Surah Saad — The letter Saad
Surah Saad (The letter Saad) is chapter 38 of the Quran, with 88 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.
صٓۚ وَٱلۡقُرۡءَانِ ذِي ٱلذِّكۡرِ
Swad, ngeQur’an enesikhumbuzo
Ayah 1بَلِ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ فِي عِزَّةࣲ وَشِقَاقࣲ
Kepha labo abangakholwanga basekuziphazamiseni nasekuphikisaneni
Ayah 2كَمۡ أَهۡلَكۡنَا مِن قَبۡلِهِم مِّن قَرۡنࣲ فَنَادَواْ وَّلَاتَ حِينَ مَنَاصࣲ
Zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo ngakho-ke zakhala kulapho sasingekho isikhathi sokuphunyuka
Ayah 3وَعَجِبُوٓاْ أَن جَآءَهُم مُّنذِرࣱ مِّنۡهُمۡۖ وَقَالَ ٱلۡكَٰفِرُونَ هَٰذَا سَٰحِرࣱ كَذَّابٌ
Futhi bamangale ukuthi bafikelwe ngumxwayisi ophuma phakathi kwabo futhi abangakholwanga bathi, “lona ngumlubi umqambimanga”
Ayah 4أَجَعَلَ ٱلۡأٓلِهَةَ إِلَٰهࣰ ا وَٰحِدًاۖ إِنَّ هَٰذَا لَشَيۡءٌ عُجَابࣱ
Ngakube wenza izithixo uNkulunkulu oyedwa na? ngempela lokhu kuyinto emangalisayo
Ayah 5وَٱنطَلَقَ ٱلۡمَلَأُ مِنۡهُمۡ أَنِ ٱمۡشُواْ وَٱصۡبِرُواْ عَلَىٰٓ ءَالِهَتِكُمۡۖ إِنَّ هَٰذَا لَشَيۡءࣱ يُرَادُ
Futhi abaholi phakathi kwabo basuka bahamba, hambani futhi nibambelele ezithixweni zenu ngempela lokhu kuyinto ehlosiwe
Ayah 6مَا سَمِعۡنَا بِهَٰذَا فِي ٱلۡمِلَّةِ ٱلۡأٓخِرَةِ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّا ٱخۡتِلَٰقٌ
Asikaze sizwe ngalokhu enkolweni yokugcina, lokhu akuyilutho ngaphandle komqambo
Ayah 7أَءُنزِلَ عَلَيۡهِ ٱلذِّكۡرُ مِنۢ بَيۡنِنَاۚ بَلۡ هُمۡ فِي شَكࣲّ مِّن ذِكۡرِيۚ بَل لَّمَّا يَذُوقُواْ عَذَابِ
Ngakube sehliselwe phezulu kwakhe yini isikhumbuzo phakathi kwethu? Kepha bona basekungabazeni mayelana nesikhumbuzo, kepha abakasizwa isijeziso sami
Ayah 8أَمۡ عِندَهُمۡ خَزَآئِنُ رَحۡمَةِ رَبِّكَ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡوَهَّابِ
Noma, ngakube banawo yini amagugu omusa weNkosi yakho ephakeme ngamandla, ephanayo
Ayah 9أَمۡ لَهُم مُّلۡكُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَاۖ فَلۡيَرۡتَقُواْ فِي ٱلۡأَسۡبَٰبِ
Nomaokwaboumbusowamazulunomhlabakanyenakokonke okuphakathi kwako kokubili? Ngakho-ke mabakhuphuke ngemizamo (yabo)
Ayah 10جُندࣱ مَّا هُنَالِكَ مَهۡزُومࣱ مِّنَ ٱلۡأَحۡزَابِ
Isixuku esiyohlulwa lapho phakathi kwezinhlangano
Ayah 11كَذَّبَتۡ قَبۡلَهُمۡ قَوۡمُ نُوحࣲ وَعَادࣱ وَفِرۡعَوۡنُ ذُو ٱلۡأَوۡتَادِ
Abantu baNowa baphika ngaphambilini kwabo kanye no-Ad noFaro
Ayah 12وَثَمُودُ وَقَوۡمُ لُوطࣲ وَأَصۡحَٰبُ لۡـَٔيۡكَةِۚ أُوْلَٰٓئِكَ ٱلۡأَحۡزَابُ
NoThamud nabantu baLothi kanye nezihlali zase-Ayka
Ayah 13إِن كُلٌّ إِلَّا كَذَّبَ ٱلرُّسُلَ فَحَقَّ عِقَابِ
Babengenzi lutho ngaphandle kokuphika izithunywa ngakho- ke saqiniseka isijeziso sami
Ayah 14وَمَا يَنظُرُ هَٰٓؤُلَآءِ إِلَّا صَيۡحَةࣰ وَٰحِدَةࣰ مَّا لَهَا مِن فَوَاقࣲ
Futhi laba abalindele lutho ngaphandle kokukhala (kwecilongo) okukodwa angeke kube nokulibala
Ayah 15وَقَالُواْ رَبَّنَا عَجِّل لَّنَا قِطَّنَا قَبۡلَ يَوۡمِ ٱلۡحِسَابِ
Futhi bathi, “Nkosi yethu sisheshisele ingxenye yethu ngaphambili kosuku lokubala (lokwahlulela)”
Ayah 16ٱصۡبِرۡ عَلَىٰ مَا يَقُولُونَ وَٱذۡكُرۡ عَبۡدَنَا دَاوُۥدَ ذَا ٱلۡأَيۡدِۖ إِنَّهُۥٓ أَوَّابٌ
Kubekezelele lokho abakushoyo futhi khumbula inceku yethu uDavide onamandla ngempela yena wayephendukela emumva ngokuzisola
Ayah 17إِنَّا سَخَّرۡنَا ٱلۡجِبَالَ مَعَهُۥ يُسَبِّحۡنَ بِٱلۡعَشِيِّ وَٱلۡإِشۡرَاقِ
Ngempela sazenza izintaba kanye naye ukuthi badumise (uMvelinqangi) kusihlwa nasekuseni
Ayah 18وَٱلطَّيۡرَ مَحۡشُورَةࣰۖ كُلࣱّ لَّهُۥٓ أَوَّابࣱ
Kanye nezinyoni zaqoqana ndawonye, konke kwakumthobela
Ayah 19وَشَدَدۡنَا مُلۡكَهُۥ وَءَاتَيۡنَٰهُ ٱلۡحِكۡمَةَ وَفَصۡلَ ٱلۡخِطَابِ
Futhi sawuqinisa umbuso wakhe futhi samupha ubuhlakani nokukhuluma
Ayah 20۞وَهَلۡ أَتَىٰكَ نَبَؤُاْ ٱلۡخَصۡمِ إِذۡ تَسَوَّرُواْ ٱلۡمِحۡرَابَ
Futhi ngakube sezifikile kuwena izindaba zezitha ngenkathi zingena egunjini lokuthandaza na
Ayah 21إِذۡ دَخَلُواْ عَلَىٰ دَاوُۥدَ فَفَزِعَ مِنۡهُمۡۖ قَالُواْ لَا تَخَفۡۖ خَصۡمَانِ بَغَىٰ بَعۡضُنَا عَلَىٰ بَعۡضࣲ فَٱحۡكُم بَيۡنَنَا بِٱلۡحَقِّ وَلَا تُشۡطِطۡ وَٱهۡدِنَآ إِلَىٰ سَوَآءِ ٱلصِّرَٰطِ
Ngenkathi zingena kuDavide ngakho-ke wazesaba zathi, “izimbangi ezimbili ungesabi omunye wethu wone omunye ngakho-ke yehlulela phakathi kwethu ngeqiniso futhi ungabi ngongenabo ubulungiswa futhi siholele endleleni elungile
Ayah 22إِنَّ هَٰذَآ أَخِي لَهُۥ تِسۡعࣱ وَتِسۡعُونَ نَعۡجَةࣰ وَلِيَ نَعۡجَةࣱ وَٰحِدَةࣱ فَقَالَ أَكۡفِلۡنِيهَا وَعَزَّنِي فِي ٱلۡخِطَابِ
Ngempela lona ngumfowethu unezimvukazi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mina nginemvukazi eyodwa, wayesethi, “nginike yona” futhi wangehlula ngempela
Ayah 23قَالَ لَقَدۡ ظَلَمَكَ بِسُؤَالِ نَعۡجَتِكَ إِلَىٰ نِعَاجِهِۦۖ وَإِنَّ كَثِيرࣰ ا مِّنَ ٱلۡخُلَطَآءِ لَيَبۡغِي بَعۡضُهُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍ إِلَّا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ وَقَلِيلࣱ مَّا هُمۡۗ وَظَنَّ دَاوُۥدُ أَنَّمَا فَتَنَّٰهُ فَٱسۡتَغۡفَرَ رَبَّهُۥ وَخَرَّۤ رَاكِعࣰ اۤ وَأَنَابَ۩
Wathi (uDavide), “ngempela wenze okungenabo ubulungiswa kuwena ngokufuna imvukazi yakho ezimvukazini zakhe futhi ngempela baningi abahlanganyeli abacindezelana bodwa ngaphandle kwalabo abakholwayo futhi abenza okulungileyo futhi bambalwa labo” futhi uDavide wabona ukuthi simlingile, ngakho-ke wacela intethelelo eNkosini yakhe, wawa phansi wazithoba futhi waphendukela kuMvelinqangi ngokuzisola
Ayah 24فَغَفَرۡنَا لَهُۥ ذَٰلِكَۖ وَإِنَّ لَهُۥ عِندَنَا لَزُلۡفَىٰ وَحُسۡنَ مَـَٔابࣲ
Ngakho-ke samthethelela lokho futhi ngempela okwakhe ukusondela kuthina kanye nendawo yokuphindela enhle
Ayah 25يَٰدَاوُۥدُ إِنَّا جَعَلۡنَٰكَ خَلِيفَةࣰ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَٱحۡكُم بَيۡنَ ٱلنَّاسِ بِٱلۡحَقِّ وَلَا تَتَّبِعِ ٱلۡهَوَىٰ فَيُضِلَّكَ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِۚ إِنَّ ٱلَّذِينَ يَضِلُّونَ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ لَهُمۡ عَذَابࣱ شَدِيدُۢ بِمَا نَسُواْ يَوۡمَ ٱلۡحِسَابِ
Oh Davide! Ngempela thina sakwenza waba ngumholi emhlabeni ngakho-ke yehlulela phakathi kwabantu ngeqiniso futhi ungazilandeli izifiso zizokudukisa endleleni kaMvelinqangi, ngempela labo abadukayo endleleni kaMvelinqangi okwabo yisijeziso esinzima ngenxa yokuthi balikhohlwa usuku lokwahlulela
Ayah 26وَمَا خَلَقۡنَا ٱلسَّمَآءَ وَٱلۡأَرۡضَ وَمَا بَيۡنَهُمَا بَٰطِلࣰ اۚ ذَٰلِكَ ظَنُّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْۚ فَوَيۡلࣱ لِّلَّذِينَ كَفَرُواْ مِنَ ٱلنَّارِ
Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwawo ngaphandle kwenhloso, lokho wabona walabo abangakholwanga ngakho-ke usizi kulabo abangakholelwanga emlilweni
Ayah 27أَمۡ نَجۡعَلُ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ كَٱلۡمُفۡسِدِينَ فِي ٱلۡأَرۡضِ أَمۡ نَجۡعَلُ ٱلۡمُتَّقِينَ كَٱلۡفُجَّارِ
Noma nifisa ukuthi senze labo abakholwayo futhi abenza okuhle okulungileyo njengezoni emhlabeni noma senze abesaba (uMvelinqangi) njengabenzi bokubi na
Ayah 28كِتَٰبٌ أَنزَلۡنَٰهُ إِلَيۡكَ مُبَٰرَكࣱ لِّيَدَّبَّرُوٓاْ ءَايَٰتِهِۦ وَلِيَتَذَكَّرَ أُوْلُواْ ٱلۡأَلۡبَٰبِ
Yincwadi esayembula kuwena ibusisekile ukuze badlinze ngamavesi ayo futhi ukuze bakhumbule labo abaqondayo
Ayah 29وَوَهَبۡنَا لِدَاوُۥدَ سُلَيۡمَٰنَۚ نِعۡمَ ٱلۡعَبۡدُ إِنَّهُۥٓ أَوَّابٌ
Futhi sanikeza uDavide uSolomoni, inceku enhle kakhulu ngempelayenawayephendukela(kuMvelinqangingokuzisola)
Ayah 30إِذۡ عُرِضَ عَلَيۡهِ بِٱلۡعَشِيِّ ٱلصَّٰفِنَٰتُ ٱلۡجِيَادُ
Ngenkathi (amahhashi) ayeveziwe ngaphambili kwakhe kusihlwa aqeqeshwe kahle
Ayah 31فَقَالَ إِنِّيٓ أَحۡبَبۡتُ حُبَّ ٱلۡخَيۡرِ عَن ذِكۡرِ رَبِّي حَتَّىٰ تَوَارَتۡ بِٱلۡحِجَابِ
Ngakho-ke wathi, “ngempela mina ngithande uthando lobuhle kunenkumbulo yeNkosi yami kwaze kwaba yilapho (ilanga) linyamalala esembozweni (sobumnyama)
Ayah 32رُدُّوهَا عَلَيَّۖ فَطَفِقَ مَسۡحَۢا بِٱلسُّوقِ وَٱلۡأَعۡنَاقِ
(Wathi), “wabuyiseleni kumina” wayeseqala ukuphulula imilenze kanye nezintamo (zamahhashi)
Ayah 33وَلَقَدۡ فَتَنَّا سُلَيۡمَٰنَ وَأَلۡقَيۡنَا عَلَىٰ كُرۡسِيِّهِۦ جَسَدࣰ ا ثُمَّ أَنَابَ
Futhi ngempela samlinga uSolomoni futhi sabeka phezulu kwesihlalo sakhe sobukhosi umzimba wayesephenduka ngokuzisola
Ayah 34قَالَ رَبِّ ٱغۡفِرۡ لِي وَهَبۡ لِي مُلۡكࣰ ا لَّا يَنۢبَغِي لِأَحَدࣲ مِّنۢ بَعۡدِيٓۖ إِنَّكَ أَنتَ ٱلۡوَهَّابُ
Wathi, “Nkosi yami ngithethelele futhi ungiphe ubukhosi obungeke bufanele ngisho noma munye emva kwami, ngempela wena ungophayo”
Ayah 35فَسَخَّرۡنَا لَهُ ٱلرِّيحَ تَجۡرِي بِأَمۡرِهِۦ رُخَآءً حَيۡثُ أَصَابَ
Ngakho-ke sawenza umoya wamthobela waheleza ngempoqo yakhe noma ngabe yikuphi lapho ewuthumela khona
Ayah 36وَٱلشَّيَٰطِينَ كُلَّ بَنَّآءࣲ وَغَوَّاصࣲ
Nabosathane bonke abakhi kanye nabatshuzi
Ayah 37وَءَاخَرِينَ مُقَرَّنِينَ فِي ٱلۡأَصۡفَادِ
Kanye nabanye ababoshwe ngamaketango
Ayah 38هَٰذَا عَطَآؤُنَا فَٱمۡنُنۡ أَوۡ أَمۡسِكۡ بِغَيۡرِ حِسَابࣲ
Lokhu yisipho sethu ngakho-ke yipha noma ugodle ngaphandle kokubala
Ayah 39وَإِنَّ لَهُۥ عِندَنَا لَزُلۡفَىٰ وَحُسۡنَ مَـَٔابࣲ
Futhi ngempela okwakhe ukusondela kuthina futhi indawo enhle yokuphindela
Ayah 40وَٱذۡكُرۡ عَبۡدَنَآ أَيُّوبَ إِذۡ نَادَىٰ رَبَّهُۥٓ أَنِّي مَسَّنِيَ ٱلشَّيۡطَٰنُ بِنُصۡبࣲ وَعَذَابٍ
Futhi khumbula inceku yethu u-Ayub (uJobe) ngenkathi ememeza iNkosi yakhe (ethi), “ngempela usathane ungithinte ngenkathazo nangesijeziso
Ayah 41ٱرۡكُضۡ بِرِجۡلِكَۖ هَٰذَا مُغۡتَسَلُۢ بَارِدࣱ وَشَرَابࣱ
Gxoba ngonyawo lwakho lena yindawo yokugeza ebandayo kanye neyokuphuza
Ayah 42وَوَهَبۡنَا لَهُۥٓ أَهۡلَهُۥ وَمِثۡلَهُم مَّعَهُمۡ رَحۡمَةࣰ مِّنَّا وَذِكۡرَىٰ لِأُوْلِي ٱلۡأَلۡبَٰبِ
Futhi samnikeza abantu bakhe (nabafana nabo kanye nabo) sabaphinda ngumusa ovela kuthina nesikhumbuzo salabo abaqondayo
Ayah 43وَخُذۡ بِيَدِكَ ضِغۡثࣰ ا فَٱضۡرِب بِّهِۦ وَلَا تَحۡنَثۡۗ إِنَّا وَجَدۡنَٰهُ صَابِرࣰ اۚ نِّعۡمَ ٱلۡعَبۡدُ إِنَّهُۥٓ أَوَّابࣱ
Futhi thatha ngesandla sakho isixhawu sotshani bese ushaya ngaso umkakho futhi ungasephuli isethembiso sakho, ngempela samthola engobekezelayo, inceku enhle kakhulu ngempela yena wayengokuphendukayo ngokuzisola
Ayah 44وَٱذۡكُرۡ عِبَٰدَنَآ إِبۡرَٰهِيمَ وَإِسۡحَٰقَ وَيَعۡقُوبَ أُوْلِي ٱلۡأَيۡدِي وَٱلۡأَبۡصَٰرِ
Futhi khumbula izinceku zethu
Ayah 45إِنَّآ أَخۡلَصۡنَٰهُم بِخَالِصَةࣲ ذِكۡرَى ٱلدَّارِ
U-Abrahamu no-Isaka kanye noJakobe bangabantu bamandla kanye nombono
Ayah 46وَإِنَّهُمۡ عِندَنَا لَمِنَ ٱلۡمُصۡطَفَيۡنَ ٱلۡأَخۡيَارِ
Ngempela thina sabakhetha (ngokubanika) isikhumbuzo sendawo yokuhlala
Ayah 47وَٱذۡكُرۡ إِسۡمَٰعِيلَ وَٱلۡيَسَعَ وَذَا ٱلۡكِفۡلِۖ وَكُلࣱّ مِّنَ ٱلۡأَخۡيَارِ
Futhi ngempela bona kuthina bangabanye babakhethiwe ukwedlula bonke
Ayah 48هَٰذَا ذِكۡرࣱۚ وَإِنَّ لِلۡمُتَّقِينَ لَحُسۡنَ مَـَٔابࣲ
Futhi khumbula u-Ishmayeli no-Elisha no-Dhul-Kilf, Futhi bonke babengabanye babahle kakhulu
Ayah 49جَنَّٰتِ عَدۡنࣲ مُّفَتَّحَةࣰ لَّهُمُ ٱلۡأَبۡوَٰبُ
Lesi yisikhumbuzo, futhi ngempela kwabakholwayo kunendawo enhle yokubuyela
Ayah 50مُتَّكِـِٔينَ فِيهَا يَدۡعُونَ فِيهَا بِفَٰكِهَةࣲ كَثِيرَةࣲ وَشَرَابࣲ
Izivande zangunaphakade amasango azo ayobavulekela
Ayah 51۞وَعِندَهُمۡ قَٰصِرَٰتُ ٱلطَّرۡفِ أَتۡرَابٌ
Bacambalale lapho phakathi bayomemeza lapho phakathi (becela) izithelo eziningi kanye nokuphuzwayo
Ayah 52هَٰذَا مَا تُوعَدُونَ لِيَوۡمِ ٱلۡحِسَابِ
Futhi eduzane kuyobe kunabesifazane abayobe bezithobile ekubhekeni, ontanga ngeminyaka
Ayah 53إِنَّ هَٰذَا لَرِزۡقُنَا مَا لَهُۥ مِن نَّفَادٍ
Lokhu yilokhu enethenjiswa kona kwelanga lokubala
Ayah 54هَٰذَاۚ وَإِنَّ لِلطَّٰغِينَ لَشَرَّ مَـَٔابࣲ
Ngempela lokhu yisabelo sethu esingeke siphele
Ayah 55جَهَنَّمَ يَصۡلَوۡنَهَا فَبِئۡسَ ٱلۡمِهَادُ
Lokhu, futhi ngempela kwabenza okubi kunesiphetho esibi sokubuyela
Ayah 56هَٰذَا فَلۡيَذُوقُوهُ حَمِيمࣱ وَغَسَّاقࣱ
Isihogo bayongena kusona, yimbi leyondawo yokuphumula
Ayah 57وَءَاخَرُ مِن شَكۡلِهِۦٓ أَزۡوَٰجٌ
Lokhu abakuzwe amanzi abilayo kanye nobovu
Ayah 58هَٰذَا فَوۡجࣱ مُّقۡتَحِمࣱ مَّعَكُمۡ لَا مَرۡحَبَۢا بِهِمۡۚ إِنَّهُمۡ صَالُواْ ٱلنَّارِ
Kanye nokunye kohlobo lwako
Ayah 59قَالُواْ بَلۡ أَنتُمۡ لَا مَرۡحَبَۢا بِكُمۡۖ أَنتُمۡ قَدَّمۡتُمُوهُ لَنَاۖ فَبِئۡسَ ٱلۡقَرَارُ
Leli yiqembu elingena kanye nani, angeke bemukelwe ngempela bona bayongena emlilweni
Ayah 60قَالُواْ رَبَّنَا مَن قَدَّمَ لَنَا هَٰذَا فَزِدۡهُ عَذَابࣰ ا ضِعۡفࣰ ا فِي ٱلنَّارِ
Bayothi, “Chabo! Nina anemukelwe, nina nakuletha kuthina yimbi indawo yokuhlala”
Ayah 61وَقَالُواْ مَا لَنَا لَا نَرَىٰ رِجَالࣰ ا كُنَّا نَعُدُّهُم مِّنَ ٱلۡأَشۡرَارِ
Futhi bayothi, “Nkosi yethu lowo owaletha lokhu kuthina ngakho-ke mnezelele ngesijeziso esiphindwe kabili emlilweni”
Ayah 62أَتَّخَذۡنَٰهُمۡ سِخۡرِيًّا أَمۡ زَاغَتۡ عَنۡهُمُ ٱلۡأَبۡصَٰرُ
Futhi bayothi, “kungani singawaboni amadoda (abantu) esasibabala phakathi kwabalungileyo
Ayah 63إِنَّ ذَٰلِكَ لَحَقࣱّ تَخَاصُمُ أَهۡلِ ٱلنَّارِ
Ngakube sibathathe njengenhlekisa noma amehlo akakwazi ukubabona
Ayah 64قُلۡ إِنَّمَآ أَنَا۠ مُنذِرࣱۖ وَمَا مِنۡ إِلَٰهٍ إِلَّا ٱللَّهُ ٱلۡوَٰحِدُ ٱلۡقَهَّارُ
Ngempela lelo yiqiniso – ingxabano nokuphikisana kwabantu bomlilo
Ayah 65رَبُّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَا ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡغَفَّٰرُ
Ithi,“kuphelaminangingumxwayisifuthiakekhouNkulunkulu ekufanele akhonzwe ngaphandle kukaMvelinqangi oyedwa umnqobi”
Ayah 66قُلۡ هُوَ نَبَؤٌاْ عَظِيمٌ
INkosi yamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili iphakeme ngamandla, iyathethelela
Ayah 67أَنتُمۡ عَنۡهُ مُعۡرِضُونَ
Ithi, “loko kuyizindaba ezinkulu”
Ayah 68مَا كَانَ لِيَ مِنۡ عِلۡمِۭ بِٱلۡمَلَإِ ٱلۡأَعۡلَىٰٓ إِذۡ يَخۡتَصِمُونَ
Nina enizifulathelayo
Ayah 69إِن يُوحَىٰٓ إِلَيَّ إِلَّآ أَنَّمَآ أَنَا۠ نَذِيرࣱ مُّبِينٌ
Anginalo ulwazi ngabaholi (izinduna) eziphakeme ngenkathi ziphikisana
Ayah 70إِذۡ قَالَ رَبُّكَ لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ إِنِّي خَٰلِقُۢ بَشَرࣰ ا مِّن طِينࣲ
Akwembulwanga lutho kumina ngaphandle kokuthi mina ngingumxwayisi ogqamile kuphela
Ayah 71فَإِذَا سَوَّيۡتُهُۥ وَنَفَخۡتُ فِيهِ مِن رُّوحِي فَقَعُواْ لَهُۥ سَٰجِدِينَ
Khumbula ngenkathi iNkosi yakho ithi ezingelosini, “ngempela mina ngingumdali womuntu ngobumba”
Ayah 72فَسَجَدَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ كُلُّهُمۡ أَجۡمَعُونَ
Ngakho-ke kwathi lapho sengimenzile ngamphefumulela ngomoya wami nabe seniwa phansi najabalala ngaphambili kwakhe
Ayah 73إِلَّآ إِبۡلِيسَ ٱسۡتَكۡبَرَ وَكَانَ مِنَ ٱلۡكَٰفِرِينَ
Ngakho-ke izingelosi zaguqa ngokuzithoba zonke ndawonye
Ayah 74قَالَ يَٰٓإِبۡلِيسُ مَا مَنَعَكَ أَن تَسۡجُدَ لِمَا خَلَقۡتُ بِيَدَيَّۖ أَسۡتَكۡبَرۡتَ أَمۡ كُنتَ مِنَ ٱلۡعَالِينَ
Ngaphandle kuka-Iblis waqhosha futhi wabangomunye wabangakholwa
Ayah 75قَالَ أَنَا۠ خَيۡرࣱ مِّنۡهُ خَلَقۡتَنِي مِن نَّارࣲ وَخَلَقۡتَهُۥ مِن طِينࣲ
Wathi (uMvelinqangi), “Oh Iblis! Yini ekuvimbelayo ukuthi uthobele lowo engimdale ngezandla zami zombili na? Ngakube uziphakamisile noma ubengomunye walabo abaphakeme na
Ayah 76قَالَ فَٱخۡرُجۡ مِنۡهَا فَإِنَّكَ رَجِيمࣱ
Wathi (u-Iblis) mina ngingcono kunaye ungidale ngomlilo wabe sewumdala ngobumba
Ayah 77وَإِنَّ عَلَيۡكَ لَعۡنَتِيٓ إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلدِّينِ
Wathi (uMvelinqangi) ngakho-ke phuma kulona (izulu) ngempela wena ungogxoshiweyo
Ayah 78قَالَ رَبِّ فَأَنظِرۡنِيٓ إِلَىٰ يَوۡمِ يُبۡعَثُونَ
Futhi ngempela siphezu kwakho isiqalekiso sami kuze kube usuku lokwehlulela
Ayah 79قَالَ فَإِنَّكَ مِنَ ٱلۡمُنظَرِينَ
Wathi (u-Iblis), “Nkosi yami nginike ithuba kuze kube usuku abayovuswa ngalo
Ayah 80إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡوَقۡتِ ٱلۡمَعۡلُومِ
(UMvelinqangi) wathi ngakho-ke ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba
Ayah 81قَالَ فَبِعِزَّتِكَ لَأُغۡوِيَنَّهُمۡ أَجۡمَعِينَ
Kuze kube wusuku lwesikhathi esaziwayo
Ayah 82إِلَّا عِبَادَكَ مِنۡهُمُ ٱلۡمُخۡلَصِينَ
Wathi, “ngakho-ke ngokuhlonipheka kwakho ngempela ngizobadukisa bonke”
Ayah 83قَالَ فَٱلۡحَقُّ وَٱلۡحَقَّ أَقُولُ
Ngaphandle kwezinceku zakho ezikhethiwe phakathi kwabo
Ayah 84لَأَمۡلَأَنَّ جَهَنَّمَ مِنكَ وَمِمَّن تَبِعَكَ مِنۡهُمۡ أَجۡمَعِينَ
Wathi, “yiqiniso futhi yiqiniso engilishoyo”
Ayah 85قُلۡ مَآ أَسۡـَٔلُكُمۡ عَلَيۡهِ مِنۡ أَجۡرࣲ وَمَآ أَنَا۠ مِنَ ٱلۡمُتَكَلِّفِينَ
Ngempela ngizogcwalisa isihogo ngawe kanye nangabobonke abakulandelayo phakathi kwabo
Ayah 86إِنۡ هُوَ إِلَّا ذِكۡرࣱ لِّلۡعَٰلَمِينَ
Ithi anginiceli umvuzo ngako futhi mina angiyena omunye wabakhohlisi
Ayah 87وَلَتَعۡلَمُنَّ نَبَأَهُۥ بَعۡدَ حِينِۭ
Akuyilutho ngaphandle kwesikhumbuzo emihlabeni. 89. Futhi ngempela nizozazi izindaba zaso emva kwesikhashana
Ayah 88