Surah Al-Qasas — The Stories

Surah Al-Qasas (The Stories) is chapter 28 of the Quran, with 88 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.

طسٓمٓ

Twa Seen Meem

Ayah 1

تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱلۡكِتَٰبِ ٱلۡمُبِينِ

Lawa ngamavesi encwadi ecacile

Ayah 2

نَتۡلُواْ عَلَيۡكَ مِن نَّبَإِ مُوسَىٰ وَفِرۡعَوۡنَ بِٱلۡحَقِّ لِقَوۡمࣲ يُؤۡمِنُونَ

Siwafundela wena ngeqinso ezindabeni zikaMose kanye noFaro, ebantwini abakholwayo

Ayah 3

إِنَّ فِرۡعَوۡنَ عَلَا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَجَعَلَ أَهۡلَهَا شِيَعࣰ ا يَسۡتَضۡعِفُ طَآئِفَةࣰ مِّنۡهُمۡ يُذَبِّحُ أَبۡنَآءَهُمۡ وَيَسۡتَحۡيِۦ نِسَآءَهُمۡۚ إِنَّهُۥ كَانَ مِنَ ٱلۡمُفۡسِدِينَ

Ngempela uFaro waziphakamisa emhlabeni wenza abantu bawo amaqembu ecindezela iqembu (labantwana baka-Israel) phakathi kwabo ebulala amadodana abo eshiya abesifazane babo bephila, ngempela yena wayengomunye wabacindezeli

Ayah 4

وَنُرِيدُ أَن نَّمُنَّ عَلَى ٱلَّذِينَ ٱسۡتُضۡعِفُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَنَجۡعَلَهُمۡ أَئِمَّةࣰ وَنَجۡعَلَهُمُ ٱلۡوَٰرِثِينَ

Futhi sasifuna ukubeka umusa phezu kwalabo ababenziwe baba buthakathaka emhlabeni, futhi sibenze babengabaholi futhi sibenze izindlalifa

Ayah 5

وَنُمَكِّنَ لَهُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَنُرِيَ فِرۡعَوۡنَ وَهَٰمَٰنَ وَجُنُودَهُمَا مِنۡهُم مَّا كَانُواْ يَحۡذَرُونَ

Futhi sibazinzise emhlabeni futhi sikhombize ufaro, Haman kanye namabuthoabo bobabili avela phakathi kwabo lokho abakwesabayo

Ayah 6

وَأَوۡحَيۡنَآ إِلَىٰٓ أُمِّ مُوسَىٰٓ أَنۡ أَرۡضِعِيهِۖ فَإِذَا خِفۡتِ عَلَيۡهِ فَأَلۡقِيهِ فِي ٱلۡيَمِّ وَلَا تَخَافِي وَلَا تَحۡزَنِيٓۖ إِنَّا رَآدُّوهُ إِلَيۡكِ وَجَاعِلُوهُ مِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ

Futhi sakwembula kunina kaMose ukuthi amncelise uma unokwesaba ngaye ngakho-ke mphonse emfuleni, ungesabi futhi ungaphatheki kabi ngempela thina sizomphindise la kuwena futhi sizomenza omunye wezithunywa

Ayah 7

فَٱلۡتَقَطَهُۥٓ ءَالُ فِرۡعَوۡنَ لِيَكُونَ لَهُمۡ عَدُوࣰّ ا وَحَزَنًاۗ إِنَّ فِرۡعَوۡنَ وَهَٰمَٰنَ وَجُنُودَهُمَا كَانُواْ خَٰطِـِٔينَ

Ngakho-ke abantu baFaro bamthatha ukuze abeyisitha nosizi kubona, ngempela uFaro noHaman kanye namabutho abo bobabili babeyizoni

Ayah 8

وَقَالَتِ ٱمۡرَأَتُ فِرۡعَوۡنَ قُرَّتُ عَيۡنࣲ لِّي وَلَكَۖ لَا تَقۡتُلُوهُ عَسَىٰٓ أَن يَنفَعَنَآ أَوۡ نَتَّخِذَهُۥ وَلَدࣰ ا وَهُمۡ لَا يَشۡعُرُونَ

Futhi unkosikazi kaFaro wathi, “ungumduduzi wehlo lami nehlo lakho ungambulali angase abewusizo kuthina noma simthathe njengendodana” lapho bengazi

Ayah 9

وَأَصۡبَحَ فُؤَادُ أُمِّ مُوسَىٰ فَٰرِغًاۖ إِن كَادَتۡ لَتُبۡدِي بِهِۦ لَوۡلَآ أَن رَّبَطۡنَا عَلَىٰ قَلۡبِهَا لِتَكُونَ مِنَ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ

Futhi inhliziyo kanina kaMose yaba igobongo, wacishe wamveza ukube sasingayiqinisanga inhliziyo yakhe ukuze ahlale engomunye wabakholwayo

Ayah 10

وَقَالَتۡ لِأُخۡتِهِۦ قُصِّيهِۖ فَبَصُرَتۡ بِهِۦ عَن جُنُبࣲ وَهُمۡ لَا يَشۡعُرُونَ

Futhi owesifazane (unina ka-Mose) wathi kudadewabo wesilisa “mlandele owesilisa” owesifazane (udade wabo) wayesembheka owesilisa ebuqamama kulapho bona bengaboni

Ayah 11

۞وَحَرَّمۡنَا عَلَيۡهِ ٱلۡمَرَاضِعَ مِن قَبۡلُ فَقَالَتۡ هَلۡ أَدُلُّكُمۡ عَلَىٰٓ أَهۡلِ بَيۡتࣲ يَكۡفُلُونَهُۥ لَكُمۡ وَهُمۡ لَهُۥ نَٰصِحُونَ

Futhi ngaphambilini samuqabela ukuthi angancela kwabanye abancelisi bese udade wabo wayesithi, “nginganikhombisa yini abantu bomndeni abazonikhulisela yena futhi abazomeluleka na?”

Ayah 12

فَرَدَدۡنَٰهُ إِلَىٰٓ أُمِّهِۦ كَيۡ تَقَرَّ عَيۡنُهَا وَلَا تَحۡزَنَ وَلِتَعۡلَمَ أَنَّ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقࣱّ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ

Ngakho-ke samphindisela kunina ukuze amehlo akhe aduduzeke futhi angabi lusizi nokuthi azi ukuthi isethembiso sika Mvelinqangi siyiqiniso kepha iningi labo alazi

Ayah 13

وَلَمَّا بَلَغَ أَشُدَّهُۥ وَٱسۡتَوَىٰٓ ءَاتَيۡنَٰهُ حُكۡمࣰ ا وَعِلۡمࣰ اۚ وَكَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ

Futhi kwathi lapho esekhulile ngokuphelele samupha ubuhlakani nolwazi, sibapha kanjalo umvuzo abenza okuhle

Ayah 14

وَدَخَلَ ٱلۡمَدِينَةَ عَلَىٰ حِينِ غَفۡلَةࣲ مِّنۡ أَهۡلِهَا فَوَجَدَ فِيهَا رَجُلَيۡنِ يَقۡتَتِلَانِ هَٰذَا مِن شِيعَتِهِۦ وَهَٰذَا مِنۡ عَدُوِّهِۦۖ فَٱسۡتَغَٰثَهُ ٱلَّذِي مِن شِيعَتِهِۦ عَلَى ٱلَّذِي مِنۡ عَدُوِّهِۦ فَوَكَزَهُۥ مُوسَىٰ فَقَضَىٰ عَلَيۡهِۖ قَالَ هَٰذَا مِنۡ عَمَلِ ٱلشَّيۡطَٰنِۖ إِنَّهُۥ عَدُوࣱّ مُّضِلࣱّ مُّبِينࣱ‏

Futhi (uMose) wangena edolobheni ngenkathi abantu balo benganakile wafica khona amadoda amaibili elwa omunye engoweqembu lakhe futhi omunye (engoweqembu) lezitha zakhe, ngakho-ke lowo ongoweqembu lakhe wacela usizo kuyena ukuze abhekane nesitha sakhe, ngakho-ke uMose wamshaya ngesibhakela wambulala wathi “lokhu kungomunye womsebenzi kasathane, ngempela yena uyisitha esicacile esidukisayo

Ayah 15

قَالَ رَبِّ إِنِّي ظَلَمۡتُ نَفۡسِي فَٱغۡفِرۡ لِي فَغَفَرَ لَهُۥٓۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلۡغَفُورُ ٱلرَّحِيمُ

Wathi, “Nkosi yami ngempela mina ngiwonile umphefumulo wami ngakho-ke ngithethelele” yamthethelela ngempela yona iyathethelela inesihawu

Ayah 16

قَالَ رَبِّ بِمَآ أَنۡعَمۡتَ عَلَيَّ فَلَنۡ أَكُونَ ظَهِيرࣰ ا لِّلۡمُجۡرِمِينَ

Wathi, “Nkosi yami, ngenxa yobubele ongenzele bona ngakho-ke angisoze ngaba ngumsizi wezoni”

Ayah 17

فَأَصۡبَحَ فِي ٱلۡمَدِينَةِ خَآئِفࣰ ا يَتَرَقَّبُ فَإِذَا ٱلَّذِي ٱسۡتَنصَرَهُۥ بِٱلۡأَمۡسِ يَسۡتَصۡرِخُهُۥۚ قَالَ لَهُۥ مُوسَىٰٓ إِنَّكَ لَغَوِيࣱّ مُّبِينࣱ‏

Ngakho-ke waphenduka owesabayo edolobheni ebheka emaceleni, kulapho lowo owayecele kuyena usizo ngayizolo ecela usizo kuyena uMose wathi kuyena “ngempela wena uhlale unochuku olugqamile”

Ayah 18

فَلَمَّآ أَنۡ أَرَادَ أَن يَبۡطِشَ بِٱلَّذِي هُوَ عَدُوࣱّ لَّهُمَا قَالَ يَٰمُوسَىٰٓ أَتُرِيدُ أَن تَقۡتُلَنِي كَمَا قَتَلۡتَ نَفۡسَۢا بِٱلۡأَمۡسِۖ إِن تُرِيدُ إِلَّآ أَن تَكُونَ جَبَّارࣰ ا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَمَا تُرِيدُ أَن تَكُونَ مِنَ ٱلۡمُصۡلِحِينَ

Ngakho-ke kwathi lapho efuna ukumbamba lowo oyisitha sabo bobabili wathi, “Oh Mose! Ngakube ufuna ukungibulala njengoba ubulale umuntu izolo na? awufuni lutho ngaphandle kokuba yisidlova ezweni futhi awufuni ukuba ngomunye wabalungileyo”

Ayah 19

وَجَآءَ رَجُلࣱ مِّنۡ أَقۡصَا ٱلۡمَدِينَةِ يَسۡعَىٰ قَالَ يَٰمُوسَىٰٓ إِنَّ ٱلۡمَلَأَ يَأۡتَمِرُونَ بِكَ لِيَقۡتُلُوكَ فَٱخۡرُجۡ إِنِّي لَكَ مِنَ ٱلنَّٰصِحِينَ

Futhi kweza umuntu egijima eqhamuka endaweni eqhelelene kakhulu nedolobha wathi, “Oh Mose! Ngempela abaholi babopha uzungu ngawe ukuthi bakubulale ngakho-ke hamba ngempela mina ngingomunye wabeluleki

Ayah 20

فَخَرَجَ مِنۡهَا خَآئِفࣰ ا يَتَرَقَّبُۖ قَالَ رَبِّ نَجِّنِي مِنَ ٱلۡقَوۡمِ ٱلظَّٰلِمِينَ

Ngakho-kewemukakulona(idolobha) esaba, ejeqezaemaceleni wathi “Nkosi yami ngisindise ebantwini abangalungile”

Ayah 21

وَلَمَّا تَوَجَّهَ تِلۡقَآءَ مَدۡيَنَ قَالَ عَسَىٰ رَبِّيٓ أَن يَهۡدِيَنِي سَوَآءَ ٱلسَّبِيلِ

Futhi kwathi lapho elibhekise eMadyan wathi, “Ngifisa ukuthi iNkosi yami ingiholele endleleni eqondile”

Ayah 22

وَلَمَّا وَرَدَ مَآءَ مَدۡيَنَ وَجَدَ عَلَيۡهِ أُمَّةࣰ مِّنَ ٱلنَّاسِ يَسۡقُونَ وَوَجَدَ مِن دُونِهِمُ ٱمۡرَأَتَيۡنِ تَذُودَانِۖ قَالَ مَا خَطۡبُكُمَاۖ قَالَتَا لَا نَسۡقِي حَتَّىٰ يُصۡدِرَ ٱلرِّعَآءُۖ وَأَبُونَا شَيۡخࣱ كَبِيرࣱ‏

Futhi kwathi lapho esefika emanzini aseMadyan wafica isixuku sabantu siphuzisa (imfuyo) amanzi futhi ngaphandle kwaso (isixuku sabantu) wafica abesifazane ababili ababemise (imihlambiyaboukubaingaphuziuMose) wathi,“kwenzenjani ngani nobabili” bobabili bathi, “angeke siyiphuzise (imihlambi yethu amanzi) kuze kube abelusi basusa (imihlambi yabo) futhi ubaba wethu usekhule kakhulu”

Ayah 23

فَسَقَىٰ لَهُمَا ثُمَّ تَوَلَّىٰٓ إِلَى ٱلظِّلِّ فَقَالَ رَبِّ إِنِّي لِمَآ أَنزَلۡتَ إِلَيَّ مِنۡ خَيۡرࣲ فَقِيرࣱ‏

Ngakho-ke wabaphuzisela bobabili (imihlambi yabo) wayesephenduka eya emthunzini wayesethi, “Nkosi yami ngempela mina nginesidingo sanoma ngabe yini enhle oyehlisele phezu kwami”

Ayah 24

فَجَآءَتۡهُ إِحۡدَىٰهُمَا تَمۡشِي عَلَى ٱسۡتِحۡيَآءࣲ قَالَتۡ إِنَّ أَبِي يَدۡعُوكَ لِيَجۡزِيَكَ أَجۡرَ مَا سَقَيۡتَ لَنَاۚ فَلَمَّا جَآءَهُۥ وَقَصَّ عَلَيۡهِ ٱلۡقَصَصَ قَالَ لَا تَخَفۡۖ نَجَوۡتَ مِنَ ٱلۡقَوۡمِ ٱلظَّٰلِمِينَ

Ngakho-ke oyedwa wabesifazane ababili weza kuyena ehamba ekhophoza wathi owesifazane, “ngempela ubaba wami uyakumema ukuze akunike umvuzo ngokusiphuzisela kwakho (imihlambi) ngakho-ke kwathi lapho esefika kuyena wamxoxela indaba wathi ungesabi uphephile ebantwini abangalungile

Ayah 25

قَالَتۡ إِحۡدَىٰهُمَا يَٰٓأَبَتِ ٱسۡتَـٔۡجِرۡهُۖ إِنَّ خَيۡرَ مَنِ ٱسۡتَـٔۡجَرۡتَ ٱلۡقَوِيُّ ٱلۡأَمِينُ

Owesifazane oyedwa kubona bobabili wathi, “Oh baba wami! Mqashe ngempela ungumuntu ongcono kakhulu ukuba umqashe unamandla, wethembekile”

Ayah 26

قَالَ إِنِّيٓ أُرِيدُ أَنۡ أُنكِحَكَ إِحۡدَى ٱبۡنَتَيَّ هَٰتَيۡنِ عَلَىٰٓ أَن تَأۡجُرَنِي ثَمَٰنِيَ حِجَجࣲۖ فَإِنۡ أَتۡمَمۡتَ عَشۡرࣰ ا فَمِنۡ عِندِكَۖ وَمَآ أُرِيدُ أَنۡ أَشُقَّ عَلَيۡكَۚ سَتَجِدُنِيٓ إِن شَآءَ ٱللَّهُ مِنَ ٱلصَّٰلِحِينَ

Wathi (uyise wabesifazane ababili) “ngempela mina ngithanda ukuba ushade neyodwa yamadodakazi ami amabili ngesivumelwano sokuba ungisebenzele iminyaka eyisishiyagalombili kepha uma uqeda eyishumi kuyobe kungentando yakho futhi angithandi ukukubeka ebunzimeni uzongifumana ngingomunye wabalungileyo uma uMvelinqangi ethanda

Ayah 27

قَالَ ذَٰلِكَ بَيۡنِي وَبَيۡنَكَۖ أَيَّمَا ٱلۡأَجَلَيۡنِ قَضَيۡتُ فَلَا عُدۡوَٰنَ عَلَيَّۖ وَٱللَّهُ عَلَىٰ مَا نَقُولُ وَكِيلࣱ‏

Wathi lokho kuphakathi kwami nawe noma ngabe yikuphi kwako kokubili engiyokufeza angeke kubekhona okungenabo ubulungiswa kumina futhi uMvelinqangi ungaphezu kwalokho esikushoyo

Ayah 28

۞فَلَمَّا قَضَىٰ مُوسَى ٱلۡأَجَلَ وَسَارَ بِأَهۡلِهِۦٓ ءَانَسَ مِن جَانِبِ ٱلطُّورِ نَارࣰ اۖ قَالَ لِأَهۡلِهِ ٱمۡكُثُوٓاْ إِنِّيٓ ءَانَسۡتُ نَارࣰ ا لَّعَلِّيٓ ءَاتِيكُم مِّنۡهَا بِخَبَرٍ أَوۡ جَذۡوَةࣲ مِّنَ ٱلنَّارِ لَعَلَّكُمۡ تَصۡطَلُونَ

Ngakho-ke kwathi lapho uMose esesiqedile isikhathi esimisiwe futhi esehamba nomndeni wakhe wabona umlilo eceleni kweTur wathi emndenini wakhe, “yimani ngempela mina ngibone umlilo ngingeza kunina nezindaba ezivela kuwona noma isikhuni somlilo ukuze nizifudumeze”

Ayah 29

فَلَمَّآ أَتَىٰهَا نُودِيَ مِن شَٰطِيِٕ ٱلۡوَادِ ٱلۡأَيۡمَنِ فِي ٱلۡبُقۡعَةِ ٱلۡمُبَٰرَكَةِ مِنَ ٱلشَّجَرَةِ أَن يَٰمُوسَىٰٓ إِنِّيٓ أَنَا ٱللَّهُ رَبُّ ٱلۡعَٰلَمِينَ

Ngakho-ke kwathi lapho esefika kuwona wamenyezwa eceleni langakwe sokudla lesogodi endaweni ebusisiwe esihlahleni Oh Mose! Ngempela mina nginguMvelinqangi iNkosi yemihlaba

Ayah 30

وَأَنۡ أَلۡقِ عَصَاكَۚ فَلَمَّا رَءَاهَا تَهۡتَزُّ كَأَنَّهَا جَآنࣱّ وَلَّىٰ مُدۡبِرࣰ ا وَلَمۡ يُعَقِّبۡۚ يَٰمُوسَىٰٓ أَقۡبِلۡ وَلَا تَخَفۡۖ إِنَّكَ مِنَ ٱلۡأٓمِنِينَ

Futhi phonsa induku yakho phansi, ngakho-ke kwathi lapho eseyibona inyakaza sengathi iyinyoka waphenduka wabaleka wangabe esabheka emumva Oh Mose! Sondela ungesabi ngempela wena ungomunye wabaphephile

Ayah 31

ٱسۡلُكۡ يَدَكَ فِي جَيۡبِكَ تَخۡرُجۡ بَيۡضَآءَ مِنۡ غَيۡرِ سُوٓءࣲ وَٱضۡمُمۡ إِلَيۡكَ جَنَاحَكَ مِنَ ٱلرَّهۡبِۖ فَذَٰنِكَ بُرۡهَٰنَانِ مِن رَّبِّكَ إِلَىٰ فِرۡعَوۡنَ وَمَلَإِيْهِۦٓۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ قَوۡمࣰ ا فَٰسِقِينَ

Faka isandla sakho ephaketheni lakho sizophuma simhlophe singenabo ububi futhi sondeza isandla sakho kuwena ukuze uqede ukwesaba lezi yizimpawu ezimbili ezivela eNkosini yakho ziya kuFaro nabaholi bakhe ngempela bona bangabantu abangahloniphi

Ayah 32

قَالَ رَبِّ إِنِّي قَتَلۡتُ مِنۡهُمۡ نَفۡسࣰ ا فَأَخَافُ أَن يَقۡتُلُونِ

Wathi (uMose), “Nkosi yami ngempela mina ngabulala umuntu kubona ngakho-ke ngiyesaba ukuthi bazongibulala

Ayah 33

وَأَخِي هَٰرُونُ هُوَ أَفۡصَحُ مِنِّي لِسَانࣰ ا فَأَرۡسِلۡهُ مَعِيَ رِدۡءࣰ ا يُصَدِّقُنِيٓۖ إِنِّيٓ أَخَافُ أَن يُكَذِّبُونِ

Kodwa umfowethu u-Aroni yena ukhuluma kangcono kunami ngakho-ke mthumele kanye nami njengomsizi angiqinise ngempela mina ngiyesaba ukuthi bazongiphika

Ayah 34

قَالَ سَنَشُدُّ عَضُدَكَ بِأَخِيكَ وَنَجۡعَلُ لَكُمَا سُلۡطَٰنࣰ ا فَلَا يَصِلُونَ إِلَيۡكُمَا بِـَٔايَٰتِنَآۚ أَنتُمَا وَمَنِ ٱتَّبَعَكُمَا ٱلۡغَٰلِبُونَ

Wathi, “sizoqinisa ingalo yakho ngomfowenu futhi nobabili sizoninikeza igunya lokuthi bangafinyeleli kunina nobabili ngezimpawu zethu, nina nobabili kanye nanoma ngabe ngubani onilandelayo nobabili niyoba ngabanqobi”

Ayah 35

فَلَمَّا جَآءَهُم مُّوسَىٰ بِـَٔايَٰتِنَا بَيِّنَٰتࣲ قَالُواْ مَا هَٰذَآ إِلَّا سِحۡرࣱ مُّفۡتَرࣰ ى وَمَا سَمِعۡنَا بِهَٰذَا فِيٓ ءَابَآئِنَا ٱلۡأَوَّلِينَ

Ngakho-ke kwathi lapho uMose esefika kubona nezimpawu zethu ezicacile bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kokuba ngumlingo owenziwe futhi asikaze sizwe ngalokhu kobaba bethu basendulo”

Ayah 36

وَقَالَ مُوسَىٰ رَبِّيٓ أَعۡلَمُ بِمَن جَآءَ بِٱلۡهُدَىٰ مِنۡ عِندِهِۦ وَمَن تَكُونُ لَهُۥ عَٰقِبَةُ ٱلدَّارِۚ إِنَّهُۥ لَا يُفۡلِحُ ٱلظَّٰلِمُونَ

Futhi uMose wathi, “iNkosi yami yazi kangcono ngalowo owafika nokuhola okuvela kuyona kanye nalowo oyoba nesiphetho esihle empilweni ezayo, ngempela yona ayiziphumelelisi izoni”

Ayah 37

وَقَالَ فِرۡعَوۡنُ يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡمَلَأُ مَا عَلِمۡتُ لَكُم مِّنۡ إِلَٰهٍ غَيۡرِي فَأَوۡقِدۡ لِي يَٰهَٰمَٰنُ عَلَى ٱلطِّينِ فَٱجۡعَل لِّي صَرۡحࣰ ا لَّعَلِّيٓ أَطَّلِعُ إِلَىٰٓ إِلَٰهِ مُوسَىٰ وَإِنِّي لَأَظُنُّهُۥ مِنَ ٱلۡكَٰذِبِينَ

Futhi uFaro wathi “Oh baholi! Angazi ukuthi ninaye unkulunkulu ngaphandle kwami ngakho-ke ngibasele (umlilo) we Haman (ukuze wenze izitini) ngobumba bese ungenzela indlu ephakeme ukuze ngigibele ngibone uNkulunkulu kaMose futhi ngempela mina ngicabanga ukuthi yena ungomunye wabaqamba amanga

Ayah 38

وَٱسۡتَكۡبَرَ هُوَ وَجُنُودُهُۥ فِي ٱلۡأَرۡضِ بِغَيۡرِ ٱلۡحَقِّ وَظَنُّوٓاْ أَنَّهُمۡ إِلَيۡنَا لَا يُرۡجَعُونَ

Futhi wayeqhosha yena namabutho akhe ezweni ngokungesilona iqiniso futhi babecabanga ukuthi angeke babuyiselwe kuthina

Ayah 39

فَأَخَذۡنَٰهُ وَجُنُودَهُۥ فَنَبَذۡنَٰهُمۡ فِي ٱلۡيَمِّۖ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلظَّٰلِمِينَ

Ngakho-ke samthatha kanye namabutho akhe sabaphonsa olwandle ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni

Ayah 40

وَجَعَلۡنَٰهُمۡ أَئِمَّةࣰ يَدۡعُونَ إِلَى ٱلنَّارِۖ وَيَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ لَا يُنصَرُونَ

Futhi sabenza ukuthi babengabaholi abamemela emlilweni futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo angeke balekelelwe

Ayah 41

وَأَتۡبَعۡنَٰهُمۡ فِي هَٰذِهِ ٱلدُّنۡيَا لَعۡنَةࣰۖ وَيَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ هُم مِّنَ ٱلۡمَقۡبُوحِينَ

Futhi sabalandelanisa ngesiqalekiso kulomhlaba futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo bona bayokuba ngabanye babavinjelwe emseni kaMvelinqangi

Ayah 42

وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا مُوسَى ٱلۡكِتَٰبَ مِنۢ بَعۡدِ مَآ أَهۡلَكۡنَا ٱلۡقُرُونَ ٱلۡأُولَىٰ بَصَآئِرَ لِلنَّاسِ وَهُدࣰ ى وَرَحۡمَةࣰ لَّعَلَّهُمۡ يَتَذَكَّرُونَ

Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi emva kokuba sesibhubhise izinkulungwane zasemandulo, ukukhanyiselwa kwabantu nokuholwa kanye nomusa ukuze mhlawumbe bakhumbule

Ayah 43

وَمَا كُنتَ بِجَانِبِ ٱلۡغَرۡبِيِّ إِذۡ قَضَيۡنَآ إِلَىٰ مُوسَى ٱلۡأَمۡرَ وَمَا كُنتَ مِنَ ٱلشَّٰهِدِينَ

Futhi wawungekho ngaseduzane nentshonalanga ngenkathi senza impoqo kuMose futhi wawungesiyena omunye wofakazi

Ayah 44

وَلَٰكِنَّآ أَنشَأۡنَا قُرُونࣰ ا فَتَطَاوَلَ عَلَيۡهِمُ ٱلۡعُمُرُۚ وَمَا كُنتَ ثَاوِيࣰ ا فِيٓ أَهۡلِ مَدۡيَنَ تَتۡلُواْ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتِنَا وَلَٰكِنَّا كُنَّا مُرۡسِلِينَ

Kepha saziveza izizukulwane sazelulela izikhathi zempilo yazo futhi wawungahlali nabantu baseMidyani ubafundele amavesi ethu kepha yithina esingabathumeli (baleyomyalezo)

Ayah 45

وَمَا كُنتَ بِجَانِبِ ٱلطُّورِ إِذۡ نَادَيۡنَا وَلَٰكِن رَّحۡمَةࣰ مِّن رَّبِّكَ لِتُنذِرَ قَوۡمࣰ ا مَّآ أَتَىٰهُم مِّن نَّذِيرࣲ مِّن قَبۡلِكَ لَعَلَّهُمۡ يَتَذَكَّرُونَ

Futhi wawungekho eduzane nentaba ngenkathi sasimemeza, kepha ngumusa ovela eNkosini yakho ukuze uxwayise abantu okungazange kufike kubona umxwayisi ngaphambilini kwakho ukuze bakhumbule

Ayah 46

وَلَوۡلَآ أَن تُصِيبَهُم مُّصِيبَةُۢ بِمَا قَدَّمَتۡ أَيۡدِيهِمۡ فَيَقُولُواْ رَبَّنَا لَوۡلَآ أَرۡسَلۡتَ إِلَيۡنَا رَسُولࣰ ا فَنَتَّبِعَ ءَايَٰتِكَ وَنَكُونَ مِنَ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ

Futhi uma bengase behlelwe okubi ngenxa yalokho okuthunyelwe yizandla zabo ngaphambili bathi, “Nkosi yethu kungani ungasithumelanga kuthina isithunywa ukuze silandele amavesi akho bese siba ngabanye babakholwayo na

Ayah 47

فَلَمَّا جَآءَهُمُ ٱلۡحَقُّ مِنۡ عِندِنَا قَالُواْ لَوۡلَآ أُوتِيَ مِثۡلَ مَآ أُوتِيَ مُوسَىٰٓۚ أَوَلَمۡ يَكۡفُرُواْ بِمَآ أُوتِيَ مُوسَىٰ مِن قَبۡلُۖ قَالُواْ سِحۡرَانِ تَظَٰهَرَا وَقَالُوٓاْ إِنَّا بِكُلࣲّ كَٰفِرُونَ

Ngakho-ke kwathi lapho sebefikelwa yiqiniso elivela kuthina bathi, “kungani enganikezwanga (izimpawu) ezifana nalezo ezanikezwa uMose na? Ngakube abakholelwa yini kulokho okwanikezwa uMose ngaphambilini” bathi “imilingo emibili omunye welekelela omunye futhi bathi ngempela asikholelwa kukona kokubili”

Ayah 48

قُلۡ فَأۡتُواْ بِكِتَٰبࣲ مِّنۡ عِندِ ٱللَّهِ هُوَ أَهۡدَىٰ مِنۡهُمَآ أَتَّبِعۡهُ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ

Ithi “ngakho-ke lethani incwadi evela kuMvelinqangi okuyiyona ehola kangcono kunalezi zombili engizoyilanda uma kungukuthi nina nineqiniso

Ayah 49

فَإِن لَّمۡ يَسۡتَجِيبُواْ لَكَ فَٱعۡلَمۡ أَنَّمَا يَتَّبِعُونَ أَهۡوَآءَهُمۡۚ وَمَنۡ أَضَلُّ مِمَّنِ ٱتَّبَعَ هَوَىٰهُ بِغَيۡرِ هُدࣰ ى مِّنَ ٱللَّهِۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلظَّٰلِمِينَ

Kepha uma bengakuphenduli ngakho-ke yazi ukuthi kuphela balandela izinkanuko zabo futhi ngubani ophambuke kakhulu kunalowo olandela izinkanuko zakhe ngaphandle kokuholwa okuvela kuMvelinqangi ngempela uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni

Ayah 50

۞وَلَقَدۡ وَصَّلۡنَا لَهُمُ ٱلۡقَوۡلَ لَعَلَّهُمۡ يَتَذَكَّرُونَ

Futhi ngempela sabathumelela izwi ukuze bakhumbule

Ayah 51

ٱلَّذِينَ ءَاتَيۡنَٰهُمُ ٱلۡكِتَٰبَ مِن قَبۡلِهِۦ هُم بِهِۦ يُؤۡمِنُونَ

Labo esabanikeza incwadi ngaphambilini kwayo, bona bakholelwa kuyona

Ayah 52

وَإِذَا يُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ قَالُوٓاْ ءَامَنَّا بِهِۦٓ إِنَّهُ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّنَآ إِنَّا كُنَّا مِن قَبۡلِهِۦ مُسۡلِمِينَ

Futhi uma befundelwa yona bathi “siyakholelwa kuyona ngempela yona iyiqiniso elivela eNkosini yethu ngempela thina ngaphambilini kwayo, sasingabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi

Ayah 53

أُوْلَٰٓئِكَ يُؤۡتَوۡنَ أَجۡرَهُم مَّرَّتَيۡنِ بِمَا صَبَرُواْ وَيَدۡرَءُونَ بِٱلۡحَسَنَةِ ٱلسَّيِّئَةَ وَمِمَّا رَزَقۡنَٰهُمۡ يُنفِقُونَ

Labo bayonikezwa umvuzo wabo amahlandla amabili ngenxa yokuthi babebekezela besusa okubi ngokuhle futhi bayephana ngaloko esababela kona

Ayah 54

وَإِذَا سَمِعُواْ ٱللَّغۡوَ أَعۡرَضُواْ عَنۡهُ وَقَالُواْ لَنَآ أَعۡمَٰلُنَا وَلَكُمۡ أَعۡمَٰلُكُمۡ سَلَٰمٌ عَلَيۡكُمۡ لَا نَبۡتَغِي ٱلۡجَٰهِلِينَ

Futhi uma bezwa inkulumo embi bayaqhelelana nayo futhi bathi, “okwethu yimisebenzi yethu nokwenu yimisebenzi yenu, ukuthula makube kunina asibathandi abangazi lutho

Ayah 55

إِنَّكَ لَا تَهۡدِي مَنۡ أَحۡبَبۡتَ وَلَٰكِنَّ ٱللَّهَ يَهۡدِي مَن يَشَآءُۚ وَهُوَ أَعۡلَمُ بِٱلۡمُهۡتَدِينَ

Ngempela wena awumholi lowo omthandayo kepha nguMvelinqangi ohola lowo amthandayo futhi yena wazi kangcono ngabaholiweyo

Ayah 56

وَقَالُوٓاْ إِن نَّتَّبِعِ ٱلۡهُدَىٰ مَعَكَ نُتَخَطَّفۡ مِنۡ أَرۡضِنَآۚ أَوَلَمۡ نُمَكِّن لَّهُمۡ حَرَمًا ءَامِنࣰ ا يُجۡبَىٰٓ إِلَيۡهِ ثَمَرَٰتُ كُلِّ شَيۡءࣲ رِّزۡقࣰ ا مِّن لَّدُنَّا وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ

Futhi bathi, “uma silandela ukuholwa kanye nawe sizosuswa ezweni lethu” asizange yini sibabekele indawo engcwele ephephile ekulethwa kuyona izithelo eziyizinhlobonhlobo okuyisabelo esivela kuthina kepha iningi labo alazi

Ayah 57

وَكَمۡ أَهۡلَكۡنَا مِن قَرۡيَةِۭ بَطِرَتۡ مَعِيشَتَهَاۖ فَتِلۡكَ مَسَٰكِنُهُمۡ لَمۡ تُسۡكَن مِّنۢ بَعۡدِهِمۡ إِلَّا قَلِيلࣰ اۖ وَكُنَّا نَحۡنُ ٱلۡوَٰرِثِينَ

Futhi mangaki amadolobha esawabhubhisa ayengazibongi izindlela zawo zokuphila na? Ngakho-ke lezo yizindawo zabo zokuhlala ekungazange kuhlalwe kuzona ngemva kwabo ngaphandle kwesikhashana futhi thina sasiyizindlalifa

Ayah 58

وَمَا كَانَ رَبُّكَ مُهۡلِكَ ٱلۡقُرَىٰ حَتَّىٰ يَبۡعَثَ فِيٓ أُمِّهَا رَسُولࣰ ا يَتۡلُواْ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتِنَاۚ وَمَا كُنَّا مُهۡلِكِي ٱلۡقُرَىٰٓ إِلَّا وَأَهۡلُهَا ظَٰلِمُونَ

Futhi iNkosi yakho ayizange iwabhubhise amadolobha kuze kube yilapho ithumela isithunywa kumama wedolobha sibafundela amavesi ethu futhi sasingawabhubhisi amadolobha ngaphandle kokuba uma abantu bawo bonile

Ayah 59

وَمَآ أُوتِيتُم مِّن شَيۡءࣲ فَمَتَٰعُ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَزِينَتُهَاۚ وَمَا عِندَ ٱللَّهِ خَيۡرࣱ وَأَبۡقَىٰٓۚ أَفَلَا تَعۡقِلُونَ

Futhi noma ngabe yini enanikezwa yona yinjabulo yempilo yakulomhlaba nomhlobiso wayo futhi noma ngabe yini ekuMvelinqangi ingcono futhi ngasosonke isikhathi ikhona, ngakube aninamqondo yini na

Ayah 60

أَفَمَن وَعَدۡنَٰهُ وَعۡدًا حَسَنࣰ ا فَهُوَ لَٰقِيهِ كَمَن مَّتَّعۡنَٰهُ مَتَٰعَ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا ثُمَّ هُوَ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ مِنَ ٱلۡمُحۡضَرِينَ

Ngakube lowo esamethembisa isethembiso esihle yena uzohlangana naso njengalowo esamupha injabulo yempilo yalomhlaba besekuthi yena ngosuku lokuvuka kwabafileyo abengomunye walabo abayokujeziswa

Ayah 61

وَيَوۡمَ يُنَادِيهِمۡ فَيَقُولُ أَيۡنَ شُرَكَآءِيَ ٱلَّذِينَ كُنتُمۡ تَزۡعُمُونَ

Futhi ngosuku ayobabiza ngalo athi, “baphi abahlanganyeli bami labo enaningenzela bona na?”

Ayah 62

قَالَ ٱلَّذِينَ حَقَّ عَلَيۡهِمُ ٱلۡقَوۡلُ رَبَّنَا هَٰٓؤُلَآءِ ٱلَّذِينَ أَغۡوَيۡنَآ أَغۡوَيۡنَٰهُمۡ كَمَا غَوَيۡنَاۖ تَبَرَّأۡنَآ إِلَيۡكَۖ مَا كَانُوٓاْ إِيَّانَا يَعۡبُدُونَ

Labo izwi elafinyelela kubona liyiqiniso bayothi, “Nkosi yethu naba laba esabaphambukisa, sabaphambukisa njengoba saphambuka uqobo lwethu siveza ukubamsulwa kwethu kuwena akuyithina ababesikhonza”

Ayah 63

وَقِيلَ ٱدۡعُواْ شُرَكَآءَكُمۡ فَدَعَوۡهُمۡ فَلَمۡ يَسۡتَجِيبُواْ لَهُمۡ وَرَأَوُاْ ٱلۡعَذَابَۚ لَوۡ أَنَّهُمۡ كَانُواْ يَهۡتَدُونَ

Futhi kuyothiwa, “bizani abahlanganyeli benu ngakho-ke bayobamemeza kepha angeke babaphendule futhi bayosibona isijeziso, ukube nje babeholeleke (endleleni eqondile)”

Ayah 64

وَيَوۡمَ يُنَادِيهِمۡ فَيَقُولُ مَاذَآ أَجَبۡتُمُ ٱلۡمُرۡسَلِينَ

Futhi ngosuku ayobabiza ngalo bese ethi, “naziphendula kanjani izithunywa na?”

Ayah 65

فَعَمِيَتۡ عَلَيۡهِمُ ٱلۡأَنۢبَآءُ يَوۡمَئِذࣲ فَهُمۡ لَا يَتَسَآءَلُونَ

Ngakho-ke izindaba ziyofiphala kubona ngalolosuku angeke bakwazi ukubuzana bodwa

Ayah 66

فَأَمَّا مَن تَابَ وَءَامَنَ وَعَمِلَ صَٰلِحࣰ ا فَعَسَىٰٓ أَن يَكُونَ مِنَ ٱلۡمُفۡلِحِينَ

Kepha lowo ophendukayo azisole futhi akholwe enze izenzo ezinhle ezilungileyo uyokuba ngomunye wabaphumeleleyo

Ayah 67

وَرَبُّكَ يَخۡلُقُ مَا يَشَآءُ وَيَخۡتَارُۗ مَا كَانَ لَهُمُ ٱلۡخِيَرَةُۚ سُبۡحَٰنَ ٱللَّهِ وَتَعَٰلَىٰ عَمَّا يُشۡرِكُونَ

Futhi iNkosi yakho idala noma ngabe yini eyithandayo futhi iyakhetha, akusikona okwabo ukukhetha udumo malube kuMvelinqangi futhi uphakeme ngaphezu kwako konke lokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni

Ayah 68

وَرَبُّكَ يَعۡلَمُ مَا تُكِنُّ صُدُورُهُمۡ وَمَا يُعۡلِنُونَ

Futhi iNkosi yakho iyakwazi lokho izifuba zabo ezikufihlayo nalokho ezikuvezayo

Ayah 69

وَهُوَ ٱللَّهُ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَۖ لَهُ ٱلۡحَمۡدُ فِي ٱلۡأُولَىٰ وَٱلۡأٓخِرَةِۖ وَلَهُ ٱلۡحُكۡمُ وَإِلَيۡهِ تُرۡجَعُونَ

Futhi yona inguMvelinqangi akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwayo udumo lungolwayo ngokokuqala nangokokugcina futhi ukwehlulela kungokwayo futhi niyophindiselwa kuyona

Ayah 70

قُلۡ أَرَءَيۡتُمۡ إِن جَعَلَ ٱللَّهُ عَلَيۡكُمُ ٱلَّيۡلَ سَرۡمَدًا إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ مَنۡ إِلَٰهٌ غَيۡرُ ٱللَّهِ يَأۡتِيكُم بِضِيَآءٍۚ أَفَلَا تَسۡمَعُونَ

Ithi ngakube nibonile yini ukuthi uma uMvelinqangi wayenganenzela ubusuku buqhubeke kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo yimuphi uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi onganilethela ukukhanya na? Ngakube anizwa yini na

Ayah 71

قُلۡ أَرَءَيۡتُمۡ إِن جَعَلَ ٱللَّهُ عَلَيۡكُمُ ٱلنَّهَارَ سَرۡمَدًا إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ مَنۡ إِلَٰهٌ غَيۡرُ ٱللَّهِ يَأۡتِيكُم بِلَيۡلࣲ تَسۡكُنُونَ فِيهِۚ أَفَلَا تُبۡصِرُونَ

Ithi ngakube nibonile yini ukuthi uMvelinqangi wayenganenzela imini iqhubeke kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo yimuphi uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi onganilethela ubusuku eniphumula kubona na? Ngakube aniboni yini na

Ayah 72

وَمِن رَّحۡمَتِهِۦ جَعَلَ لَكُمُ ٱلَّيۡلَ وَٱلنَّهَارَ لِتَسۡكُنُواْ فِيهِ وَلِتَبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِهِۦ وَلَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ

Futhi kusemseni wakhe ukuthi wanenzela ubusuku nemini ukuze niphumule kubona nokuthi nifune umusa wakhe nokuthi nibonge

Ayah 73

وَيَوۡمَ يُنَادِيهِمۡ فَيَقُولُ أَيۡنَ شُرَكَآءِيَ ٱلَّذِينَ كُنتُمۡ تَزۡعُمُونَ

Nangosuku lapho eyobe ebabiza bese ethi, “baphi abahlanganyeli bami labo enanibenza na”

Ayah 74

وَنَزَعۡنَا مِن كُلِّ أُمَّةࣲ شَهِيدࣰ ا فَقُلۡنَا هَاتُواْ بُرۡهَٰنَكُمۡ فَعَلِمُوٓاْ أَنَّ ٱلۡحَقَّ لِلَّهِ وَضَلَّ عَنۡهُم مَّا كَانُواْ يَفۡتَرُونَ

Futhi siyokhipha ufakazi kuzona zonke izizwe bese sithi, “lethani ubufakazi benu ngakho-ke bayokwazi ukuthi iqiniso ngelikaMvelinqangi futhi kuyobalahlekela konke lokho ababekuqamba”

Ayah 75

۞إِنَّ قَٰرُونَ كَانَ مِن قَوۡمِ مُوسَىٰ فَبَغَىٰ عَلَيۡهِمۡۖ وَءَاتَيۡنَٰهُ مِنَ ٱلۡكُنُوزِ مَآ إِنَّ مَفَاتِحَهُۥ لَتَنُوٓأُ بِٱلۡعُصۡبَةِ أُوْلِي ٱلۡقُوَّةِ إِذۡ قَالَ لَهُۥ قَوۡمُهُۥ لَا تَفۡرَحۡۖ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُحِبُّ ٱلۡفَرِحِينَ

Ngempela uQarun wayengomunye wabantu bakaMose kepha wabahlupha futhi samupha emnothweni izikhiye zawo zingaba ngumthwalo wamadoda aqatha, khumbula ngenkathi abantu bakhe bethi kuyena “ungesasi ngempela uMvelinqangi akabathandi abesasayo

Ayah 76

وَٱبۡتَغِ فِيمَآ ءَاتَىٰكَ ٱللَّهُ ٱلدَّارَ ٱلۡأٓخِرَةَۖ وَلَا تَنسَ نَصِيبَكَ مِنَ ٱلدُّنۡيَاۖ وَأَحۡسِن كَمَآ أَحۡسَنَ ٱللَّهُ إِلَيۡكَۖ وَلَا تَبۡغِ ٱلۡفَسَادَ فِي ٱلۡأَرۡضِۖ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُحِبُّ ٱلۡمُفۡسِدِينَ

Kepha funa indawo yokuhlala yempilo ezayo ngalokho uMvelinqangi akunika kona futhi ungayikhohlwa ingxenye yakho kulomhlaba wenze okuhle njengoba uMvelinqangi wenza okuhle kuwena futhi ungafuni ukwenza ukona emhlabeni, ngempela uMvelinqangi akazithandi izoni

Ayah 77

قَالَ إِنَّمَآ أُوتِيتُهُۥ عَلَىٰ عِلۡمٍ عِندِيٓۚ أَوَلَمۡ يَعۡلَمۡ أَنَّ ٱللَّهَ قَدۡ أَهۡلَكَ مِن قَبۡلِهِۦ مِنَ ٱلۡقُرُونِ مَنۡ هُوَ أَشَدُّ مِنۡهُ قُوَّةࣰ وَأَكۡثَرُ جَمۡعࣰ اۚ وَلَا يُسۡـَٔلُ عَن ذُنُوبِهِمُ ٱلۡمُجۡرِمُونَ

Wathi, “kuphela nginikiwe lokhu ngenxa yolwazi enginalo, wayengazi yini ukuthi uMvelinqangi wazibhubhisa izizukulwane ngaphambilini kwakhe ezazinamandla kunaye futhi zaziziningi kakhulu ngenani futhi angeke zibuzwe izoni ngezono zazo

Ayah 78

فَخَرَجَ عَلَىٰ قَوۡمِهِۦ فِي زِينَتِهِۦۖ قَالَ ٱلَّذِينَ يُرِيدُونَ ٱلۡحَيَوٰةَ ٱلدُّنۡيَا يَٰلَيۡتَ لَنَا مِثۡلَ مَآ أُوتِيَ قَٰرُونُ إِنَّهُۥ لَذُو حَظٍّ عَظِيمࣲ‏

Ngakho-ke waphuma waya kubantu bakhe ewubukhazikhazi wathi, “labo abafisa impilo yalomhlaba, Oh! Sifisa sengathi singaba nako konke lokho okwanikwa uQarun ngempela yena unenhlanhla enkulu

Ayah 79

وَقَالَ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ وَيۡلَكُمۡ ثَوَابُ ٱللَّهِ خَيۡرࣱ لِّمَنۡ ءَامَنَ وَعَمِلَ صَٰلِحࣰ اۚ وَلَا يُلَقَّىٰهَآ إِلَّا ٱلصَّٰبِرُونَ

Kepha labo ababenikezwe ulwazi bathi “usizi kunina! umvuzo kaMvelinqangi ungcono kunoma ngabe ngubana okholwayo futhi owenza izenzo ezinhle ezilungileyo abekho abemukeliswa lokho ngaphandle kwababekezelayo

Ayah 80

فَخَسَفۡنَا بِهِۦ وَبِدَارِهِ ٱلۡأَرۡضَ فَمَا كَانَ لَهُۥ مِن فِئَةࣲ يَنصُرُونَهُۥ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَمَا كَانَ مِنَ ٱلۡمُنتَصِرِينَ

Ngakho-ke sawenza umhlaba ukuthi umgwinye kanye nendlu yakhefuthiwayengenaloiqembuelalizomelekelelaukubhekana noMvelinqangi futhi wayengeke akwazi ukuzivikela

Ayah 81

وَأَصۡبَحَ ٱلَّذِينَ تَمَنَّوۡاْ مَكَانَهُۥ بِٱلۡأَمۡسِ يَقُولُونَ وَيۡكَأَنَّ ٱللَّهَ يَبۡسُطُ ٱلرِّزۡقَ لِمَن يَشَآءُ مِنۡ عِبَادِهِۦ وَيَقۡدِرُۖ لَوۡلَآ أَن مَّنَّ ٱللَّهُ عَلَيۡنَا لَخَسَفَ بِنَاۖ وَيۡكَأَنَّهُۥ لَا يُفۡلِحُ ٱلۡكَٰفِرُونَ

Futhi labo ababefisa isikhundla sakhe ngayizolo baqala bathi, “Oh ngempela! NguMvelinqangi owandisa isabelo kunoma ngabe ngubani amthandayo ezincekwini zakhe noma asinciphise (isabelo), ukube uMvelinqangi wayengenawo umusa kuthina wayezokwenza ukuthi umhlaba usigwinye, Oh labo abangakholwa! angeke baphunyeleliswe

Ayah 82

تِلۡكَ ٱلدَّارُ ٱلۡأٓخِرَةُ نَجۡعَلُهَا لِلَّذِينَ لَا يُرِيدُونَ عُلُوࣰّ ا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَا فَسَادࣰ اۚ وَٱلۡعَٰقِبَةُ لِلۡمُتَّقِينَ

Leyondawo yokuhlala yempilo ezayo siyoyibekela labo abangathandi ukuziphakamisa nokona emhlabeni futhi isiphetho (esihle) esalabo abenza okulungileyo

Ayah 83

مَن جَآءَ بِٱلۡحَسَنَةِ فَلَهُۥ خَيۡرࣱ مِّنۡهَاۖ وَمَن جَآءَ بِٱلسَّيِّئَةِ فَلَا يُجۡزَى ٱلَّذِينَ عَمِلُواْ ٱلسَّيِّـَٔاتِ إِلَّا مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ

Noma ngabe ngubani oletha okuhle ngakho-ke okwakhe kuyoba okuhle kunako, futhi noma ngabe ngubani oletha izenzo ezimbi, ngakho-ke angeke abanike umvuzo labo abenza izenzo ezimbi ngaphandle kwalokho ababekwenza

Ayah 84

إِنَّ ٱلَّذِي فَرَضَ عَلَيۡكَ ٱلۡقُرۡءَانَ لَرَآدُّكَ إِلَىٰ مَعَادࣲۚ قُل رَّبِّيٓ أَعۡلَمُ مَن جَآءَ بِٱلۡهُدَىٰ وَمَنۡ هُوَ فِي ضَلَٰلࣲ مُّبِينࣲ‏

Ngempela (u-Allah) lowo owenza iQur’an yaba yisibopho kuwena uzokwenza ukuthi uphindele endaweni yokuphindela ithi, “iNkosi yami yazi kabanzi ukuthi ngubani oletha ukuholwa nokuthi ngubani osekudukeni okucacile

Ayah 85

وَمَا كُنتَ تَرۡجُوٓاْ أَن يُلۡقَىٰٓ إِلَيۡكَ ٱلۡكِتَٰبُ إِلَّا رَحۡمَةࣰ مِّن رَّبِّكَۖ فَلَا تَكُونَنَّ ظَهِيرࣰ ا لِّلۡكَٰفِرِينَ

Futhi wawungalindele ukuthi incwadi iyokwembulwa kuwena kepha kungumusa ovela eNkosini yakho, ngakhoke ungabi ngumelekeleli wabangakholwa

Ayah 86

وَلَا يَصُدُّنَّكَ عَنۡ ءَايَٰتِ ٱللَّهِ بَعۡدَ إِذۡ أُنزِلَتۡ إِلَيۡكَۖ وَٱدۡعُ إِلَىٰ رَبِّكَۖ وَلَا تَكُونَنَّ مِنَ ٱلۡمُشۡرِكِينَ

Futhi abangakuvimbeli emavesini ekushumayeleni ngezimpawu kaMvelinqangi emva kokuba esembuliwe kuwena, futhi memela eNkosini yakho futhi ungabi ngomunye wabakhonza izithombe

Ayah 87

وَلَا تَدۡعُ مَعَ ٱللَّهِ إِلَٰهًا ءَاخَرَۘ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَۚ كُلُّ شَيۡءٍ هَالِكٌ إِلَّا وَجۡهَهُۥۚ لَهُ ٱلۡحُكۡمُ وَإِلَيۡهِ تُرۡجَعُونَ

Futhi ungambizi omunye unkulunkulu kanye noMvelinqangi akekho onelungelo lokukhonzwa ngaphandle kwakhe, zonke izinto ziyobhubha ngaphandle kobuso bakhe kungokwakhe ukwehlulela futhi niyophindiselwa kuyena

Ayah 88