࣰ ا مَّدۡحُورࣰ اۖ لَّمَن تَبِعَكَ مِنۡهُمۡ لَأَمۡلَأَنَّ جَهَنَّمَ مِنكُمۡ أَجۡمَعِينَ
(UMvelinqangi) wathi (ku-Iblis-sathane) phuma kulona (izulu) ungogxoshiweyo nogxekiweyo noma ngabe ngubani okulandelayo kubona ngempela ngiyogcwalisa isihogo ngani nonke
Ayah 18وَيَٰٓـَٔادَمُ ٱسۡكُنۡ أَنتَ وَزَوۡجُكَ ٱلۡجَنَّةَ فَكُلَا مِنۡ حَيۡثُ شِئۡتُمَا وَلَا تَقۡرَبَا هَٰذِهِ ٱلشَّجَرَةَ فَتَكُونَا مِنَ ٱلظَّٰلِمِينَ
Futhi Oh Adam! hlala wena nomkakho esivandeni ngakho- ke yidlani nobabili lapho nithanda khona futhi nobabili ningasondeli eduze kwalesisihlahla ngale kwalokho nobabili niyokuba ngabanye babayizoni
Ayah 19فَوَسۡوَسَ لَهُمَا ٱلشَّيۡطَٰنُ لِيُبۡدِيَ لَهُمَا مَا وُۥرِيَ عَنۡهُمَا مِن سَوۡءَٰتِهِمَا وَقَالَ مَا نَهَىٰكُمَا رَبُّكُمَا عَنۡ هَٰذِهِ ٱلشَّجَرَةِ إِلَّآ أَن تَكُونَا مَلَكَيۡنِ أَوۡ تَكُونَا مِنَ ٱلۡخَٰلِدِينَ
Ngakho-ke usathane wabanyenyezela bobabili (okungalungile) ukuze kuvezwe kubona bobabili lokho okwakufihliweyo kubona bobabili okuyizitho zomzimba zangasese zabo bobabili wayesethi usathane, “INkosi yenu nobabili ayinenqabelanga lesi sihlahla ngaphandle kokuthi hleze nobabili niphenduke izingelosi noma nibe abayophila ingunaphakade”
Ayah 20وَقَاسَمَهُمَآ إِنِّي لَكُمَا لَمِنَ ٱلنَّٰصِحِينَ
Futhi wafunga (usathane) kubona bobabili (wathi) ngempela mina ngingomunye wabafiseli okuhle wenu nobabili
Ayah 21فَدَلَّىٰهُمَا بِغُرُورࣲۚ فَلَمَّا ذَاقَا ٱلشَّجَرَةَ بَدَتۡ لَهُمَا سَوۡءَٰتُهُمَا وَطَفِقَا يَخۡصِفَانِ عَلَيۡهِمَا مِن وَرَقِ ٱلۡجَنَّةِۖ وَنَادَىٰهُمَا رَبُّهُمَآ أَلَمۡ أَنۡهَكُمَا عَن تِلۡكُمَا ٱلشَّجَرَةِ وَأَقُل لَّكُمَآ إِنَّ ٱلشَّيۡطَٰنَ لَكُمَا عَدُوࣱّ مُّبِينࣱ
Ngakho-ke wabadukisa ngenkohliso, ngakho-ke kwathi lapho sebesinambithile isihlahla lokho okwakufihlekile kubona bobabili (izitho zomzimba zangasese) zaba sobala kubona bobabilifuthibonabobabilibaqalaukuzimbozangamaqabunga esivande futhi iNkosi yabo bobabili yabamemeza bobabili (yathi) angizange yini nobabili nginenqabele kulomuthi na? futhi ngithi kunina nobabili ngempela usathane kunina nobabili uyisitha esisobala
Ayah 22قَالَا رَبَّنَا ظَلَمۡنَآ أَنفُسَنَا وَإِن لَّمۡ تَغۡفِرۡ لَنَا وَتَرۡحَمۡنَا لَنَكُونَنَّ مِنَ ٱلۡخَٰسِرِينَ
Bobabili bathi, “Nkosi yethu siyonile imiphefumulo yethu kepha uma ungasithetheleli futhi ungabi nomusa kuthina ngempela siyoba ngabanye babalahlekelweyo”
Ayah 23قَالَ ٱهۡبِطُواْ بَعۡضُكُمۡ لِبَعۡضٍ عَدُوࣱّۖ وَلَكُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ مُسۡتَقَرࣱّ وَمَتَٰعٌ إِلَىٰ حِينࣲ
Wathi “phumani abanye benu bayizitha zabanye futhi emhlabeni kunendawo yenu yokuhlala nenjabulo yesikhashana”
Ayah 24قَالَ فِيهَا تَحۡيَوۡنَ وَفِيهَا تَمُوتُونَ وَمِنۡهَا تُخۡرَجُونَ
Wathi niyophila kuwona (umhlaba) futhi niyofa kuwona futhi niyokhishwa (niyovuswa ngosuku lokuvuswa kwabafileyo)
Ayah 25يَٰبَنِيٓ ءَادَمَ قَدۡ أَنزَلۡنَا عَلَيۡكُمۡ لِبَاسࣰ ا يُوَٰرِي سَوۡءَٰتِكُمۡ وَرِيشࣰ اۖ وَلِبَاسُ ٱلتَّقۡوَىٰ ذَٰلِكَ خَيۡرࣱۚ ذَٰلِكَ مِنۡ ءَايَٰتِ ٱللَّهِ لَعَلَّهُمۡ يَذَّكَّرُونَ
Oh Bantwana ba-Adamu! Sathumela phansi kunina izingubo ukumboza ihlazo lenu (izitho zangasese zomzimba wenu) nokuhlobisa, nezingubo zokulunga lokhu kungcono, lokhu okunye kwamavesi kaMvelinqangi ukuze bangakhumbula
Ayah 26يَٰبَنِيٓ ءَادَمَ لَا يَفۡتِنَنَّكُمُ ٱلشَّيۡطَٰنُ كَمَآ أَخۡرَجَ أَبَوَيۡكُم مِّنَ ٱلۡجَنَّةِ يَنزِعُ عَنۡهُمَا لِبَاسَهُمَا لِيُرِيَهُمَا سَوۡءَٰتِهِمَآۚ إِنَّهُۥ يَرَىٰكُمۡ هُوَ وَقَبِيلُهُۥ مِنۡ حَيۡثُ لَا تَرَوۡنَهُمۡۗ إِنَّا جَعَلۡنَا ٱلشَّيَٰطِينَ أَوۡلِيَآءَ لِلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ
Oh Bantwana baka-Adamu! ningavumeli ukuthi usathane anikhohlise njengoba akhipha abazali benu esivandeni [u-Adam noHawwa (eva)] ebakhumula izingubo zabo bobabili ukuze bobabili abakhombise izitho zabo bobabili zomzimba zangasese ngempela yena uyanibona yena nesizwe sakhe kulapho ningeke nikwazi ukubabona khona ngempela thina senza ukuthi osathane babe ngabavikeli balabo abangakholwayo
Ayah 27وَإِذَا فَعَلُواْ فَٰحِشَةࣰ قَالُواْ وَجَدۡنَا عَلَيۡهَآ ءَابَآءَنَا وَٱللَّهُ أَمَرَنَا بِهَاۗ قُلۡ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يَأۡمُرُ بِٱلۡفَحۡشَآءِۖ أَتَقُولُونَ عَلَى ٱللَّهِ مَا لَا تَعۡلَمُونَ
Futhi uma benze okubi bathi “safica obaba bethu bekwenza futhi uMvelinqangi owasiphoqa ngakho” Ithi, “ngempela uMvelinqangi akaphoqeli esonweni ngakube nikhuluma ngoMvelinqangi lokho eningakwazi?”
Ayah 28قُلۡ أَمَرَ رَبِّي بِٱلۡقِسۡطِۖ وَأَقِيمُواْ وُجُوهَكُمۡ عِندَ كُلِّ مَسۡجِدࣲ وَٱدۡعُوهُ مُخۡلِصِينَ لَهُ ٱلدِّينَۚ كَمَا بَدَأَكُمۡ تَعُودُونَ
Ithi yangiphoqa iNkosi yami ngobulungiswa nokuthi nibhekise ubuso benu kuyona (emthandazweni) kuzona zonke izindawo zokudumisa uMvelinqangi futhi nimemeze ngobuqotho, eyakhe inkolo njengoba anidala niyophindela (kuyena)
Ayah 29فَرِيقًا هَدَىٰ وَفَرِيقًا حَقَّ عَلَيۡهِمُ ٱلضَّلَٰلَةُۚ إِنَّهُمُ ٱتَّخَذُواْ ٱلشَّيَٰطِينَ أَوۡلِيَآءَ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَيَحۡسَبُونَ أَنَّهُم مُّهۡتَدُونَ
Iqembu elaholwa neqembu elifanelwe ukuduka ngempela bona bathatha osathane njengabangane (abavikeli) esikhundleni sikaMvelinqangi futhi becabanga ukuthi bona bangabaholiweyo
Ayah 30۞يَٰبَنِيٓ ءَادَمَ خُذُواْ زِينَتَكُمۡ عِندَ كُلِّ مَسۡجِدࣲ وَكُلُواْ وَٱشۡرَبُواْ وَلَا تُسۡرِفُوٓاْۚ إِنَّهُۥ لَا يُحِبُّ ٱلۡمُسۡرِفِينَ
Oh Bantwana ba-Adam! thathani izembatho zenu kuzona zonke izindawo zomthandazo futhi nidle niphuze futhi ningamoshi, ngempela yena akabathandi abamoshayo
Ayah 31قُلۡ مَنۡ حَرَّمَ زِينَةَ ٱللَّهِ ٱلَّتِيٓ أَخۡرَجَ لِعِبَادِهِۦ وَٱلطَّيِّبَٰتِ مِنَ ٱلرِّزۡقِۚ قُلۡ هِيَ لِلَّذِينَ ءَامَنُواْ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا خَالِصَةࣰ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِۗ كَذَٰلِكَ نُفَصِّلُ ٱلۡأٓيَٰتِ لِقَوۡمࣲ يَعۡلَمُونَ
Ithi ngubani onqaba izembatho zikaMvelinqangi okuyizona azivezela izinceku zakhe nezinto ezinhle esabelweni na? Ithi, “zona ezalabo abakholwayo empilweni yakulomhlaba ngokumsulwa ngosuku lukuvuka kwabafileyo siwachaza kanjalo-ke amavesi ngobunjalo bawo kubantu abaziyo”
Ayah 32قُلۡ إِنَّمَا حَرَّمَ رَبِّيَ ٱلۡفَوَٰحِشَ مَا ظَهَرَ مِنۡهَا وَمَا بَطَنَ وَٱلۡإِثۡمَ وَٱلۡبَغۡيَ بِغَيۡرِ ٱلۡحَقِّ وَأَن تُشۡرِكُواْ بِٱللَّهِ مَا لَمۡ يُنَزِّلۡ بِهِۦ سُلۡطَٰنࣰ ا وَأَن تَقُولُواْ عَلَى ٱللَّهِ مَا لَا تَعۡلَمُونَ
Ithi “iNkosi yami yanqabela kuphela okubi, lokho okusobala kukona nalokho okufihlekileyo nesono nengcindezelo ngokungesilona iqiniso futhi nenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni lokho okungazange kwehliswe igunya ngakho nokuthi nisho ngoMvelinqangi lokho eningakwaziyo”
Ayah 33وَلِكُلِّ أُمَّةٍ أَجَلࣱۖ فَإِذَا جَآءَ أَجَلُهُمۡ لَا يَسۡتَأۡخِرُونَ سَاعَةࣰ وَلَا يَسۡتَقۡدِمُونَ
Futhi kuzona zonke izizwe kunesikhathi esinqunyiwe ngakho- ke uma sesifikile isikhathi sabo angeke basilibazise isikhathi noma basiqhubekise
Ayah 34يَٰبَنِيٓ ءَادَمَ إِمَّا يَأۡتِيَنَّكُمۡ رُسُلࣱ مِّنكُمۡ يَقُصُّونَ عَلَيۡكُمۡ ءَايَٰتِي فَمَنِ ٱتَّقَىٰ وَأَصۡلَحَ فَلَا خَوۡفٌ عَلَيۡهِمۡ وَلَا هُمۡ يَحۡزَنُونَ
Oh Bantwana baka-Adamu! Uma zifika kunina izithunywa ziphuma phakathi kwenu zinitshela ngamavesi ami ngakho- ke noma ngabe ngubani obaqotho futhi enze okuhle ngakho- ke angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi bona angeke baphatheke kabi
Ayah 35وَٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَٱسۡتَكۡبَرُواْ عَنۡهَآ أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلنَّارِۖ هُمۡ فِيهَا خَٰلِدُونَ
Futhi labo abaphika amavesi ethu futhi baqhoshe ngawo labo-ke bangabanqwamani nomlilo bona bayohlala kuwona ingunaphakade
Ayah 36فَمَنۡ أَظۡلَمُ مِمَّنِ ٱفۡتَرَىٰ عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا أَوۡ كَذَّبَ بِـَٔايَٰتِهِۦٓۚ أُوْلَٰٓئِكَ يَنَالُهُمۡ نَصِيبُهُم مِّنَ ٱلۡكِتَٰبِۖ حَتَّىٰٓ إِذَا جَآءَتۡهُمۡ رُسُلُنَا يَتَوَفَّوۡنَهُمۡ قَالُوٓاْ أَيۡنَ مَا كُنتُمۡ تَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِۖ قَالُواْ ضَلُّواْ عَنَّا وَشَهِدُواْ عَلَىٰٓ أَنفُسِهِمۡ أَنَّهُمۡ كَانُواْ كَٰفِرِينَ
Ngubani ongenabo ulungiswa ngokwedlulele kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma (lowo) ophika amavesi akhe na? Labo-ke iyobafica ingxenye yabo esencwadini kuze kube ziyafika kubona izithunywa zethu (izingelosi zokufa) zibenza ukuba bafe, (izingelosi) ziyothi baphi labo enanibamemeza esikhundleni sikaMvelinqangi na? Bayothi “basishiya” futhi iyofakaza imiphefumulo yabo ukuthi ngempela bona babengakholwa
Ayah 37قَالَ ٱدۡخُلُواْ فِيٓ أُمَمࣲ قَدۡ خَلَتۡ مِن قَبۡلِكُم مِّنَ ٱلۡجِنِّ وَٱلۡإِنسِ فِي ٱلنَّارِۖ كُلَّمَا دَخَلَتۡ أُمَّةࣱ لَّعَنَتۡ أُخۡتَهَاۖ حَتَّىٰٓ إِذَا ٱدَّارَكُواْ فِيهَا جَمِيعࣰ ا قَالَتۡ أُخۡرَىٰهُمۡ لِأُولَىٰهُمۡ رَبَّنَا هَٰٓؤُلَآءِ أَضَلُّونَا فَـَٔاتِهِمۡ عَذَابࣰ ا ضِعۡفࣰ ا مِّنَ ٱلنَّارِۖ قَالَ لِكُلࣲّ ضِعۡفࣱ وَلَٰكِن لَّا تَعۡلَمُونَ
(UMvelinqangi) uyothi “ngenani ezizweni esezadlula ngaphambilini kwenu ezingamaJinn nabantu ningene emlilweni ngasosonke isikhathi uma isizwe singena siqalekisa udadewabo (isizwe esingene kuqala) kuze kube zihlangana ndawonye zonke (emlilweni, isizwe) sokugcina sazo siyothi kwesokuqala sazo “Nkosi yethu lezi (zizwe) zasidukisa ngakho- ke zinike isijeziso esiphindaphindiwe somlilo (uMvelinqangi) uyothi “kunina nonke (kunesijeziso) esiphindaphindiwe kepha anazi”
Ayah 38وَقَالَتۡ أُولَىٰهُمۡ لِأُخۡرَىٰهُمۡ فَمَا كَانَ لَكُمۡ عَلَيۡنَا مِن فَضۡلࣲ فَذُوقُواْ ٱلۡعَذَابَ بِمَا كُنتُمۡ تَكۡسِبُونَ
(Isizwe) sokuqala sazo siyothi kwesokugcina sazo “naningangcono kunathi ngakho-ke yizwani isijeziso ngenxa yalokho enakuzuzayo”
Ayah 39إِنَّ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَٱسۡتَكۡبَرُواْ عَنۡهَا لَا تُفَتَّحُ لَهُمۡ أَبۡوَٰبُ ٱلسَّمَآءِ وَلَا يَدۡخُلُونَ ٱلۡجَنَّةَ حَتَّىٰ يَلِجَ ٱلۡجَمَلُ فِي سَمِّ ٱلۡخِيَاطِۚ وَكَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُجۡرِمِينَ
Ngempela labo abaphika amavesi ethu futhi baqhoshe ngawo angeke bavulelwe iminyango yezulu futhi angeke bangene esivandeni kuze kube kuchusha ikameli embotsheni yenaliti. Futhi kanjalo-ke sibanika umvuzo abayizoni
Ayah 40لَهُم مِّن جَهَنَّمَ مِهَادࣱ وَمِن فَوۡقِهِمۡ غَوَاشࣲۚ وَكَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلظَّٰلِمِينَ
Okwabo esihogweni imibhede futhi ngaphezulu kwabo (kuyoba khona) izembozo (zomlilo) futhi kanjalo siyabanika umvuzo abayizoni
Ayah 41وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ لَا نُكَلِّفُ نَفۡسًا إِلَّا وُسۡعَهَآ أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡجَنَّةِۖ هُمۡ فِيهَا خَٰلِدُونَ
Futhi nalabo abakholwayo abenza izenzo ezinhle asiwethwesi umphefumulo (okungaphezulu kwawo) ngaphandle kokuwulingene labo-ke bangabangani besivande bona bayohlala khona ingunaphakade
Ayah 42وَنَزَعۡنَا مَا فِي صُدُورِهِم مِّنۡ غِلࣲّ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهِمُ ٱلۡأَنۡهَٰرُۖ وَقَالُواْ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِي هَدَىٰنَا لِهَٰذَا وَمَا كُنَّا لِنَهۡتَدِيَ لَوۡلَآ أَنۡ هَدَىٰنَا ٱللَّهُۖ لَقَدۡ جَآءَتۡ رُسُلُ رَبِّنَا بِٱلۡحَقِّۖ وَنُودُوٓاْ أَن تِلۡكُمُ ٱلۡجَنَّةُ أُورِثۡتُمُوهَا بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ
Futhi siyosusa konke okusezifubeni zabo okungamagqubu, kuyogeleza ngaphansi kwabo imifula futhi bayothi “udumo lungolukaMvelinqangi okunguyena owasiholela kulokhu futhi besingeke siholeke ukube uMvelinqangi akazange asihole” ngempela zafika izithunywa zeNkosi yethu neqiniso futhi bayobizwa (kuthiwe) “lesisivande kwenziwe ukuthi nisizuze njengefa ngenxa yalokho enanikwenza”
Ayah 43وَنَادَىٰٓ أَصۡحَٰبُ ٱلۡجَنَّةِ أَصۡحَٰبَ ٱلنَّارِ أَن قَدۡ وَجَدۡنَا مَا وَعَدَنَا رَبُّنَا حَقࣰّ ا فَهَلۡ وَجَدتُّم مَّا وَعَدَ رَبُّكُمۡ حَقࣰّ اۖ قَالُواْ نَعَمۡۚ فَأَذَّنَ مُؤَذِّنُۢ بَيۡنَهُمۡ أَن لَّعۡنَةُ ٱللَّهِ عَلَى ٱلظَّٰلِمِينَ
Futhi abangani besivande (abangane bezulu) bayomemeza abangane besihogo (bayothi) “sithole ukuthi lokho esasikuthenjiswe yiNkosi yethu kuyiqiniso, ngakho-ke ngakube nikufumene lokho eyanethembisa kona iNkosi yenu kuyiqiniso na?” Bayothi, “yebo” ngakho-ke uyomemeza ummemezi phakathi kwabo (athi) isiqalekiso sikaMvelinqangi phezulu kwezoni
Ayah 44ٱلَّذِينَ يَصُدُّونَ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ وَيَبۡغُونَهَا عِوَجࣰ ا وَهُم بِٱلۡأٓخِرَةِ كَٰفِرُونَ
Labo abavimbela (abanye) endleleni kaMvelinqangi futhi bathanda ukuyenza ibemazombezombe futhi bona abakholelwa empilweni ezayo
Ayah 45وَبَيۡنَهُمَا حِجَابࣱۚ وَعَلَى ٱلۡأَعۡرَافِ رِجَالࣱ يَعۡرِفُونَ كُلَّۢا بِسِيمَىٰهُمۡۚ وَنَادَوۡاْ أَصۡحَٰبَ ٱلۡجَنَّةِ أَن سَلَٰمٌ عَلَيۡكُمۡۚ لَمۡ يَدۡخُلُوهَا وَهُمۡ يَطۡمَعُونَ
Futhiphakathikwabokunesisithezo(udonga) futhi ezindaweni eziphakeme kunamadoda abazi bonke ngezimpawu zabo futhi bayomemezwa abangane bezulu (kuthiwe) “ukuthula makube phezulu kwenu” abakangeni kulona (izulu) kepha bona banethemba (lokungena khona)
Ayah 46۞وَإِذَا صُرِفَتۡ أَبۡصَٰرُهُمۡ تِلۡقَآءَ أَصۡحَٰبِ ٱلنَّارِ قَالُواْ رَبَّنَا لَا تَجۡعَلۡنَا مَعَ ٱلۡقَوۡمِ ٱلظَّٰلِمِينَ
Futhi uma eguqulwa amehlo abo (eguqulelwa) kubangani bomlilo bayothi “Nkosi yethu ungasenzi ukuba sibe kanye nabantu abayizoni”
Ayah 47وَنَادَىٰٓ أَصۡحَٰبُ ٱلۡأَعۡرَافِ رِجَالࣰ ا يَعۡرِفُونَهُم بِسِيمَىٰهُمۡ قَالُواْ مَآ أَغۡنَىٰ عَنكُمۡ جَمۡعُكُمۡ وَمَا كُنتُمۡ تَسۡتَكۡبِرُونَ
Futhi bayomemeza abantu abasendawni ephezulu (bememeza) amadoda ababazi ngezimpawu zabo, bethi “kwanisiza ngani ukuqoqana ndawonye kwenu nokuqhosha kwenu (niphikisana nenkolo)
Ayah 48أَهَٰٓؤُلَآءِ ٱلَّذِينَ أَقۡسَمۡتُمۡ لَا يَنَالُهُمُ ٱللَّهُ بِرَحۡمَةٍۚ ٱدۡخُلُواْ ٱلۡجَنَّةَ لَا خَوۡفٌ عَلَيۡكُمۡ وَلَآ أَنتُمۡ تَحۡزَنُونَ
Ngakube labo bayilabo enafunga ukuthi akasoze uMvelinqangi abakhombise umusa, ngenani ezulwini akukho ukwesaba kunina futhi nina angeke niphatheke kabi
Ayah 49وَنَادَىٰٓ أَصۡحَٰبُ ٱلنَّارِ أَصۡحَٰبَ ٱلۡجَنَّةِ أَنۡ أَفِيضُواْ عَلَيۡنَا مِنَ ٱلۡمَآءِ أَوۡ مِمَّا رَزَقَكُمُ ٱللَّهُۚ قَالُوٓاْ إِنَّ ٱللَّهَ حَرَّمَهُمَا عَلَى ٱلۡكَٰفِرِينَ
Futhi abahlali bomlilo bayomemeza abahlali besivande (bathi) thelani phezulu kwethu amanzi noma okunye kulokho anabela kona uMvelinqangi, bathi “ngempela uMvelinqangi ukwenqabele kokubili (kubantu) abangakholwayo”
Ayah 50ٱلَّذِينَ ٱتَّخَذُواْ دِينَهُمۡ لَهۡوࣰ ا وَلَعِبࣰ ا وَغَرَّتۡهُمُ ٱلۡحَيَوٰةُ ٱلدُّنۡيَاۚ فَٱلۡيَوۡمَ نَنسَىٰهُمۡ كَمَا نَسُواْ لِقَآءَ يَوۡمِهِمۡ هَٰذَا وَمَا كَانُواْ بِـَٔايَٰتِنَا يَجۡحَدُونَ
Labo abathatha inkolo yabo njengenjabulo nomdlalo futhi bekhohliswa yimpilo yalomhlaba ngakho-ke ngalolusuku siyokhohlwa yibona njengoba (nabo) bakhohlwa ukuhlangana ngalolusuku lwabo futhi njengoba babewaphika amavesi ethu
Ayah 51وَلَقَدۡ جِئۡنَٰهُم بِكِتَٰبࣲ فَصَّلۡنَٰهُ عَلَىٰ عِلۡمٍ هُدࣰ ى وَرَحۡمَةࣰ لِّقَوۡمࣲ يُؤۡمِنُونَ
Futhi ngempela sabalethela incwadi esayichaza ngolwazi lokuhola nomusa kubantu abakholwayo
Ayah 52هَلۡ يَنظُرُونَ إِلَّا تَأۡوِيلَهُۥۚ يَوۡمَ يَأۡتِي تَأۡوِيلُهُۥ يَقُولُ ٱلَّذِينَ نَسُوهُ مِن قَبۡلُ قَدۡ جَآءَتۡ رُسُلُ رَبِّنَا بِٱلۡحَقِّ فَهَل لَّنَا مِن شُفَعَآءَ فَيَشۡفَعُواْ لَنَآ أَوۡ نُرَدُّ فَنَعۡمَلَ غَيۡرَ ٱلَّذِي كُنَّا نَعۡمَلُۚ قَدۡ خَسِرُوٓاْ أَنفُسَهُمۡ وَضَلَّ عَنۡهُم مَّا كَانُواْ يَفۡتَرُونَ
Ngakube bayalinda ngaphandle kokugcwaliseka kwayo ngosuku kufika ukugcwaliseka kwayo na? Labo ababeyikhohliwe ngaphambilini bayothi, “ngempela zafika izithunywa zeNkosi yethu neqiniso ngakho-ke ngakube sinabo yini abancengeli ukuze basincengela na? Noma siphindiselwe emumva ukuze senze okunye hhayi lokho esasikwenza na? Ngempela yalahlekelwa imiphefumulo yabo futhi kwaqhelelana nabo lokho ababekuqamba
Ayah 53إِنَّ رَبَّكُمُ ٱللَّهُ ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ فِي سِتَّةِ أَيَّامࣲ ثُمَّ ٱسۡتَوَىٰ عَلَى ٱلۡعَرۡشِۖ يُغۡشِي ٱلَّيۡلَ ٱلنَّهَارَ يَطۡلُبُهُۥ حَثِيثࣰ ا وَٱلشَّمۡسَ وَٱلۡقَمَرَ وَٱلنُّجُومَ مُسَخَّرَٰتِۭ بِأَمۡرِهِۦٓۗ أَلَا لَهُ ٱلۡخَلۡقُ وَٱلۡأَمۡرُۗ تَبَارَكَ ٱللَّهُ رَبُّ ٱلۡعَٰلَمِينَ
Ngempela iNkosi yenu nguMvelinqangi okunguyena owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wayesebaphezulu kwesihlalo sobukhosi, wenza ukuthi ubusuku bumboze imini ufuna kwenzeke ngesivinini (wadala) nelanga nenyanga nezinkanyezi kwenziwe ukuthi kulandele umyalelo wakhe, ngempela okwakhe izidalwa nomyalelo obusisiwe nguMvelinqangi iNkosi yemihlaba
Ayah 54ٱدۡعُواْ رَبَّكُمۡ تَضَرُّعࣰ ا وَخُفۡيَةًۚ إِنَّهُۥ لَا يُحِبُّ ٱلۡمُعۡتَدِينَ
Memezani iNkosi yenu ngokuzithoba nangasese, ngempela yena akabathandi abephuli bomthetho
Ayah 55وَلَا تُفۡسِدُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ بَعۡدَ إِصۡلَٰحِهَا وَٱدۡعُوهُ خَوۡفࣰ ا وَطَمَعًاۚ إِنَّ رَحۡمَتَ ٱللَّهِ قَرِيبࣱ مِّنَ ٱلۡمُحۡسِنِينَ
Futhi ningenzi ukona emhlabeni emva kokulungiswa kwawo futhi nimmemeze ngokwesaba nangokulangazelela, ngempela umusa kaMvelinqangi useduzane nalabo abenza okuhle
Ayah 56وَهُوَ ٱلَّذِي يُرۡسِلُ ٱلرِّيَٰحَ بُشۡرَۢا بَيۡنَ يَدَيۡ رَحۡمَتِهِۦۖ حَتَّىٰٓ إِذَآ أَقَلَّتۡ سَحَابࣰ ا ثِقَالࣰ ا سُقۡنَٰهُ لِبَلَدࣲ مَّيِّتࣲ فَأَنزَلۡنَا بِهِ ٱلۡمَآءَ فَأَخۡرَجۡنَا بِهِۦ مِن كُلِّ ٱلثَّمَرَٰتِۚ كَذَٰلِكَ نُخۡرِجُ ٱلۡمَوۡتَىٰ لَعَلَّكُمۡ تَذَكَّرُونَ
Futhi nguyena othumela imimoya njengomazisi wezindaba ezimnandi ihamba ngaphambili komusa wakhe kuze kuthi uma ithwele ifu elisindayo siyisa ezweni elifileyo ngakho- ke sehlisela phansi kulona (izwe) amanzi (imvula) esaveza ngayo zonke izinhlobonhlobo zezithelo kanjalo-ke siyabavusa abafileyo ukuze nikhumbule
Ayah 57وَٱلۡبَلَدُ ٱلطَّيِّبُ يَخۡرُجُ نَبَاتُهُۥ بِإِذۡنِ رَبِّهِۦۖ وَٱلَّذِي خَبُثَ لَا يَخۡرُجُ إِلَّا نَكِدࣰ اۚ كَذَٰلِكَ نُصَرِّفُ ٱلۡأٓيَٰتِ لِقَوۡمࣲ يَشۡكُرُونَ
Futhi izwe elihle kumila imithi yalo ngentando yeNkosi yalo futhi lelo (lizwe) elibi akumili lutho (kulona) ngaphandle (kokumila okuncane) kanzima, kanjalo-ke siyawachaza amavesi ngezindlela ezahlukahlukene kubantu ababongayo
Ayah 58لَقَدۡ أَرۡسَلۡنَا نُوحًا إِلَىٰ قَوۡمِهِۦ فَقَالَ يَٰقَوۡمِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ مَا لَكُم مِّنۡ إِلَٰهٍ غَيۡرُهُۥٓ إِنِّيٓ أَخَافُ عَلَيۡكُمۡ عَذَابَ يَوۡمٍ عَظِيمࣲ
Ngempela sathumela uNowa ebantwini bakhe wabe esethi, “Oh Bantu bami! Khonzani uMvelinqangi aninaye uNkulunkulu (omunye onokukhonza) ngaphandle kwakhe, ngempela mina ngiyanesabela isijeziso selanga elikhulu
Ayah 59قَالَ ٱلۡمَلَأُ مِن قَوۡمِهِۦٓ إِنَّا لَنَرَىٰكَ فِي ضَلَٰلࣲ مُّبِينࣲ
Abaholi babantu bakhe bathi, “ngempela thina sikubona usekudukeni (okukhulu) okusobala”
Ayah 60قَالَ يَٰقَوۡمِ لَيۡسَ بِي ضَلَٰلَةࣱ وَلَٰكِنِّي رَسُولࣱ مِّن رَّبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ
(UNowa) wathi, “Oh Bantu! Angikho ekudukeni kepha mina ngiyisithunywa esivela eNkosini yemihlaba”
Ayah 61أُبَلِّغُكُمۡ رِسَٰلَٰتِ رَبِّي وَأَنصَحُ لَكُمۡ وَأَعۡلَمُ مِنَ ٱللَّهِ مَا لَا تَعۡلَمُونَ
Ngidlulisela kunina umyalezo weNkosi yami futhi ngininika izeluleko eziqotho futhi nginolwazi oluvela kaMvelinqangi lulo eningalwazi
Ayah 62أَوَعَجِبۡتُمۡ أَن جَآءَكُمۡ ذِكۡرࣱ مِّن رَّبِّكُمۡ عَلَىٰ رَجُلࣲ مِّنكُمۡ لِيُنذِرَكُمۡ وَلِتَتَّقُواْ وَلَعَلَّكُمۡ تُرۡحَمُونَ
Ngakube niyamangala ukuthi kuza kunina isikhumbuzo esivela eNkosini yenu ngomuntu ophuma phakathi kwenu ukuze anixwayise futhi nesabe uMvelinqangi ukuze nithole umusa
Ayah 63فَكَذَّبُوهُ فَأَنجَيۡنَٰهُ وَٱلَّذِينَ مَعَهُۥ فِي ٱلۡفُلۡكِ وَأَغۡرَقۡنَا ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَآۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ قَوۡمًا عَمِينَ
Kepha abazange bamkholwe ngakho-ke samsindisa kanye nalabo ababekanye naye emkhunjini futhi saminzisa labo ababephika amavesi ethu ngempela bona babengabantu abayizimpumputhe
Ayah 64۞وَإِلَىٰ عَادٍ أَخَاهُمۡ هُودࣰ اۚ قَالَ يَٰقَوۡمِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ مَا لَكُم مِّنۡ إِلَٰهٍ غَيۡرُهُۥٓۚ أَفَلَا تَتَّقُونَ
Futhi ku-Ad (Sathumela) umfowabo uHud wathi, “Oh Bantu bami! Khonzani uMvelinqangi aninaye omunye uNkulunkulu kunaye, ngakube animesabi yini (uMvelinqangi) na?”
Ayah 65قَالَ ٱلۡمَلَأُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ مِن قَوۡمِهِۦٓ إِنَّا لَنَرَىٰكَ فِي سَفَاهَةࣲ وَإِنَّا لَنَظُنُّكَ مِنَ ٱلۡكَٰذِبِينَ
Labo baholi abangakholwanga phakathi kwabantu bakhe bathi, “ngempela thina sikubona ubuwula futhi ngempela thina sicabanga ukuthi ungomunye wabaqamba amanga”
Ayah 66قَالَ يَٰقَوۡمِ لَيۡسَ بِي سَفَاهَةࣱ وَلَٰكِنِّي رَسُولࣱ مِّن رَّبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ
Wathi “Oh Bantu bami! Angisisona isiwula kepha ngiyisithunywa esivela eNkosini yemihlaba”
Ayah 67أُبَلِّغُكُمۡ رِسَٰلَٰتِ رَبِّي وَأَنَا۠ لَكُمۡ نَاصِحٌ أَمِينٌ
Ngidlulisela kunina imiyalezo yeNkosi yami futhi mina ngingumeluleki wenu othembekile
Ayah 68أَوَعَجِبۡتُمۡ أَن جَآءَكُمۡ ذِكۡرࣱ مِّن رَّبِّكُمۡ عَلَىٰ رَجُلࣲ مِّنكُمۡ لِيُنذِرَكُمۡۚ وَٱذۡكُرُوٓاْ إِذۡ جَعَلَكُمۡ خُلَفَآءَ مِنۢ بَعۡدِ قَوۡمِ نُوحࣲ وَزَادَكُمۡ فِي ٱلۡخَلۡقِ بَصۜۡطَةࣰۖ فَٱذۡكُرُوٓاْ ءَالَآءَ ٱللَّهِ لَعَلَّكُمۡ تُفۡلِحُونَ
Ngakube niyamangala yini ukuthi kuza kunina isikhumbuzo esivela eNkosini yenu ngomuntu ophuma phakathi kwenu ukuze anixwayise futhi khumbulani ngesikhathi enenza abalandelayo (isizukulwane esilandelayo) ngemva kwabantu baNowa futhi waninezezela ubukhulu ngokwendalo ngakho- ke khumbulani ububele bukaMvelinqangi ukuze niphumelele
Ayah 69قَالُوٓاْ أَجِئۡتَنَا لِنَعۡبُدَ ٱللَّهَ وَحۡدَهُۥ وَنَذَرَ مَا كَانَ يَعۡبُدُ ءَابَآؤُنَا فَأۡتِنَا بِمَا تَعِدُنَآ إِن كُنتَ مِنَ ٱلصَّٰدِقِينَ
Bathi, “Ngakube uze kuthina ukuze sikhonze uMvelinqangi yedwa futhi siyeke lokho ababekukhonza obaba bethu ngakho-ke silethele lokho osisongela ngakho uma kungukuthi ungomunye wabaneqiniso”
Ayah 70قَالَ قَدۡ وَقَعَ عَلَيۡكُم مِّن رَّبِّكُمۡ رِجۡسࣱ وَغَضَبٌۖ أَتُجَٰدِلُونَنِي فِيٓ أَسۡمَآءࣲ سَمَّيۡتُمُوهَآ أَنتُمۡ وَءَابَآؤُكُم مَّا نَزَّلَ ٱللَّهُ بِهَا مِن سُلۡطَٰنࣲۚ فَٱنتَظِرُوٓاْ إِنِّي مَعَكُم مِّنَ ٱلۡمُنتَظِرِينَ
(UHud) wathi “Isijeziso nolaka oluvela eNkosini yenu sekwehlele phezulu kwenu ngakube niphikisana nami mayelana namagama eniwaqambe zona (izinto) nina naboyihlo lawo angazange uMvelinqangi alehlisele phansi igunya ngawo ngakho-ke lindani ngempela mina ngikanye nani kwabalindileyo
Ayah 71فَأَنجَيۡنَٰهُ وَٱلَّذِينَ مَعَهُۥ بِرَحۡمَةࣲ مِّنَّا وَقَطَعۡنَا دَابِرَ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَاۖ وَمَا كَانُواْ مُؤۡمِنِينَ
Ngakho-ke samsindisa kanye nalabo ababekanye naye ngomusa ovela kuthina futhi sanqamula izimpande zalabo ababephika amavesi ethu futhi babengesibona abakholwayo
Ayah 72وَإِلَىٰ ثَمُودَ أَخَاهُمۡ صَٰلِحࣰ اۚ قَالَ يَٰقَوۡمِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ مَا لَكُم مِّنۡ إِلَٰهٍ غَيۡرُهُۥۖ قَدۡ جَآءَتۡكُم بَيِّنَةࣱ مِّن رَّبِّكُمۡۖ هَٰذِهِۦ نَاقَةُ ٱللَّهِ لَكُمۡ ءَايَةࣰۖ فَذَرُوهَا تَأۡكُلۡ فِيٓ أَرۡضِ ٱللَّهِۖ وَلَا تَمَسُّوهَا بِسُوٓءࣲ فَيَأۡخُذَكُمۡ عَذَابٌ أَلِيمࣱ
Futhi nakuThamud (sathumela) umfowabo uSalih wathi, “Oh Bantu bami! Khonzani uMvelinqangi aninaye omunye unkulunkulu ngaphandle kwakhe sebunifikele ubufakazi obucacile obuvela eNkosini yenu, leli yikameli lensikazi likaMvelinqangi oluwuphawu kunina ngakho-ke liyekeni lizidlele emhlabeni kaMvelinqangi futhi ningalithinti ngokulimaza hleze nithathwe yisijeziso esibuhlungu
Ayah 73وَٱذۡكُرُوٓاْ إِذۡ جَعَلَكُمۡ خُلَفَآءَ مِنۢ بَعۡدِ عَادࣲ وَبَوَّأَكُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ تَتَّخِذُونَ مِن سُهُولِهَا قُصُورࣰ ا وَتَنۡحِتُونَ ٱلۡجِبَالَ بُيُوتࣰ اۖ فَٱذۡكُرُوٓاْ ءَالَآءَ ٱللَّهِ وَلَا تَعۡثَوۡاْ فِي ٱلۡأَرۡضِ مُفۡسِدِينَ
Futhi khumbulani ngesikhathi enenza ukuthi nibe ngabalandelayo emva kuka-A’d futhi wanizinzisa emhlabeni, nakha izindlu ezinkulu zobukhosi kalula naqopha izintaba (nakha) izindlu ngakho-ke khumbulani ububele bukaMvelinqangi futhi ningenzi ukona ezweni
Ayah 74قَالَ ٱلۡمَلَأُ ٱلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُواْ مِن قَوۡمِهِۦ لِلَّذِينَ ٱسۡتُضۡعِفُواْ لِمَنۡ ءَامَنَ مِنۡهُمۡ أَتَعۡلَمُونَ أَنَّ صَٰلِحࣰ ا مُّرۡسَلࣱ مِّن رَّبِّهِۦۚ قَالُوٓاْ إِنَّا بِمَآ أُرۡسِلَ بِهِۦ مُؤۡمِنُونَ
Bathi abaholi balabo ababeqhosha phakathi kwabantu bakhe kulabo ababebuthakathaka kulabo ababekholwa phakathi kwabo ngakube niyazi ukuthi uSalih uthunywe yiNkosi yakhe na? Bathi, “ngempela thina singabakholwayo kulokho athunywe nako”
Ayah 75قَالَ ٱلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُوٓاْ إِنَّا بِٱلَّذِيٓ ءَامَنتُم بِهِۦ كَٰفِرُونَ
Labo ababeqhosha bathi, “Ngempela thina asikholwa kulokho enikukholwayo”
Ayah 76فَعَقَرُواْ ٱلنَّاقَةَ وَعَتَوۡاْ عَنۡ أَمۡرِ رَبِّهِمۡ وَقَالُواْ يَٰصَٰلِحُ ٱئۡتِنَا بِمَا تَعِدُنَآ إِن كُنتَ مِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ
Ngakho-ke balibulala ikameli eliyinsikazi bawudelela umthetho weNkosi yabo futhi bathi, “Oh Salih! Silethele lokho osisongela ngako uma ungomunye wezithunywa”
Ayah 77فَأَخَذَتۡهُمُ ٱلرَّجۡفَةُ فَأَصۡبَحُواْ فِي دَارِهِمۡ جَٰثِمِينَ
Ngakho-ke bathathwa ukuzamazama komhlaba basala (befile) emakhaya abo bebhumbuluzile
Ayah 78فَتَوَلَّىٰ عَنۡهُمۡ وَقَالَ يَٰقَوۡمِ لَقَدۡ أَبۡلَغۡتُكُمۡ رِسَالَةَ رَبِّي وَنَصَحۡتُ لَكُمۡ وَلَٰكِن لَّا تُحِبُّونَ ٱلنَّٰصِحِينَ
Ngakho-ke (uSalih) wabafulathela wathi, “Oh Bantu bami! Nginitshenile umyalezo weNkosi yami futhi nganinika iseluleko esihle kepha anibathandi abeluleki abahle”
Ayah 79وَلُوطًا إِذۡ قَالَ لِقَوۡمِهِۦٓ أَتَأۡتُونَ ٱلۡفَٰحِشَةَ مَا سَبَقَكُم بِهَا مِنۡ أَحَدࣲ مِّنَ ٱلۡعَٰلَمِينَ
Futhi (khumbula) ngesikhathi uLothi ethi kubantu bakhe “ngakube nenza ukona okungakaze kwenziwe ngisho noyedwa ngaphambilini emhlabeni na
Ayah 80إِنَّكُمۡ لَتَأۡتُونَ ٱلرِّجَالَ شَهۡوَةࣰ مِّن دُونِ ٱلنِّسَآءِۚ بَلۡ أَنتُمۡ قَوۡمࣱ مُّسۡرِفُونَ
Ngempela nina nikhanukela abesilisa esikhundleni sabesifazane manje nina ningabantu abeqa imithetho
Ayah 81وَمَا كَانَ جَوَابَ قَوۡمِهِۦٓ إِلَّآ أَن قَالُوٓاْ أَخۡرِجُوهُم مِّن قَرۡيَتِكُمۡۖ إِنَّهُمۡ أُنَاسࣱ يَتَطَهَّرُونَ
Kodwaimpenduloyabantubakheayibangayiluthongaphandle kokuthi bathi, “Bakhiphe edolobheni lenu ngempela bona bangabantu abathanda ukubamsulwa”
Ayah 82فَأَنجَيۡنَٰهُ وَأَهۡلَهُۥٓ إِلَّا ٱمۡرَأَتَهُۥ كَانَتۡ مِنَ ٱلۡغَٰبِرِينَ
Ngakho-ke samsindisa kanye nomndeni wakhe ngaphandle konkosikazi wakhe wayengomunye wabasaleli ngemumva
Ayah 83وَأَمۡطَرۡنَا عَلَيۡهِم مَّطَرࣰ اۖ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُجۡرِمِينَ
Futhi sanethisa phezulu kwabo imvula ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni
Ayah 84وَإِلَىٰ مَدۡيَنَ أَخَاهُمۡ شُعَيۡبࣰ اۚ قَالَ يَٰقَوۡمِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ مَا لَكُم مِّنۡ إِلَٰهٍ غَيۡرُهُۥۖ قَدۡ جَآءَتۡكُم بَيِّنَةࣱ مِّن رَّبِّكُمۡۖ فَأَوۡفُواْ ٱلۡكَيۡلَ وَٱلۡمِيزَانَ وَلَا تَبۡخَسُواْ ٱلنَّاسَ أَشۡيَآءَهُمۡ وَلَا تُفۡسِدُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ بَعۡدَ إِصۡلَٰحِهَاۚ ذَٰلِكُمۡ خَيۡرࣱ لَّكُمۡ إِن كُنتُم مُّؤۡمِنِينَ
Futhi (nakubantu) baseMidyan (sathumela) umfowabo uShu’aib wathi (kubona) Oh Bantu bami khonzani uMvelinqangi! aninaye omunye unkulunkulu ngaphandle kwakhe, ngempela selufikile kunina uphawu olucacile oluvela eNkosini yenu ngakho-ke gcwalisani isilinganiso nesisindo futhi ningaphangi izimpahla zabo futhi ningenzi ukona emhlabeni emva kokuba usulungisiwe, lokho kungcono kunina uma nina ningabakholwayo
Ayah 85وَلَا تَقۡعُدُواْ بِكُلِّ صِرَٰطࣲ تُوعِدُونَ وَتَصُدُّونَ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ مَنۡ ءَامَنَ بِهِۦ وَتَبۡغُونَهَا عِوَجࣰ اۚ وَٱذۡكُرُوٓاْ إِذۡ كُنتُمۡ قَلِيلࣰ ا فَكَثَّرَكُمۡۖ وَٱنظُرُواْ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُفۡسِدِينَ
Futhi ningabohlala kuzona zonke izindlela nisonga futhi nivimba endleleni kaMvelinqangi labo abakholwa kuyena futhi bafuna ukuyenza (indlela) ukuthi ibe mazombezombe futhi khumbulani ngesikhathi naniyisibalo esincane wanenza nababaningi ngakho-ke bhekani ukuthi sasinjani isiphetho sezoni
Ayah 86وَإِن كَانَ طَآئِفَةࣱ مِّنكُمۡ ءَامَنُواْ بِٱلَّذِيٓ أُرۡسِلۡتُ بِهِۦ وَطَآئِفَةࣱ لَّمۡ يُؤۡمِنُواْ فَٱصۡبِرُواْ حَتَّىٰ يَحۡكُمَ ٱللَّهُ بَيۡنَنَاۚ وَهُوَ خَيۡرُ ٱلۡحَٰكِمِينَ
Futhi uma kuneqembu kunina elakholelwa kulokho engathunyelwa nako kanye neqembu elingazange likholwe ngakho-ke bekezelani kuze kube uyahlulela uMvelinqangi phakathi kwethu futhi yena ungongcono kunabo bonke abehluleli
Ayah 87۞قَالَ ٱلۡمَلَأُ ٱلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُواْ مِن قَوۡمِهِۦ لَنُخۡرِجَنَّكَ يَٰشُعَيۡبُ وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ مَعَكَ مِن قَرۡيَتِنَآ أَوۡ لَتَعُودُنَّ فِي مِلَّتِنَاۚ قَالَ أَوَلَوۡ كُنَّا كَٰرِهِينَ
Abaholi balabo (Bantu) abaqhoshayo phakathi kwabantu bakhe bathi, “ngempela sizokugxosha Oh Shu’aib kanye nalabo abakholwayo! Kanye nawe edolobheni lethu noma nibuyele enkolweni yethu” (uShu’aib waphendula) wathi, “noma ngabe singayithandi na”
Ayah 88قَدِ ٱفۡتَرَيۡنَا عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا إِنۡ عُدۡنَا فِي مِلَّتِكُم بَعۡدَ إِذۡ نَجَّىٰنَا ٱللَّهُ مِنۡهَاۚ وَمَا يَكُونُ لَنَآ أَن نَّعُودَ فِيهَآ إِلَّآ أَن يَشَآءَ ٱللَّهُ رَبُّنَاۚ وَسِعَ رَبُّنَا كُلَّ شَيۡءٍ عِلۡمًاۚ عَلَى ٱللَّهِ تَوَكَّلۡنَاۚ رَبَّنَا ٱفۡتَحۡ بَيۡنَنَا وَبَيۡنَ قَوۡمِنَا بِٱلۡحَقِّ وَأَنتَ خَيۡرُ ٱلۡفَٰتِحِينَ
Kuyobe siqambele uMvelinqangi amanga uma sibuyele enkolweni yenu emva kokuthi esesisindisile uMvelinqangi kuyona, futhi akusikhona okwethu ukuthi siphindele kuyona ngaphandle uma ethanda uMvelinqangi iNkosi yethu. Inkosi yethu ingamele zonke izinto ngolwazi (lwayo) sithembele kuMvelinqangi (kuyena kuphela) Nkosi yethu hlulela phakathi kwethu naphakathi kwabantu bethu ngeqiniso futhi wena ungongcono kunabanye abehluleli
Ayah 89وَقَالَ ٱلۡمَلَأُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ مِن قَوۡمِهِۦ لَئِنِ ٱتَّبَعۡتُمۡ شُعَيۡبًا إِنَّكُمۡ إِذࣰ ا لَّخَٰسِرُونَ
Abaholi balabo ababengakholwa phakathi kwabantu bakhe bathi, “uma nilandela uShu’aib ngempela nina ningabalahlekileyo”
Ayah 90فَأَخَذَتۡهُمُ ٱلرَّجۡفَةُ فَأَصۡبَحُواْ فِي دَارِهِمۡ جَٰثِمِينَ
Ngakho-ke bathathwa ukuzamazama komhlaba basala (befile) ezindlini zabo bebhumbuluzile
Ayah 91ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ شُعَيۡبࣰ ا كَأَن لَّمۡ يَغۡنَوۡاْ فِيهَاۚ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ شُعَيۡبࣰ ا كَانُواْ هُمُ ٱلۡخَٰسِرِينَ
Labo abangamkholwanga (abamphika) uShu’aib kwaba sengathi abakaze bahlale lapho (ezindlini zabo), labo ababephika uShu’aib bona babengabalahlekelweyo
Ayah 92فَتَوَلَّىٰ عَنۡهُمۡ وَقَالَ يَٰقَوۡمِ لَقَدۡ أَبۡلَغۡتُكُمۡ رِسَٰلَٰتِ رَبِّي وَنَصَحۡتُ لَكُمۡۖ فَكَيۡفَ ءَاسَىٰ عَلَىٰ قَوۡمࣲ كَٰفِرِينَ
Ngakho-ke (uShu’ab) waqhelelana nabo futhi wathi “Oh Bantu bami! Ngiwudlulisele kunina umyalezo weNkosi yami futhi nganeluleka, ngakho-ke ngingabazwela kanjani ubuhlungu abantu abangakholwayo na”
Ayah 93وَمَآ أَرۡسَلۡنَا فِي قَرۡيَةࣲ مِّن نَّبِيٍّ إِلَّآ أَخَذۡنَآ أَهۡلَهَا بِٱلۡبَأۡسَآءِ وَٱلضَّرَّآءِ لَعَلَّهُمۡ يَضَّرَّعُونَ
Futhi asizange sithumele umphrofethi edolobheni ngaphandle kokuthi sabamba abantu balo (idolobha) ngenhlupheko nobunzima mhlawumbe ukuze bazithobe
Ayah 94ثُمَّ بَدَّلۡنَا مَكَانَ ٱلسَّيِّئَةِ ٱلۡحَسَنَةَ حَتَّىٰ عَفَواْ وَّقَالُواْ قَدۡ مَسَّ ءَابَآءَنَا ٱلضَّرَّآءُ وَٱلسَّرَّآءُ فَأَخَذۡنَٰهُم بَغۡتَةࣰ وَهُمۡ لَا يَشۡعُرُونَ
Sabe sesishintsha esikhundleni sokubi ngokuhle kwaze kwaba bayanda futhi bathi, “obaba bethu bathintwa ubunzima nenjabulo ngakho-ke sabathatha ngokuzamayo ngesikhathi benganakile
Ayah 95وَلَوۡ أَنَّ أَهۡلَ ٱلۡقُرَىٰٓ ءَامَنُواْ وَٱتَّقَوۡاْ لَفَتَحۡنَا عَلَيۡهِم بَرَكَٰتࣲ مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِ وَلَٰكِن كَذَّبُواْ فَأَخَذۡنَٰهُم بِمَا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ
Futhi uma abantu bamadolobha babekholiwe futhi benza ubuqotho ngempela sasizobavulela izibusiso ezivela ezulwini nasemhlabeni kepha banqaba ngakho-ke sabathatha ngenxa yalokho ababekuzuza (ababekwenza)
Ayah 96أَفَأَمِنَ أَهۡلُ ٱلۡقُرَىٰٓ أَن يَأۡتِيَهُم بَأۡسُنَا بَيَٰتࣰ ا وَهُمۡ نَآئِمُونَ
Kungabe bazizwa bephephile yini abantu basemadolobheni maqondana nokuthi kuze kubona isijeziso sethu ebusuku ngesikhathi bona belele na
Ayah 97أَوَأَمِنَ أَهۡلُ ٱلۡقُرَىٰٓ أَن يَأۡتِيَهُم بَأۡسُنَا ضُحࣰ ى وَهُمۡ يَلۡعَبُونَ
Noma ngakube bazizwa bephephile yini abantu basemadolobheni maqondana nokuthi kuze kubona isijeziso sethu ekuseni ngesikhathi bona bedlala na
Ayah 98أَفَأَمِنُواْ مَكۡرَ ٱللَّهِۚ فَلَا يَأۡمَنُ مَكۡرَ ٱللَّهِ إِلَّا ٱلۡقَوۡمُ ٱلۡخَٰسِرُونَ
Ngakube bazizwa bephephile ecebweni likaMvelinqangi, kepha akukho namunye ophephile ecebweni likaMvelinqangi ngaphandle kwabantu abalahlekelweyo
Ayah 99أَوَلَمۡ يَهۡدِ لِلَّذِينَ يَرِثُونَ ٱلۡأَرۡضَ مِنۢ بَعۡدِ أَهۡلِهَآ أَن لَّوۡ نَشَآءُ أَصَبۡنَٰهُم بِذُنُوبِهِمۡۚ وَنَطۡبَعُ عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ فَهُمۡ لَا يَسۡمَعُونَ
Ngakube akucacile yini kulabo (bantu) abathatha izwe ukuba libe yifa emva kwabantu balo na? Ukube sasithanda sasizobajezisa ngenxa yezono zabo futhi safaka isisicilelo ezinhliziyweni zabo ukuze bangezwa
Ayah 100تِلۡكَ ٱلۡقُرَىٰ نَقُصُّ عَلَيۡكَ مِنۡ أَنۢبَآئِهَاۚ وَلَقَدۡ جَآءَتۡهُمۡ رُسُلُهُم بِٱلۡبَيِّنَٰتِ فَمَا كَانُواْ لِيُؤۡمِنُواْ بِمَا كَذَّبُواْ مِن قَبۡلُۚ كَذَٰلِكَ يَطۡبَعُ ٱللَّهُ عَلَىٰ قُلُوبِ ٱلۡكَٰفِرِينَ
Lawo madolobha, sikutshena ezinye zezindaba zawo futhi ngempela zafika kubona izithunywa zabo nobufakazi obucacile kepha abazange bakholelwe kulokho ababekuphika ngaphambilini, kanjalo-ke uyazisicilela uMvelinqangi izinhliziyo zabangakholwa
Ayah 101وَمَا وَجَدۡنَا لِأَكۡثَرِهِم مِّنۡ عَهۡدࣲۖ وَإِن وَجَدۡنَآ أَكۡثَرَهُمۡ لَفَٰسِقِينَ
Futhi asizange sibatholele abaningi kubona isivumelwano kepha sathola iningi labo lingabephuli bomthetho (lingamhloniphi uMvelinqangi)
Ayah 102ثُمَّ بَعَثۡنَا مِنۢ بَعۡدِهِم مُّوسَىٰ بِـَٔايَٰتِنَآ إِلَىٰ فِرۡعَوۡنَ وَمَلَإِيْهِۦ فَظَلَمُواْ بِهَاۖ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُفۡسِدِينَ
Sabe sesithumela emva kwabo uMose nezimpawu zethu kuFaro nabaholi bakhe ngakho-ke benza okungalungile ngazo (baziphika), bheka ukuthi sasinjani isiphetho sabantu ababenza ukona
Ayah 103وَقَالَ مُوسَىٰ يَٰفِرۡعَوۡنُ إِنِّي رَسُولࣱ مِّن رَّبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ
Futhi uMose wathi, “Oh Faro! Ngempela mina ngiyisithunywa esivela eNkosini yemihlaba”
Ayah 104حَقِيقٌ عَلَىٰٓ أَن لَّآ أَقُولَ عَلَى ٱللَّهِ إِلَّا ٱلۡحَقَّۚ قَدۡ جِئۡتُكُم بِبَيِّنَةࣲ مِّن رَّبِّكُمۡ فَأَرۡسِلۡ مَعِيَ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ
Okuyiqiniso ukuthi ngingasho lutho ngoMvelinqangi ngaphandle kweqiniso, ngize kunina nezimpawu ezicacile ezivela eNkosini yenu ngakho-ke bathumele kanye nami abantwana bakwa-Israyeli
Ayah 105قَالَ إِن كُنتَ جِئۡتَ بِـَٔايَةࣲ فَأۡتِ بِهَآ إِن كُنتَ مِنَ ٱلصَّٰدِقِينَ
(UFaro) wathi, “uma uze nophawu ngakho-ke luveze uma ungomunye wabaneqiniso”
Ayah 106فَأَلۡقَىٰ عَصَاهُ فَإِذَا هِيَ ثُعۡبَانࣱ مُّبِينࣱ
Ngakho-ke (uMose) waphonsa induku yakhe kwaba yilapho yona iphenduka inyoka ecacile”
Ayah 107وَنَزَعَ يَدَهُۥ فَإِذَا هِيَ بَيۡضَآءُ لِلنَّٰظِرِينَ
Futhi wakhipha isandla sakhe kwaba yilapho sona siphenduka sibamhlophe kwabasibonayo
Ayah 108قَالَ ٱلۡمَلَأُ مِن قَوۡمِ فِرۡعَوۡنَ إِنَّ هَٰذَا لَسَٰحِرٌ عَلِيمࣱ
Abaholi ebantwini bakaFaro bathi, “ngempela lona ngumlumbi onolwazi (olunzulu)”
Ayah 109يُرِيدُ أَن يُخۡرِجَكُم مِّنۡ أَرۡضِكُمۡۖ فَمَاذَا تَأۡمُرُونَ
(Ufaro) wathi, “ufuna ukunikhipha ezweni lenu ngakho-ke nicabanga ukuthi kwenziwe njani”
Ayah 110قَالُوٓاْ أَرۡجِهۡ وَأَخَاهُ وَأَرۡسِلۡ فِي ٱلۡمَدَآئِنِ حَٰشِرِينَ
(Abaholi baFaro) bathi, “mulibazise (uMose) nomfowabo bese uthumela izigijimi emadolobheni ukuyoqoqa (abalumbi)”
Ayah 111يَأۡتُوكَ بِكُلِّ سَٰحِرٍ عَلِيمࣲ
Ukuthi (izigijimi) zize kuwena nabo bonke abalumbi abanolwazi olunzulu
Ayah 112وَجَآءَ ٱلسَّحَرَةُ فِرۡعَوۡنَ قَالُوٓاْ إِنَّ لَنَا لَأَجۡرًا إِن كُنَّا نَحۡنُ ٱلۡغَٰلِبِينَ
Futhi abalumbi bafika kuFaro bathi, “Ngempela kufanele sithole umvuzo uma kungukuthi thina singabanqobi”
Ayah 113قَالَ نَعَمۡ وَإِنَّكُمۡ لَمِنَ ٱلۡمُقَرَّبِينَ
Wathi, “yebo futhi ngempela nina nizoba ngabanye balabo abasondelene (nami)”
Ayah 114قَالُواْ يَٰمُوسَىٰٓ إِمَّآ أَن تُلۡقِيَ وَإِمَّآ أَن نَّكُونَ نَحۡنُ ٱلۡمُلۡقِينَ
Bathi (abalumbi baFaro) “Oh Mose! Uzophonsa (kuqala) noma thina sibe ngabaphonsayo”
Ayah 115قَالَ أَلۡقُواْۖ فَلَمَّآ أَلۡقَوۡاْ سَحَرُوٓاْ أَعۡيُنَ ٱلنَّاسِ وَٱسۡتَرۡهَبُوهُمۡ وَجَآءُو بِسِحۡرٍ عَظِيمࣲ
(UMose) wathi, “phonsani, ngakho-ke kwathi lapho sebephonsa balumba amehlo abantu futhi babethusa futhi baveza umlingo omkhulu”
Ayah 116۞وَأَوۡحَيۡنَآ إِلَىٰ مُوسَىٰٓ أَنۡ أَلۡقِ عَصَاكَۖ فَإِذَا هِيَ تَلۡقَفُ مَا يَأۡفِكُونَ
Futhi sembula kuMose (sathi) “phonsa induku yakho kwaba yilapho yona igwinya konke lokho ababeqamba amanga ngakho”
Ayah 117فَوَقَعَ ٱلۡحَقُّ وَبَطَلَ مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ
Ngakho-ke iqiniso lavela obala kwaphenduka ize leze konke lokho ababekwenza
Ayah 118فَغُلِبُواْ هُنَالِكَ وَٱنقَلَبُواْ صَٰغِرِينَ
Ngakho-ke (uFaro nabalumbi bakhe) banqotshwa khona lapho futhi baphindela emumva bengabajabhileyo
Ayah 119وَأُلۡقِيَ ٱلسَّحَرَةُ سَٰجِدِينَ
Futhi abalumbi bawa phansi (bephelelwe ngamandla)
Ayah 120قَالُوٓاْ ءَامَنَّا بِرَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ
Bathi “sikholiwe eNkosini yemihlaba”
Ayah 121رَبِّ مُوسَىٰ وَهَٰرُونَ
INkosi kaMose no-Aroni
Ayah 122قَالَ فِرۡعَوۡنُ ءَامَنتُم بِهِۦ قَبۡلَ أَنۡ ءَاذَنَ لَكُمۡۖ إِنَّ هَٰذَا لَمَكۡرࣱ مَّكَرۡتُمُوهُ فِي ٱلۡمَدِينَةِ لِتُخۡرِجُواْ مِنۡهَآ أَهۡلَهَاۖ فَسَوۡفَ تَعۡلَمُونَ
UFaro wathi, “Nikholiwe kuyona ngaphambili kokuba ngininike imvume na? Ngempela leli yicebo enilenze edolobheni ukuze nikhiphe kulona abantu balo, kepha nizokwazi (manje)
Ayah 123لَأُقَطِّعَنَّ أَيۡدِيَكُمۡ وَأَرۡجُلَكُم مِّنۡ خِلَٰفࣲ ثُمَّ لَأُصَلِّبَنَّكُمۡ أَجۡمَعِينَ
Ngempela ngizoninquma izandla zenu nezinyawo zenu ezinhlangothini ezahlukene bese ngiyaninqamuleza nonke
Ayah 124قَالُوٓاْ إِنَّآ إِلَىٰ رَبِّنَا مُنقَلِبُونَ
Bathi (abalumbi) “ngempela thina sizophindela eNkosini yethu”
Ayah 125وَمَا تَنقِمُ مِنَّآ إِلَّآ أَنۡ ءَامَنَّا بِـَٔايَٰتِ رَبِّنَا لَمَّا جَآءَتۡنَاۚ رَبَّنَآ أَفۡرِغۡ عَلَيۡنَا صَبۡرࣰ ا وَتَوَفَّنَا مُسۡلِمِينَ
Futhi wena uphindisela kuthina ngokuba sikholelwe ezimpawini zeNkosi yethu ngenkathi zifika kuthi, Nkosi yethu thela phezulu kwethu isineke futhi usenze ukuthi sife singabazinikeleyo ngaphansi kwentando yakho (singama- Muslim)
Ayah 126وَقَالَ ٱلۡمَلَأُ مِن قَوۡمِ فِرۡعَوۡنَ أَتَذَرُ مُوسَىٰ وَقَوۡمَهُۥ لِيُفۡسِدُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَيَذَرَكَ وَءَالِهَتَكَۚ قَالَ سَنُقَتِّلُ أَبۡنَآءَهُمۡ وَنَسۡتَحۡيِۦ نِسَآءَهُمۡ وَإِنَّا فَوۡقَهُمۡ قَٰهِرُونَ
Futhi abaholi babantu baFaro bathi, “uzomdedela yini uMose kanye nabantu bakhe ukuthi benze ukona ezweni bayeke wena nezithixo zakho na?” (UFaro) wathi, “sizobulala amadodana abo sigcine abesifazane babo bephila futhi ngempela thina sinamandla angavinjwa ngaphezulu kwabo”
Ayah 127قَالَ مُوسَىٰ لِقَوۡمِهِ ٱسۡتَعِينُواْ بِٱللَّهِ وَٱصۡبِرُوٓاْۖ إِنَّ ٱلۡأَرۡضَ لِلَّهِ يُورِثُهَا مَن يَشَآءُ مِنۡ عِبَادِهِۦۖ وَٱلۡعَٰقِبَةُ لِلۡمُتَّقِينَ
UMose wathi kubantu bakhe, “Celani usizo kuMvelinqangi futhi bekezelani ngempela umhlaba ungokaMvelinqangi uwunikeza njengefa lowo amthandayo ezincekwini zakhe futhi (leso) yisiphetho (esihle) sabenza okulungileyo”
Ayah 128قَالُوٓاْ أُوذِينَا مِن قَبۡلِ أَن تَأۡتِيَنَا وَمِنۢ بَعۡدِ مَا جِئۡتَنَاۚ قَالَ عَسَىٰ رَبُّكُمۡ أَن يُهۡلِكَ عَدُوَّكُمۡ وَيَسۡتَخۡلِفَكُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَيَنظُرَ كَيۡفَ تَعۡمَلُونَ
Bathi, “sahlushwa ngaphambi kokuba ufike kuthina nangemumva kokuba usufikile kuthina” wathi, “Ngempela iNkosi yenu izobhubhisa isitha senu bese inenza nibe ngabalandelayo emhlabeni ukuze ibone ukuthi nizokwenzenjani”
Ayah 129وَلَقَدۡ أَخَذۡنَآ ءَالَ فِرۡعَوۡنَ بِٱلسِّنِينَ وَنَقۡصࣲ مِّنَ ٱلثَّمَرَٰتِ لَعَلَّهُمۡ يَذَّكَّرُونَ
Futhi ngempela sabajezisa abantu bakaFaro ngendlala iminyaka futhi sanciphisa izithelo ukuze ngempela bakhumbule
Ayah 130فَإِذَا جَآءَتۡهُمُ ٱلۡحَسَنَةُ قَالُواْ لَنَا هَٰذِهِۦۖ وَإِن تُصِبۡهُمۡ سَيِّئَةࣱ يَطَّيَّرُواْ بِمُوسَىٰ وَمَن مَّعَهُۥٓۗ أَلَآ إِنَّمَا طَٰٓئِرُهُمۡ عِندَ ٱللَّهِ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ
Kepha uma kuza kubona okuhle bathi, “Okwethu lokhu” futhi uma behlelwe okubi bakusulela kuMose kanye nalabo abakanye naye, ngokungangabazeki kuphela amashwa abo akuMvelinqangi kepha abaningi kubona abazi
Ayah 131وَقَالُواْ مَهۡمَا تَأۡتِنَا بِهِۦ مِنۡ ءَايَةࣲ لِّتَسۡحَرَنَا بِهَا فَمَا نَحۡنُ لَكَ بِمُؤۡمِنِينَ
Futhi bathi, “Noma ngabe uza naluphi uphawu ukusiloya ngalo angeke thina sikholelwe kuwena”
Ayah 132فَأَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمُ ٱلطُّوفَانَ وَٱلۡجَرَادَ وَٱلۡقُمَّلَ وَٱلضَّفَادِعَ وَٱلدَّمَ ءَايَٰتࣲ مُّفَصَّلَٰتࣲ فَٱسۡتَكۡبَرُواْ وَكَانُواْ قَوۡمࣰ ا مُّجۡرِمِينَ
Ngakho-ke Sathumela kubona isikhukhula nesikhonyane nezintwala namaselesele negazi izimpawu ezicacile kepha (baqhubeka) nokuqhosha futhi babengabantu abayizoni
Ayah 133وَلَمَّا وَقَعَ عَلَيۡهِمُ ٱلرِّجۡزُ قَالُواْ يَٰمُوسَى ٱدۡعُ لَنَا رَبَّكَ بِمَا عَهِدَ عِندَكَۖ لَئِن كَشَفۡتَ عَنَّا ٱلرِّجۡزَ لَنُؤۡمِنَنَّ لَكَ وَلَنُرۡسِلَنَّ مَعَكَ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ
Futhi kwathi lapho isijeziso sehlela phezulu kwabo bathi, “Oh Mose! sicelele iNkosi yakho ngalokho ethembise ngakho kuwena, uma ususe isijeziso kuthina ngempela sizokholelwa kuwena futhi ngempela sizobadedela (bahambe) kanye nawe abantwana baka-Israyeli”
Ayah 134فَلَمَّا كَشَفۡنَا عَنۡهُمُ ٱلرِّجۡزَ إِلَىٰٓ أَجَلٍ هُم بَٰلِغُوهُ إِذَا هُمۡ يَنكُثُونَ
Ngakho-ke kwathi lapho sesisisusile (sesisihlehlisile) kubona isijeziso kuze kube yisikhathi ekwakufanele basifice kwaba yilapho bona bephula isethembiso sabo
Ayah 135فَٱنتَقَمۡنَا مِنۡهُمۡ فَأَغۡرَقۡنَٰهُمۡ فِي ٱلۡيَمِّ بِأَنَّهُمۡ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَكَانُواْ عَنۡهَا غَٰفِلِينَ
Ngakho-ke sathatha umthetho wokuziphindisela kubona, sabaminzisa olwandle ngenxa yokuthi bona babephika izimpawu zethu futhi babengazinakile
Ayah 136وَأَوۡرَثۡنَا ٱلۡقَوۡمَ ٱلَّذِينَ كَانُواْ يُسۡتَضۡعَفُونَ مَشَٰرِقَ ٱلۡأَرۡضِ وَمَغَٰرِبَهَا ٱلَّتِي بَٰرَكۡنَا فِيهَاۖ وَتَمَّتۡ كَلِمَتُ رَبِّكَ ٱلۡحُسۡنَىٰ عَلَىٰ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ بِمَا صَبَرُواْۖ وَدَمَّرۡنَا مَا كَانَ يَصۡنَعُ فِرۡعَوۡنُ وَقَوۡمُهُۥ وَمَا كَانُواْ يَعۡرِشُونَ
Futhi sabanika njengefa labo bantu ababethathwa ngokuthi babuthakathaka, izindawo ezingaseMpumalanga emhlabeni nezingaseNtshonalanga kwawona (umhlaba) okuyiwona esawubusisa futhi lagcwaliseka izwi leNkosi yakho elihle kubantwana bakwa-Israyeli ngenxa yokubekezela kwabo futhi sabhubhisa konke lokho ayekwenza uFaro nabantu bakhe nakho konke lokho ababekwakhileyo
Ayah 137وَجَٰوَزۡنَا بِبَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ ٱلۡبَحۡرَ فَأَتَوۡاْ عَلَىٰ قَوۡمࣲ يَعۡكُفُونَ عَلَىٰٓ أَصۡنَامࣲ لَّهُمۡۚ قَالُواْ يَٰمُوسَى ٱجۡعَل لَّنَآ إِلَٰهࣰ ا كَمَا لَهُمۡ ءَالِهَةࣱۚ قَالَ إِنَّكُمۡ قَوۡمࣱ تَجۡهَلُونَ
Futhi sabawelisa abantwana bakwa-Israyeli olwandle, bafika kubantu ababekhonza izithixo zabo bathi, “Oh Mose! Senzele nathi isithixo njengoba nabo benezithixo” (uMose) wathi, “ngempela nina ningabantu abangazi lutho”
Ayah 138إِنَّ هَٰٓؤُلَآءِ مُتَبَّرࣱ مَّا هُمۡ فِيهِ وَبَٰطِلࣱ مَّا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ
Ngempela labantu, kuzobhujiswa konke lokhu ababambelele kukona futhi kuyize leze lokhu abakwenzayo
Ayah 139قَالَ أَغَيۡرَ ٱللَّهِ أَبۡغِيكُمۡ إِلَٰهࣰ ا وَهُوَ فَضَّلَكُمۡ عَلَى ٱلۡعَٰلَمِينَ
Wathi, “Ngaphandle kukaMvelinqangi nginifunele yini (omunye) unkulunkulu kulapho yena anikhetha ngaphezulu kwemihlaba na”
Ayah 140وَإِذۡ أَنجَيۡنَٰكُم مِّنۡ ءَالِ فِرۡعَوۡنَ يَسُومُونَكُمۡ سُوٓءَ ٱلۡعَذَابِ يُقَتِّلُونَ أَبۡنَآءَكُمۡ وَيَسۡتَحۡيُونَ نِسَآءَكُمۡۚ وَفِي ذَٰلِكُم بَلَآءࣱ مِّن رَّبِّكُمۡ عَظِيمࣱ
Futhi (khumbulani) ngesikhathi sinisindisa ebantwini bakaFaro ababenizwisa inhlupheko ngesijeziso esinzima bebulala amadodana enu beyeka abesifazane benu bephila futhi kulokho kunokulingwa okukhulu okuvela eNkosini yenu
Ayah 141۞وَوَٰعَدۡنَا مُوسَىٰ ثَلَٰثِينَ لَيۡلَةࣰ وَأَتۡمَمۡنَٰهَا بِعَشۡرࣲ فَتَمَّ مِيقَٰتُ رَبِّهِۦٓ أَرۡبَعِينَ لَيۡلَةࣰۚ وَقَالَ مُوسَىٰ لِأَخِيهِ هَٰرُونَ ٱخۡلُفۡنِي فِي قَوۡمِي وَأَصۡلِحۡ وَلَا تَتَّبِعۡ سَبِيلَ ٱلۡمُفۡسِدِينَ
Futhi sathembisa uMose ubusuku obungamashumi amathathu sabugcwalisa ngobuyishumi ngakho-ke sagcwaliseka isikhathi seNkosi yakhe ubusuku obungamashumi amane futhi uMose wathi kumfowabo u-Aroni, “thatha isikhundla sami phakathi kwabantu bami ubalungise futhi ungalandeli indlela yezoni”
Ayah 142وَلَمَّا جَآءَ مُوسَىٰ لِمِيقَٰتِنَا وَكَلَّمَهُۥ رَبُّهُۥ قَالَ رَبِّ أَرِنِيٓ أَنظُرۡ إِلَيۡكَۚ قَالَ لَن تَرَىٰنِي وَلَٰكِنِ ٱنظُرۡ إِلَى ٱلۡجَبَلِ فَإِنِ ٱسۡتَقَرَّ مَكَانَهُۥ فَسَوۡفَ تَرَىٰنِيۚ فَلَمَّا تَجَلَّىٰ رَبُّهُۥ لِلۡجَبَلِ جَعَلَهُۥ دَكࣰّ ا وَخَرَّ مُوسَىٰ صَعِقࣰ اۚ فَلَمَّآ أَفَاقَ قَالَ سُبۡحَٰنَكَ تُبۡتُ إِلَيۡكَ وَأَنَا۠ أَوَّلُ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ
Futhi kwathi ngesikhathi uMose esefika ngesikhathi sethu esinqunyiwe futhi yakhuluma naye iNkosi yakhe (uMose) wathi, “Nkosi yami ngikhombise (isimo sakho) ukuze ngikwazi ukukubona” (uMvelinqangi) wathi “angeke ukwazi ukungibona, kodwa bheka entabeni ngakho-ke uma (intaba) ima endaweni yayo (ingawi) ngakho-ke uzongibona, kepha kwathi ngesikhathi isivela iNkosi yakhe entabeni, yayenza yabhidlika futhi uMose wawa phansi waquleka ngakho-ke kwathi lapho esephaphama (usubuyile umqondo wakhe) wathi udumo malube kuwe! Ngiphendukela kuwena ngokuzisola futhi mina ngingowokuqala kwabakholwayo”
Ayah 143قَالَ يَٰمُوسَىٰٓ إِنِّي ٱصۡطَفَيۡتُكَ عَلَى ٱلنَّاسِ بِرِسَٰلَٰتِي وَبِكَلَٰمِي فَخُذۡ مَآ ءَاتَيۡتُكَ وَكُن مِّنَ ٱلشَّٰكِرِينَ
(UMvelinqangi) wathi, “Oh Mose! Ngempela mina ngikukhethile ngaphezulu kwabantu ngemiyalezo yami nangamazwi ami ngakho-ke thatha konke lokho engikunike kona futhi ube ngomunye wababongayo”
Ayah 144وَكَتَبۡنَا لَهُۥ فِي ٱلۡأَلۡوَاحِ مِن كُلِّ شَيۡءࣲ مَّوۡعِظَةࣰ وَتَفۡصِيلࣰ ا لِّكُلِّ شَيۡءࣲ فَخُذۡهَا بِقُوَّةࣲ وَأۡمُرۡ قَوۡمَكَ يَأۡخُذُواْ بِأَحۡسَنِهَاۚ سَأُوْرِيكُمۡ دَارَ ٱلۡفَٰسِقِينَ
Futhi sambhalela ezintweni zokubhalela imiyalelo yazozonke izinto nencazelo yazozonke izinto ngakho-ke yithathe (yonke imiyalezo) ngokugxilile futhi uphoqe abantu bakho ukuthi bayithathe ngobuhle bayo ngiyonikhombisa ikhaya lezoni
Ayah 145سَأَصۡرِفُ عَنۡ ءَايَٰتِيَ ٱلَّذِينَ يَتَكَبَّرُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ بِغَيۡرِ ٱلۡحَقِّ وَإِن يَرَوۡاْ كُلَّ ءَايَةࣲ لَّا يُؤۡمِنُواْ بِهَا وَإِن يَرَوۡاْ سَبِيلَ ٱلرُّشۡدِ لَا يَتَّخِذُوهُ سَبِيلࣰ ا وَإِن يَرَوۡاْ سَبِيلَ ٱلۡغَيِّ يَتَّخِذُوهُ سَبِيلࣰ اۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمۡ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَكَانُواْ عَنۡهَا غَٰفِلِينَ
Ngizobafulathelisa ezimpawini zami labo abaqhoshayo emhlabeni ngokungekho emthethweni futhi uma bebona zonke izimpawu angeke bakholelwe kuzona futhi uma bebona indlela yokulunga angeke bayithathe njengendlela elungileyo kepha uma bebona indlela yokuduka bayithatha njengendlela elungileyo lokho kungenxa yokuthi bona babephika amavesi ethu futhi babengawanaki
Ayah 146وَٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَلِقَآءِ ٱلۡأٓخِرَةِ حَبِطَتۡ أَعۡمَٰلُهُمۡۚ هَلۡ يُجۡزَوۡنَ إِلَّا مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ
Futhi labo ababephika amavesi ethu nokuhlangana kwempilo ezayo ziyize leze izenzo zabo ngakube bayonikwa (omunye) umvuzo ngaphandle kwalokho ababekwenza na
Ayah 147وَٱتَّخَذَ قَوۡمُ مُوسَىٰ مِنۢ بَعۡدِهِۦ مِنۡ حُلِيِّهِمۡ عِجۡلࣰ ا جَسَدࣰ ا لَّهُۥ خُوَارٌۚ أَلَمۡ يَرَوۡاْ أَنَّهُۥ لَا يُكَلِّمُهُمۡ وَلَا يَهۡدِيهِمۡ سَبِيلًاۘ ٱتَّخَذُوهُ وَكَانُواْ ظَٰلِمِينَ
FuthiabantubaMoseemvakwakhe(ngenkathiengekho) bakha ngezinto zabo zokuhloba okungumfanekiso wethole (isithixo ukuba basikhonze) sinomsindo, ngakube babengaboni yini ukuthi lalingakwazi ukukhuluma nabo futhi lalingabaholeli endleleni (eqondile) balithatha (ukuba balikhonze lokho) okwenza ukuba babeyizoni
Ayah 148وَلَمَّا سُقِطَ فِيٓ أَيۡدِيهِمۡ وَرَأَوۡاْ أَنَّهُمۡ قَدۡ ضَلُّواْ قَالُواْ لَئِن لَّمۡ يَرۡحَمۡنَا رَبُّنَا وَيَغۡفِرۡ لَنَا لَنَكُونَنَّ مِنَ ٱلۡخَٰسِرِينَ
Nangenkathi bezisola futhi bebona ukuthi bangabadukileyo bathi, “uma ingabi nomusa kuthina iNkosi yethu futhi ingasithetheleli ngempela sizoba ngabanye babalahlekelweyo”
Ayah 149وَلَمَّا رَجَعَ مُوسَىٰٓ إِلَىٰ قَوۡمِهِۦ غَضۡبَٰنَ أَسِفࣰ ا قَالَ بِئۡسَمَا خَلَفۡتُمُونِي مِنۢ بَعۡدِيٓۖ أَعَجِلۡتُمۡ أَمۡرَ رَبِّكُمۡۖ وَأَلۡقَى ٱلۡأَلۡوَاحَ وَأَخَذَ بِرَأۡسِ أَخِيهِ يَجُرُّهُۥٓ إِلَيۡهِۚ قَالَ ٱبۡنَ أُمَّ إِنَّ ٱلۡقَوۡمَ ٱسۡتَضۡعَفُونِي وَكَادُواْ يَقۡتُلُونَنِي فَلَا تُشۡمِتۡ بِيَ ٱلۡأَعۡدَآءَ وَلَا تَجۡعَلۡنِي مَعَ ٱلۡقَوۡمِ ٱلظَّٰلِمِينَ
Futhi ngenkathi uMose ephindela ebantwini bakhe wathukuthela waphatheka kabi wathi, “ububi yilokho enikubekileyo esikhundleni sami emva kwami (emva kokuba sengihambile) ngakube nijahe (ekweqeni) enikuphoqwe yiNkosi yenu na?” Wayeselahla phansi izinto zokubhalela wayesebamba umfowabo (u-Aroni) ngekhanda wamdonsela kuyena wathi, “ndodana kamama wami ngempela abantu babone ukuthi ngiyintengentenge futhi bacishe bangibulala ngakho-ke ungenzi ukuthi izitha zijabule ngami futhi ungangibeki kanye nabantu abayizoni”
Ayah 150قَالَ رَبِّ ٱغۡفِرۡ لِي وَلِأَخِي وَأَدۡخِلۡنَا فِي رَحۡمَتِكَۖ وَأَنتَ أَرۡحَمُ ٱلرَّٰحِمِينَ
(UMose) wathi, “Nkosi yami ngithethelele nomfowabo futhi usingenise emseni wakho futhi wena ungonomusa ukwedlula bonke abanomusa
Ayah 151إِنَّ ٱلَّذِينَ ٱتَّخَذُواْ ٱلۡعِجۡلَ سَيَنَالُهُمۡ غَضَبࣱ مِّن رَّبِّهِمۡ وَذِلَّةࣱ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَاۚ وَكَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُفۡتَرِينَ
Ngempela labo abathatha ithole (ukuba balikhonze) bayothola intukuthelo evela eNkosini yabo nehlazo empilweni yakulomhlaba futhi kanjalo-ke sibanika umvuzo abaqambi bamanga
Ayah 152وَٱلَّذِينَ عَمِلُواْ ٱلسَّيِّـَٔاتِ ثُمَّ تَابُواْ مِنۢ بَعۡدِهَا وَءَامَنُوٓاْ إِنَّ رَبَّكَ مِنۢ بَعۡدِهَا لَغَفُورࣱ رَّحِيمࣱ
Futhi labo abenza izenzo ezimbi bese beyazisola emva kwalokho futhi bakholwa ukuthi ngempela iNkosi yakho emva kwalokho iyathethelela inomusa
Ayah 153وَلَمَّا سَكَتَ عَن مُّوسَى ٱلۡغَضَبُ أَخَذَ ٱلۡأَلۡوَاحَۖ وَفِي نُسۡخَتِهَا هُدࣰ ى وَرَحۡمَةࣱ لِّلَّذِينَ هُمۡ لِرَبِّهِمۡ يَرۡهَبُونَ
Futhi ngenkathi intukuthelo kaMose yehla wacosha izinto zokubhalela emibhalweni yazo kwakunokuhola nomusa walabo abayesabayo iNkosi yabo
Ayah 154وَٱخۡتَارَ مُوسَىٰ قَوۡمَهُۥ سَبۡعِينَ رَجُلࣰ ا لِّمِيقَٰتِنَاۖ فَلَمَّآ أَخَذَتۡهُمُ ٱلرَّجۡفَةُ قَالَ رَبِّ لَوۡ شِئۡتَ أَهۡلَكۡتَهُم مِّن قَبۡلُ وَإِيَّٰيَۖ أَتُهۡلِكُنَا بِمَا فَعَلَ ٱلسُّفَهَآءُ مِنَّآۖ إِنۡ هِيَ إِلَّا فِتۡنَتُكَ تُضِلُّ بِهَا مَن تَشَآءُ وَتَهۡدِي مَن تَشَآءُۖ أَنتَ وَلِيُّنَا فَٱغۡفِرۡ لَنَا وَٱرۡحَمۡنَاۖ وَأَنتَ خَيۡرُ ٱلۡغَٰفِرِينَ
UMose wakhetha ebantwini bakhe amadoda angamashumi ayisikhombisa ewakhethela isikhathi sethu esinqunyiweyo ngakho-ke kwathi lapho bethathwa ukuzamazama komhlaba wathi “Oh Nkosi yami! Ukube wawuthanda wawuzobabhubhisa ngaphambilini kanye nami, ngakube uzosibhubhisa ngenxa yalokho okwenziwa yiziwula phakathi kwethu na? Akuyilutho ngaphandle kokuthi kungukulinga kwakho, udukisa ngakho lowo omthandayo futhi uhola lowo omthandayo, wena ungumvikeli wethu ngakho-ke sithethelele futhi ubenomusa kuthina futhi wena ungongcono kunabanye abathetheleli
Ayah 155۞وَٱكۡتُبۡ لَنَا فِي هَٰذِهِ ٱلدُّنۡيَا حَسَنَةࣰ وَفِي ٱلۡأٓخِرَةِ إِنَّا هُدۡنَآ إِلَيۡكَۚ قَالَ عَذَابِيٓ أُصِيبُ بِهِۦ مَنۡ أَشَآءُۖ وَرَحۡمَتِي وَسِعَتۡ كُلَّ شَيۡءࣲۚ فَسَأَكۡتُبُهَا لِلَّذِينَ يَتَّقُونَ وَيُؤۡتُونَ ٱلزَّكَوٰةَ وَٱلَّذِينَ هُم بِـَٔايَٰتِنَا يُؤۡمِنُونَ
Futhi Senzele ubuhle kulelizwe nasempilweni yakwelizayo ngempela thina singabaphendukele kuwena (uMvelinqangi) wathi, “isijeziso sami ngiyothweswa ngaso ubunzima lowo engimthandayo nobubele bami bungamele zonke izinto ngakho-ke (umusa wami) ngizowubekela kulabo abenza okuhle futhi abakhokha izakaah (ingxenye ethize engcebeni yabo) kanye nalabo abakholelwa emavesini ethu”
Ayah 156ٱلَّذِينَ يَتَّبِعُونَ ٱلرَّسُولَ ٱلنَّبِيَّ ٱلۡأُمِّيَّ ٱلَّذِي يَجِدُونَهُۥ مَكۡتُوبًا عِندَهُمۡ فِي ٱلتَّوۡرَىٰةِ وَٱلۡإِنجِيلِ يَأۡمُرُهُم بِٱلۡمَعۡرُوفِ وَيَنۡهَىٰهُمۡ عَنِ ٱلۡمُنكَرِ وَيُحِلُّ لَهُمُ ٱلطَّيِّبَٰتِ وَيُحَرِّمُ عَلَيۡهِمُ ٱلۡخَبَٰٓئِثَ وَيَضَعُ عَنۡهُمۡ إِصۡرَهُمۡ وَٱلۡأَغۡلَٰلَ ٱلَّتِي كَانَتۡ عَلَيۡهِمۡۚ فَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ بِهِۦ وَعَزَّرُوهُ وَنَصَرُوهُ وَٱتَّبَعُواْ ٱلنُّورَ ٱلَّذِيٓ أُنزِلَ مَعَهُۥٓ أُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡمُفۡلِحُونَ
Labo abalandela isithunywa uMphrofethi (uMuhammad) ongafundile okunguyena abamthola kubhaliwe (ngaye) kubona kwiTorah naseVangelini ubaphoqa ngokuthi benze izenzo ezinhle futhi abanqabele ukuthi benze okubi, futhi ubenzela kube semthethweni izinto ezinhle futhi abanqabele ezintweni ezimbi futhi ususa umthwalo kubona namaketanga ayekubona ngakho-ke labo abakholwayo kuyena (umphrofethi owayengafundile) bamhlonipha, bameseka futhi balandela ukukhanya okwehliswa kanye naye yilabo-ke okuyibona abayophumelela
Ayah 157قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِنِّي رَسُولُ ٱللَّهِ إِلَيۡكُمۡ جَمِيعًا ٱلَّذِي لَهُۥ مُلۡكُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۖ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ يُحۡيِۦ وَيُمِيتُۖ فَـَٔامِنُواْ بِٱللَّهِ وَرَسُولِهِ ٱلنَّبِيِّ ٱلۡأُمِّيِّ ٱلَّذِي يُؤۡمِنُ بِٱللَّهِ وَكَلِمَٰتِهِۦ وَٱتَّبِعُوهُ لَعَلَّكُمۡ تَهۡتَدُونَ
Ithi, “Oh Bantu! Ngempela mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina nonke, okunguyena okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe uyaphilisa futhi uyabulala ngakho-ke kholwani kuMvelinqangi kanye nansesithunyweni sakhe umphrofethi ongafundile lowo okholwa kuMvelinqangi nasemazwini akhe futhi amlandele, ukuze mhlawumbe niholeke”
Ayah 158وَمِن قَوۡمِ مُوسَىٰٓ أُمَّةࣱ يَهۡدُونَ بِٱلۡحَقِّ وَبِهِۦ يَعۡدِلُونَ
Futhi nakubantu baMose kuneqembu elihola (abantu) ngeqiniso futhi ngalo (iqiniso) benza ubulungiswa
Ayah 159وَقَطَّعۡنَٰهُمُ ٱثۡنَتَيۡ عَشۡرَةَ أَسۡبَاطًا أُمَمࣰ اۚ وَأَوۡحَيۡنَآ إِلَىٰ مُوسَىٰٓ إِذِ ٱسۡتَسۡقَىٰهُ قَوۡمُهُۥٓ أَنِ ٱضۡرِب بِّعَصَاكَ ٱلۡحَجَرَۖ فَٱنۢبَجَسَتۡ مِنۡهُ ٱثۡنَتَا عَشۡرَةَ عَيۡنࣰ اۖ قَدۡ عَلِمَ كُلُّ أُنَاسࣲ مَّشۡرَبَهُمۡۚ وَظَلَّلۡنَا عَلَيۡهِمُ ٱلۡغَمَٰمَ وَأَنزَلۡنَا عَلَيۡهِمُ ٱلۡمَنَّ وَٱلسَّلۡوَىٰۖ كُلُواْ مِن طَيِّبَٰتِ مَا رَزَقۡنَٰكُمۡۚ وَمَا ظَلَمُونَا وَلَٰكِن كَانُوٓاْ أَنفُسَهُمۡ يَظۡلِمُونَ
Futhi sabahlukanisa babayizizwe eziyishumi nambili futhi sembulela uMose ngenkathi abantu bakhe bemcela amanzi (sathi) shaya ngenduku yakho idwala ngakho-ke kwaphophoza kulona imithombo eyishumi nambili, bonke abantu bayazi indawo yabo yokuphuza futhi sabenzela umthunzi ngamafu futhi sabathumelela imana nezigcwaca dlanini ezintweni ezinhle esinabele zona futhi abazange basilimaze ngalutho kepha imiphefumulo yabo abayilima zayo
Ayah 160وَإِذۡ قِيلَ لَهُمُ ٱسۡكُنُواْ هَٰذِهِ ٱلۡقَرۡيَةَ وَكُلُواْ مِنۡهَا حَيۡثُ شِئۡتُمۡ وَقُولُواْ حِطَّةࣱ وَٱدۡخُلُواْ ٱلۡبَابَ سُجَّدࣰ ا نَّغۡفِرۡ لَكُمۡ خَطِيٓـَٰٔتِكُمۡۚ سَنَزِيدُ ٱلۡمُحۡسِنِينَ
Futhi khumbula ngenkathi kuthiwa kubona “hlalani kuledolobha nidle kulona noma yikuphi lapho nithanda khona futhi nithi sicela intethelelo (ezonweni zethu) futhi ningene esangweni niguqile ngokuzithoba siyonithethelela ukona kwenu siyokwandisa abenzi bokuhle
Ayah 161فَبَدَّلَ ٱلَّذِينَ ظَلَمُواْ مِنۡهُمۡ قَوۡلًا غَيۡرَ ٱلَّذِي قِيلَ لَهُمۡ فَأَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمۡ رِجۡزࣰ ا مِّنَ ٱلسَّمَآءِ بِمَا كَانُواْ يَظۡلِمُونَ
Kepha labo abangenabo ubulungiswa bashintsha inkulumo hhayi leyo ababetshelwe yona ngakho-ke sathumela kubona inhlupheko evela ezulwnini ngenxa yokuthi babenza ukona
Ayah 162وَسۡـَٔلۡهُمۡ عَنِ ٱلۡقَرۡيَةِ ٱلَّتِي كَانَتۡ حَاضِرَةَ ٱلۡبَحۡرِ إِذۡ يَعۡدُونَ فِي ٱلسَّبۡتِ إِذۡ تَأۡتِيهِمۡ حِيتَانُهُمۡ يَوۡمَ سَبۡتِهِمۡ شُرَّعࣰ ا وَيَوۡمَ لَا يَسۡبِتُونَ لَا تَأۡتِيهِمۡۚ كَذَٰلِكَ نَبۡلُوهُم بِمَا كَانُواْ يَفۡسُقُونَ
Futhi babuze ngedolobha elaliseduzane nolwandle ngesikhathi bephula (umthetho) wesabatha ngenkathi izinhlanzi ziza kubona ngokusobala ngosuku lwabo lwesabatha futhi mhla kungesilona usuku lwesabatha azizange zifike kubona kanjalo- ke sabalinga ngenxa yokuthi babengahloniphi
Ayah 163وَإِذۡ قَالَتۡ أُمَّةࣱ مِّنۡهُمۡ لِمَ تَعِظُونَ قَوۡمًا ٱللَّهُ مُهۡلِكُهُمۡ أَوۡ مُعَذِّبُهُمۡ عَذَابࣰ ا شَدِيدࣰ اۖ قَالُواْ مَعۡذِرَةً إِلَىٰ رَبِّكُمۡ وَلَعَلَّهُمۡ يَتَّقُونَ
Futhi khumbula ngenkathi umphakathi phakathi kwabo uthi, “kungani nishumayela kubantu uMvelinqangi azobabhubhisa noma abajezise ngesijeziso esinzima (abashumayeli) bathi, “ukuze singabi necala eNkosini yenu futhi ukuze mhlawumbe basabe (uMvelinqangi)”
Ayah 164فَلَمَّا نَسُواْ مَا ذُكِّرُواْ بِهِۦٓ أَنجَيۡنَا ٱلَّذِينَ يَنۡهَوۡنَ عَنِ ٱلسُّوٓءِ وَأَخَذۡنَا ٱلَّذِينَ ظَلَمُواْ بِعَذَابِۭ بَـِٔيسِۭ بِمَا كَانُواْ يَفۡسُقُونَ
Ngakho-ke ngenkathi bekholwa yilokho ababekhunjuziswe ngakho sabandisa labo ababe gwema okubi sabamba labo abenza okubi ngesijeziso esinzima ngenxa yokuthi babengahloniphi
Ayah 165فَلَمَّا عَتَوۡاْ عَن مَّا نُهُواْ عَنۡهُ قُلۡنَا لَهُمۡ كُونُواْ قِرَدَةً خَٰسِـِٔينَ
Ngakho-ke kwathi lapho bephikelela kulokho ababenqatshelwe kona sabe sesithi kubona “yibani izinkawu ezihlambalazekileyo”
Ayah 166وَإِذۡ تَأَذَّنَ رَبُّكَ لَيَبۡعَثَنَّ عَلَيۡهِمۡ إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ مَن يَسُومُهُمۡ سُوٓءَ ٱلۡعَذَابِۗ إِنَّ رَبَّكَ لَسَرِيعُ ٱلۡعِقَابِ وَإِنَّهُۥ لَغَفُورࣱ رَّحِيمࣱ
Futhi khumbula ngenkathi lapho iNkosi yakho imemezela ukuthi ngempela iyothumela kubona kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo ibahluphekisa ngesijeziso esinzima kakhulu. Ngempela iNkosi yakho iyashesha ukujezisa futhi ngempela yona iyathethelela inesihawu
Ayah 167وَقَطَّعۡنَٰهُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ أُمَمࣰ اۖ مِّنۡهُمُ ٱلصَّٰلِحُونَ وَمِنۡهُمۡ دُونَ ذَٰلِكَۖ وَبَلَوۡنَٰهُم بِٱلۡحَسَنَٰتِ وَٱلسَّيِّـَٔاتِ لَعَلَّهُمۡ يَرۡجِعُونَ
Futhi sabehlukanisa emhlabeni babayizizwe phakathi kwabo kunabalungileyo futhi phakathi kwabo kunabangenjalo futhi sabavivinya (ngezinto) ezinhle nezimbi ukuze mhlawumbe baphenduke
Ayah 168فَخَلَفَ مِنۢ بَعۡدِهِمۡ خَلۡفࣱ وَرِثُواْ ٱلۡكِتَٰبَ يَأۡخُذُونَ عَرَضَ هَٰذَا ٱلۡأَدۡنَىٰ وَيَقُولُونَ سَيُغۡفَرُ لَنَا وَإِن يَأۡتِهِمۡ عَرَضࣱ مِّثۡلُهُۥ يَأۡخُذُوهُۚ أَلَمۡ يُؤۡخَذۡ عَلَيۡهِم مِّيثَٰقُ ٱلۡكِتَٰبِ أَن لَّا يَقُولُواْ عَلَى ٱللَّهِ إِلَّا ٱلۡحَقَّ وَدَرَسُواْ مَا فِيهِۗ وَٱلدَّارُ ٱلۡأٓخِرَةُ خَيۡرࣱ لِّلَّذِينَ يَتَّقُونَۚ أَفَلَا تَعۡقِلُونَ
Ngakho-ke kwalandela emva kwabo inzalo eyathatha incwadi njengefa, ithatha izinto zalempilo ephansi futhi bathi, “siyothethelelwa” futhi uma zifika kubona izinto ezifana nalezo (zempilo yalomhlaba ophansi) bazozithatha ngakube asithathwanga yini kubona isivumelwano sencwadi ukuthi bangakhulumi ngoMvelinqangi ngaphandle kweqiniso futhi bakufunda okwakuphakathi kuyona (incwadi) futhi ikhaya lempilo ezayo lingcono kulabo abalungileyo ngakube aninawo umqondo yini na
Ayah 169وَٱلَّذِينَ يُمَسِّكُونَ بِٱلۡكِتَٰبِ وَأَقَامُواْ ٱلصَّلَوٰةَ إِنَّا لَا نُضِيعُ أَجۡرَ ٱلۡمُصۡلِحِينَ
Futhi labo ababambelela encwadini (iQuran) futhi benze imithandazo ngempela thina angeke siwulahle umvuzo wabenza okuhle
Ayah 170۞وَإِذۡ نَتَقۡنَا ٱلۡجَبَلَ فَوۡقَهُمۡ كَأَنَّهُۥ ظُلَّةࣱ وَظَنُّوٓاْ أَنَّهُۥ وَاقِعُۢ بِهِمۡ خُذُواْ مَآ ءَاتَيۡنَٰكُم بِقُوَّةࣲ وَٱذۡكُرُواْ مَا فِيهِ لَعَلَّكُمۡ تَتَّقُونَ
Futhi khumbula ngenkathi sithatha intaba siyiqongisa ngaphezu kwabo sengathi umpheme futhi bacabanga ukuthi (intaba) izowela kubona gxilani kulokho esanipha kona futhi nikhumbule okuphakathi kukona ukuze mhlawumbe nesabe uMvelinqangi
Ayah 171وَإِذۡ أَخَذَ رَبُّكَ مِنۢ بَنِيٓ ءَادَمَ مِن ظُهُورِهِمۡ ذُرِّيَّتَهُمۡ وَأَشۡهَدَهُمۡ عَلَىٰٓ أَنفُسِهِمۡ أَلَسۡتُ بِرَبِّكُمۡۖ قَالُواْ بَلَىٰ شَهِدۡنَآۚ أَن تَقُولُواْ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ إِنَّا كُنَّا عَنۡ هَٰذَا غَٰفِلِينَ
Futhi ngenkathi iNkosi yakho ithatha kubantwana ba- Adam emigogodleni yabo inzalo yabo futhi yabenza bafakaza emiphefumulweni yabo (yathi) angisiyona yini iNkosi yenu na? Bathi, “kunjalo” sifakazile ukuthi hleze nithi ngelanga lokuvuka kwabafileyo ngempela thina lokhu sasingakunakile
Ayah 172أَوۡ تَقُولُوٓاْ إِنَّمَآ أَشۡرَكَ ءَابَآؤُنَا مِن قَبۡلُ وَكُنَّا ذُرِّيَّةࣰ مِّنۢ بَعۡدِهِمۡۖ أَفَتُهۡلِكُنَا بِمَا فَعَلَ ٱلۡمُبۡطِلُونَ
Noma nithi, “Obaba bethu kuphela ababenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ngaphambilini sabe sesiba yinzalo (yabo) emva kwabo ngakho-ke ngakube usibhubhisa ngenxa yokwenziwa abaqambi bamanga na
Ayah 173وَكَذَٰلِكَ نُفَصِّلُ ٱلۡأٓيَٰتِ وَلَعَلَّهُمۡ يَرۡجِعُونَ
Futhi kanjalo-ke siyawachaza ngobunjalo bawo amavesi ukuze baphenduke
Ayah 174وَٱتۡلُ عَلَيۡهِمۡ نَبَأَ ٱلَّذِيٓ ءَاتَيۡنَٰهُ ءَايَٰتِنَا فَٱنسَلَخَ مِنۡهَا فَأَتۡبَعَهُ ٱلشَّيۡطَٰنُ فَكَانَ مِنَ ٱلۡغَاوِينَ
Futhi bafundele izindaba zalowo esamnikeza amavesi ethu ngakho-ke waziqhelelanisa nawo wayemlandela usathane ngakho-ke wayeseba ngomunye wabadukileyo
Ayah 175وَلَوۡ شِئۡنَا لَرَفَعۡنَٰهُ بِهَا وَلَٰكِنَّهُۥٓ أَخۡلَدَ إِلَى ٱلۡأَرۡضِ وَٱتَّبَعَ هَوَىٰهُۚ فَمَثَلُهُۥ كَمَثَلِ ٱلۡكَلۡبِ إِن تَحۡمِلۡ عَلَيۡهِ يَلۡهَثۡ أَوۡ تَتۡرُكۡهُ يَلۡهَثۚ ذَّٰلِكَ مَثَلُ ٱلۡقَوۡمِ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَاۚ فَٱقۡصُصِ ٱلۡقَصَصَ لَعَلَّهُمۡ يَتَفَكَّرُونَ
Futhi ukube sasithanda ngempela sasizomphakamisa ngakho kepha yena waba semhlabeni walandela isifiso sakhe esiyize leze, umfanekiso wakhe unjengomfanekiso wenja uma uyigxosha ikhipha ulimi lwayo noma uyiyeka ikhipha ulimi lwayo, lokho kungumfanekiso wabantu abaphika amavesi ethu ngakho-ke batshele umlando ukuze bacabange
Ayah 176سَآءَ مَثَلًا ٱلۡقَوۡمُ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَأَنفُسَهُمۡ كَانُواْ يَظۡلِمُونَ
Okubi umfanekiso walabo bantu ababephika amavesi ethu, nemiphefumulo yabo bayona
Ayah 177مَن يَهۡدِ ٱللَّهُ فَهُوَ ٱلۡمُهۡتَدِيۖ وَمَن يُضۡلِلۡ فَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡخَٰسِرُونَ
Lowo oholwa nguMvelinqangi ungoholiweyo futhi lowo amdukisayo ngakho-ke labo bangabadukileyo
Ayah 178وَلَقَدۡ ذَرَأۡنَا لِجَهَنَّمَ كَثِيرࣰ ا مِّنَ ٱلۡجِنِّ وَٱلۡإِنسِۖ لَهُمۡ قُلُوبࣱ لَّا يَفۡقَهُونَ بِهَا وَلَهُمۡ أَعۡيُنࣱ لَّا يُبۡصِرُونَ بِهَا وَلَهُمۡ ءَاذَانࣱ لَّا يَسۡمَعُونَ بِهَآۚ أُوْلَٰٓئِكَ كَٱلۡأَنۡعَٰمِ بَلۡ هُمۡ أَضَلُّۚ أُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡغَٰفِلُونَ
Futhi ngempela sasidalele isihogo abaningi bamaJinn nabantu okwabo izinhliziyo abangaqondi ngazo futhi banamehlo abangaboni ngawo futhi banamadlebe abangezwa ngawo labo-ke banjengezinkomo kepha bona baduke ngokwedlulele labo-ke bona bangabanganakileyo
Ayah 179وَلِلَّهِ ٱلۡأَسۡمَآءُ ٱلۡحُسۡنَىٰ فَٱدۡعُوهُ بِهَاۖ وَذَرُواْ ٱلَّذِينَ يُلۡحِدُونَ فِيٓ أَسۡمَٰٓئِهِۦۚ سَيُجۡزَوۡنَ مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ
Futhi angawaMvelinqangi amagama amahle ngakho-ke mubizeni ngawo nibayeke labo abaphika amagama akhe, bayonikwa umvuzo ngalokho ababekwenza
Ayah 180وَمِمَّنۡ خَلَقۡنَآ أُمَّةࣱ يَهۡدُونَ بِٱلۡحَقِّ وَبِهِۦ يَعۡدِلُونَ
Futhi kulabo esabadalayo kunomphakathi ohola (abanye) ngeqiniso futhi ngalo (iqiniso) wenza ubulungiswa
Ayah 181وَٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا سَنَسۡتَدۡرِجُهُم مِّنۡ حَيۡثُ لَا يَعۡلَمُونَ
Futhi labo abaphika amavesi ethu siyobaholela (ekubhujisweni) ngendlela abangayiboni
Ayah 182وَأُمۡلِي لَهُمۡۚ إِنَّ كَيۡدِي مَتِينٌ
Futhi ngibanika ithuba, ngempela isu lami linamandla
Ayah 183أَوَلَمۡ يَتَفَكَّرُواْۗ مَا بِصَاحِبِهِم مِّن جِنَّةٍۚ إِنۡ هُوَ إِلَّا نَذِيرࣱ مُّبِينٌ
Abacabangi yini ukuthi akuyena umngane (uMuhammad) wabo ohlanyayo na? Akayilutho ngaphandle kokuthi ungumxwayisi osobala
Ayah 184أَوَلَمۡ يَنظُرُواْ فِي مَلَكُوتِ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا خَلَقَ ٱللَّهُ مِن شَيۡءࣲ وَأَنۡ عَسَىٰٓ أَن يَكُونَ قَدِ ٱقۡتَرَبَ أَجَلُهُمۡۖ فَبِأَيِّ حَدِيثِۭ بَعۡدَهُۥ يُؤۡمِنُونَ
Abawuboniyiniumbusowamazulunomhlabanazozonkeizinto azidalayo uMvelinqangi nokuthi kungase kube sekusondele ukugcina kwezimpilo zabo, ngakube bayokholelwa kuyiphi inkulumo emva kwalena
Ayah 185مَن يُضۡلِلِ ٱللَّهُ فَلَا هَادِيَ لَهُۥۚ وَيَذَرُهُمۡ فِي طُغۡيَٰنِهِمۡ يَعۡمَهُونَ
Noma ngabe ngubani uMvelinqangi amshiya ekudukeni akekho oyomhola futhi ubashiya ekoneni kwabo bempumputheka
Ayah 186يَسۡـَٔلُونَكَ عَنِ ٱلسَّاعَةِ أَيَّانَ مُرۡسَىٰهَاۖ قُلۡ إِنَّمَا عِلۡمُهَا عِندَ رَبِّيۖ لَا يُجَلِّيهَا لِوَقۡتِهَآ إِلَّا هُوَۚ ثَقُلَتۡ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ لَا تَأۡتِيكُمۡ إِلَّا بَغۡتَةࣰۗ يَسۡـَٔلُونَكَ كَأَنَّكَ حَفِيٌّ عَنۡهَاۖ قُلۡ إِنَّمَا عِلۡمُهَا عِندَ ٱللَّهِ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يَعۡلَمُونَ
Bakubuza ngehora (usuku lokuvuka kwabafileyo) ukuthi liyofika nina ithi, “ulwazi lwalo luseNkosini yami kuphela akekho noyedwa owazi isikhathi sokufika kwalo ngaphandle kwakhe, liyasinda ngaphezulu kwamazulu nomhlaba angeke lifike kunina ngaphandle kokuthi lifike kungazelele”, bayakubuza sengathi unolwazi ngalo ithi, “ulwazi lwalo likuMvelinqangi kuphela kepha abantu abaningi abazi”
Ayah 187قُل لَّآ أَمۡلِكُ لِنَفۡسِي نَفۡعࣰ ا وَلَا ضَرًّا إِلَّا مَا شَآءَ ٱللَّهُۚ وَلَوۡ كُنتُ أَعۡلَمُ ٱلۡغَيۡبَ لَٱسۡتَكۡثَرۡتُ مِنَ ٱلۡخَيۡرِ وَمَا مَسَّنِيَ ٱلسُّوٓءُۚ إِنۡ أَنَا۠ إِلَّا نَذِيرࣱ وَبَشِيرࣱ لِّقَوۡمࣲ يُؤۡمِنُونَ
Ithi, “Anginawo amandla enzuzweni noma ekulimaleni kwami ngaphandle kwalokho okuthandwe nguMvelinqangi futhi ukube bengikwazi okungabonwayo bengizoqinisa kokuningi okuhle futhi abukho ububi obabuzongithinta angiyilutho nje ngaphandle kokuthi ngingumxwayisi nomlethi wezindaba ezimnandi kubantu abakholwayo”
Ayah 188۞هُوَ ٱلَّذِي خَلَقَكُم مِّن نَّفۡسࣲ وَٰحِدَةࣲ وَجَعَلَ مِنۡهَا زَوۡجَهَا لِيَسۡكُنَ إِلَيۡهَاۖ فَلَمَّا تَغَشَّىٰهَا حَمَلَتۡ حَمۡلًا خَفِيفࣰ ا فَمَرَّتۡ بِهِۦۖ فَلَمَّآ أَثۡقَلَت دَّعَوَا ٱللَّهَ رَبَّهُمَا لَئِنۡ ءَاتَيۡتَنَا صَٰلِحࣰ ا لَّنَكُونَنَّ مِنَ ٱلشَّٰكِرِينَ
Nguyena owanidalayo emphefumulweni owodwa (u-Adam) wadala kuwona umsizi wawo (u-Eva) ukuze (u-Adam) ahlale naye (u-Eva) ngakho-ke kwathi lapho emumboza (elala naye) wakhulelwa ukukhulelwa okulula wahamba nako, ngakho-ke kwathi lapho sekusinda bamemeza bobabili uMvelinqangi iNkosi yabo bobabili (bathi) uma usinika (ingane) elungileyo ngempela sizoba ngabanye bababongayo
Ayah 189فَلَمَّآ ءَاتَىٰهُمَا صَٰلِحࣰ ا جَعَلَا لَهُۥ شُرَكَآءَ فِيمَآ ءَاتَىٰهُمَاۚ فَتَعَٰلَى ٱللَّهُ عَمَّا يُشۡرِكُونَ
Kepha kwathi lapho esebanike (ingane) elungileyo bamenzela abahlanganyeli kulokho ayebanike kona bobabili, ngakho- ke uphakeme uMvelinqangi kunalokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni
Ayah 190أَيُشۡرِكُونَ مَا لَا يَخۡلُقُ شَيۡـࣰٔ ا وَهُمۡ يُخۡلَقُونَ
Ngakube benzela uMvelinqangi abahlanganyeli nalokho okungadali lutho kulapho bona badalwa na
Ayah 191وَلَا يَسۡتَطِيعُونَ لَهُمۡ نَصۡرࣰ ا وَلَآ أَنفُسَهُمۡ يَنصُرُونَ
Futhi (izithixo) azikwazi ukubasiza nemiphefumulo yabo ayikwazi ukuzisiza
Ayah 192وَإِن تَدۡعُوهُمۡ إِلَى ٱلۡهُدَىٰ لَا يَتَّبِعُوكُمۡۚ سَوَآءٌ عَلَيۡكُمۡ أَدَعَوۡتُمُوهُمۡ أَمۡ أَنتُمۡ صَٰمِتُونَ
Futhi uma nibamemela ekuholweni angeke banilandele kuyefana kunina (noma) niyabamema noma nina niyathula
Ayah 193إِنَّ ٱلَّذِينَ تَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ عِبَادٌ أَمۡثَالُكُمۡۖ فَٱدۡعُوهُمۡ فَلۡيَسۡتَجِيبُواْ لَكُمۡ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ
Ngempela labo enibamemezayo esikhundleni sikaMvelinqangi bayizinceku (badaliwe) njengani ngakho-ke bamemezeni baniphendule uma nina nineqiniso
Ayah 194أَلَهُمۡ أَرۡجُلࣱ يَمۡشُونَ بِهَآۖ أَمۡ لَهُمۡ أَيۡدࣲ يَبۡطِشُونَ بِهَآۖ أَمۡ لَهُمۡ أَعۡيُنࣱ يُبۡصِرُونَ بِهَآۖ أَمۡ لَهُمۡ ءَاذَانࣱ يَسۡمَعُونَ بِهَاۗ قُلِ ٱدۡعُواْ شُرَكَآءَكُمۡ ثُمَّ كِيدُونِ فَلَا تُنظِرُونِ
Ngakube banezinyawo abahamba ngazo noma banezandla ababamba ngazo noma banamehlo ababona ngawo noma banamadlebe abezwa ngawo na? Ithi bizani abahlanganyeli benu ekukhonzeni uMvelinqangi bese nibopha uzungu ngami ninganginiki ithuba
Ayah 195إِنَّ وَلِـِّۧيَ ٱللَّهُ ٱلَّذِي نَزَّلَ ٱلۡكِتَٰبَۖ وَهُوَ يَتَوَلَّى ٱلصَّٰلِحِينَ
Ngempela umvikeli wami nguMvelinqangi okunguyena owembula incwadi futhi yena ungumvikeli wabalungileyo
Ayah 196وَٱلَّذِينَ تَدۡعُونَ مِن دُونِهِۦ لَا يَسۡتَطِيعُونَ نَصۡرَكُمۡ وَلَآ أَنفُسَهُمۡ يَنصُرُونَ
Futhi labo enibamemezayo esikhundleni sakhe abakwazi ukunisiza noma ukuthi imiphefumulo yabo izisize
Ayah 197وَإِن تَدۡعُوهُمۡ إِلَى ٱلۡهُدَىٰ لَا يَسۡمَعُواْۖ وَتَرَىٰهُمۡ يَنظُرُونَ إِلَيۡكَ وَهُمۡ لَا يُبۡصِرُونَ
Futhi uma nibamemela ekuholweni abezwa futhi ubabona bebheke kuwena kepha bona ababoni
Ayah 198خُذِ ٱلۡعَفۡوَ وَأۡمُرۡ بِٱلۡعُرۡفِ وَأَعۡرِضۡ عَنِ ٱلۡجَٰهِلِينَ
Khombisa ukuthethelela uyale ngokulunga futhi ubafulathele (uqhelelane) nabangazi lutho
Ayah 199وَإِمَّا يَنزَغَنَّكَ مِنَ ٱلشَّيۡطَٰنِ نَزۡغࣱ فَٱسۡتَعِذۡ بِٱللَّهِۚ إِنَّهُۥ سَمِيعٌ عَلِيمٌ
Futhi uma ukunyenyeza (okungcolile) kuvela kuSathane ngakho-ke funa isiphephelo kuMvelinqangi ngempela yena uyezwa unolwazi
Ayah 200إِنَّ ٱلَّذِينَ ٱتَّقَوۡاْ إِذَا مَسَّهُمۡ طَٰٓئِفࣱ مِّنَ ٱلشَّيۡطَٰنِ تَذَكَّرُواْ فَإِذَا هُم مُّبۡصِرُونَ
Ngempelalaboabagwemaokubiumaufikakubonaumcabango omubi ovela kusathane abakhumbule (uMvelinqangi) uma kungukuthi bona bayakubona (okuyiqiniso)
Ayah 201وَإِخۡوَٰنُهُمۡ يَمُدُّونَهُمۡ فِي ٱلۡغَيِّ ثُمَّ لَا يُقۡصِرُونَ
Nabafowabo (abangalungile) babahloma ekuphambukeni ngokugxilile besekuthi bangayeki (ukuduka) maduzane
Ayah 202وَإِذَا لَمۡ تَأۡتِهِم بِـَٔايَةࣲ قَالُواْ لَوۡلَا ٱجۡتَبَيۡتَهَاۚ قُلۡ إِنَّمَآ أَتَّبِعُ مَا يُوحَىٰٓ إِلَيَّ مِن رَّبِّيۚ هَٰذَا بَصَآئِرُ مِن رَّبِّكُمۡ وَهُدࣰ ى وَرَحۡمَةࣱ لِّقَوۡمࣲ يُؤۡمِنُونَ
Futhi uma ungabaletheli isimangaliso (uphawu) bathi “kungani ungalulethanga (uphawu)”? Ithi “kuphela ngilandela lokho okwembuliwe kumina okuvela eNkosini yami, lena (yiQur’an) ubufakazi obuvela eNkosini yenu nokuholwa nomusa kubantu abakholwayo”
Ayah 203وَإِذَا قُرِئَ ٱلۡقُرۡءَانُ فَٱسۡتَمِعُواْ لَهُۥ وَأَنصِتُواْ لَعَلَّكُمۡ تُرۡحَمُونَ
Futhi uma kufundwa iQur’an ngakho-ke yilaleleni futhi nithule ukuze ninikwe umusa
Ayah 204وَٱذۡكُر رَّبَّكَ فِي نَفۡسِكَ تَضَرُّعࣰ ا وَخِيفَةࣰ وَدُونَ ٱلۡجَهۡرِ مِنَ ٱلۡقَوۡلِ بِٱلۡغُدُوِّ وَٱلۡأٓصَالِ وَلَا تَكُن مِّنَ ٱلۡغَٰفِلِينَ
Futhi khumbula iNkosi yakho emphefumulweni wakho ngokuzithoba nangokwesaba nangezwi elingamemezi ekuseni nakusihlwa futhi ungabi ngomunye wabanganakile
Ayah 205إِنَّ ٱلَّذِينَ عِندَ رَبِّكَ لَا يَسۡتَكۡبِرُونَ عَنۡ عِبَادَتِهِۦ وَيُسَبِّحُونَهُۥ وَلَهُۥ يَسۡجُدُونَۤ۩
Ngempela labo abakanye neNkosi yakho (izingelosi) azizigqaji ekumkhonzeni futhi ziyayidumisa (iNkosi yakho) futhi ziyayiguqela
Ayah 206