Surah At-Tin — The Fig

Surah At-Tin (The Fig) is chapter 95 of the Quran, with 8 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.

وَٱلتِّينِ وَٱلزَّيۡتُونِ

Ngifunga ngekhiwane nangomhlwathi

Ayah 1

وَطُورِ سِينِينَ

Futhi ngifunga ngentaba iSinayi

Ayah 2

وَهَٰذَا ٱلۡبَلَدِ ٱلۡأَمِينِ

Futhi ngifunga ngalelidolobha eliphephile (Makkah)

Ayah 3

لَقَدۡ خَلَقۡنَا ٱلۡإِنسَٰنَ فِيٓ أَحۡسَنِ تَقۡوِيمࣲ‏

Ngempela samdala umuntu ngokubunjwa (ngesimo) esihle kakhulu

Ayah 4

ثُمَّ رَدَدۡنَٰهُ أَسۡفَلَ سَٰفِلِينَ

(Emva kwalokho) sabe sesimehlisela kokuphansi kakhulu

Ayah 5

إِلَّا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ فَلَهُمۡ أَجۡرٌ غَيۡرُ مَمۡنُونࣲ‏

Ngaphandle kwalabo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo, manjalo okwabo ngumvuzo ongapheliyo

Ayah 6

فَمَا يُكَذِّبُكَ بَعۡدُ بِٱلدِّينِ

Ngokho-ke yini lena ekwenza uphike usuku lokwahlulela

Ayah 7

أَلَيۡسَ ٱللَّهُ بِأَحۡكَمِ ٱلۡحَٰكِمِينَ

Akusiyena yini uMvelinqangi umehluleli wabehluleli na

Ayah 8