Surah Al-A'laa — The Most High

Surah Al-A'laa (The Most High) is chapter 87 of the Quran, with 19 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.

سَبِّحِ ٱسۡمَ رَبِّكَ ٱلۡأَعۡلَى

Dumisa igama leNkosi yakho ephakeme kakhulu

Ayah 1

ٱلَّذِي خَلَقَ فَسَوَّىٰ

Okuyiyona eyadala yalinganisa (konke ngesimo sako)

Ayah 2

وَٱلَّذِي قَدَّرَ فَهَدَىٰ

Futhi okuyiyona ekalayo futhi eholayo

Ayah 3

وَٱلَّذِيٓ أَخۡرَجَ ٱلۡمَرۡعَىٰ

Futhi okuyiyona eyaveza okuluhlaza (utshani nezihlahla)

Ayah 4

فَجَعَلَهُۥ غُثَآءً أَحۡوَىٰ

Yabe seyikwenza kwaba yizinhlanga ezinsundu

Ayah 5

سَنُقۡرِئُكَ فَلَا تَنسَىٰٓ

Sizokwenza ukuthi ufunde angeke ukhohlwe

Ayah 6

إِلَّا مَا شَآءَ ٱللَّهُۚ إِنَّهُۥ يَعۡلَمُ ٱلۡجَهۡرَ وَمَا يَخۡفَىٰ

Ngaphandle kwalokho okufiswa nguMvelinqangi, ngempela yena uyakwazi okusobala kanye nalokho okufihlekile

Ayah 7

وَنُيَسِّرُكَ لِلۡيُسۡرَىٰ

Futhi sikwenzela kubelula okulula

Ayah 8

فَذَكِّرۡ إِن نَّفَعَتِ ٱلذِّكۡرَىٰ

Ngakho-ke khumbuza uma kungukuthi siyakusiza isikhumbuzo

Ayah 9

سَيَذَّكَّرُ مَن يَخۡشَىٰ

Uyokhumbula lowo owesaba (uMvelinqangi)

Ayah 10

وَيَتَجَنَّبُهَا ٱلۡأَشۡقَى

Futhi uyokugwema (ukukhunjuzwa) lowo muntu omubi kakhulu

Ayah 11

ٱلَّذِي يَصۡلَى ٱلنَّارَ ٱلۡكُبۡرَىٰ

Lowo uzokusha emlilweni omkhulu

Ayah 12

ثُمَّ لَا يَمُوتُ فِيهَا وَلَا يَحۡيَىٰ

Bese engafi lapho phakathi kuwona futhi angaphili

Ayah 13

قَدۡ أَفۡلَحَ مَن تَزَكَّىٰ

Ngempela uphumelele lowo ozihlanzayo

Ayah 14

وَذَكَرَ ٱسۡمَ رَبِّهِۦ فَصَلَّىٰ

Futhi akhumbule igama leNkosi yakhe athandaze

Ayah 15

بَلۡ تُؤۡثِرُونَ ٱلۡحَيَوٰةَ ٱلدُّنۡيَا

Kepha nikhetha impilo yalomhlaba

Ayah 16

وَٱلۡأٓخِرَةُ خَيۡرࣱ وَأَبۡقَىٰٓ

Futhi impilo ezayo ingcono futhi ingehlalayo engapheliyo

Ayah 17

إِنَّ هَٰذَا لَفِي ٱلصُّحُفِ ٱلۡأُولَىٰ

Ngempela lokhu kusemibhalweni yokuqala

Ayah 18

صُحُفِ إِبۡرَٰهِيمَ وَمُوسَىٰ

Imibhalo ka-Abrahamu noMose

Ayah 19