Surah Al-Jumu'a — Friday
Surah Al-Jumu'a (Friday) is chapter 62 of the Quran, with 11 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.
يُسَبِّحُ لِلَّهِ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ ٱلۡمَلِكِ ٱلۡقُدُّوسِ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡحَكِيمِ
Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni iNkosi, engcwele, ephakeme ngamandla enobuhlakani
Ayah 1هُوَ ٱلَّذِي بَعَثَ فِي ٱلۡأُمِّيِّـۧنَ رَسُولࣰ ا مِّنۡهُمۡ يَتۡلُواْ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتِهِۦ وَيُزَكِّيهِمۡ وَيُعَلِّمُهُمُ ٱلۡكِتَٰبَ وَٱلۡحِكۡمَةَ وَإِن كَانُواْ مِن قَبۡلُ لَفِي ضَلَٰلࣲ مُّبِينࣲ
Yena uyilowo owathumela phakathi kwabangafundile isithunywa phakathi kwabo sibafundela amavesi akhe futhi sibahlanze futhi sibafundise incwadi nobuhlakani yize noma ngabe ngaphambilini babesekudukeni (ephutheni) elicacile
Ayah 2وَءَاخَرِينَ مِنۡهُمۡ لَمَّا يَلۡحَقُواْ بِهِمۡۚ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ
Futhi abanye babo abangakangeni kubona – futhi yena (uMvelinqangi) uphakeme ngamandla unobuhlakani
Ayah 3ذَٰلِكَ فَضۡلُ ٱللَّهِ يُؤۡتِيهِ مَن يَشَآءُۚ وَٱللَّهُ ذُو ٱلۡفَضۡلِ ٱلۡعَظِيمِ
Lokho ngumusa kaMvelinqangi uwunikeza lowo amthandayo futhi uMvelinqangi ungumnikazi womusa omkhulu
Ayah 4مَثَلُ ٱلَّذِينَ حُمِّلُواْ ٱلتَّوۡرَىٰةَ ثُمَّ لَمۡ يَحۡمِلُوهَا كَمَثَلِ ٱلۡحِمَارِ يَحۡمِلُ أَسۡفَارَۢاۚ بِئۡسَ مَثَلُ ٱلۡقَوۡمِ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِۚ وَٱللَّهُ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلظَّٰلِمِينَ
Isibonelo salabo ababethweswe (ababenikezwe) iTorah, bese bengayithwali njengembongolo ethwele umthwalo omkhulu, okubi yisibonelo sabantu labo ababephika amavesi nezimpawu zikaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
Ayah 5قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ هَادُوٓاْ إِن زَعَمۡتُمۡ أَنَّكُمۡ أَوۡلِيَآءُ لِلَّهِ مِن دُونِ ٱلنَّاسِ فَتَمَنَّوُاْ ٱلۡمَوۡتَ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ
Ithi, “Oh nina maJuda! Uma nizibiza ngokuthi nina ningabangane baMvelinqangi ngaphandle kwabantu ngakho- ke fisani ukufa uma kungukuthi nina ningabaneqiniso
Ayah 6وَلَا يَتَمَنَّوۡنَهُۥٓ أَبَدَۢا بِمَا قَدَّمَتۡ أَيۡدِيهِمۡۚ وَٱللَّهُ عَلِيمُۢ بِٱلظَّٰلِمِينَ
Futhi angeke bakufise nakancane ngenxa yalokho okwalethwa yizandla zabo ngaphambilini, futhi uMvelinqangi uyisazi ngezoni
Ayah 7قُلۡ إِنَّ ٱلۡمَوۡتَ ٱلَّذِي تَفِرُّونَ مِنۡهُ فَإِنَّهُۥ مُلَٰقِيكُمۡۖ ثُمَّ تُرَدُّونَ إِلَىٰ عَٰلِمِ ٱلۡغَيۡبِ وَٱلشَّهَٰدَةِ فَيُنَبِّئُكُم بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ
Ithi, “ngempela ukufa loku enikubalekayo –ngempela kuyohlangana nani bese niphindiselwa esazini sokungabonwa nokubonwayo bese sinitshena ngalokho enanikwenza”
Ayah 8يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِذَا نُودِيَ لِلصَّلَوٰةِ مِن يَوۡمِ ٱلۡجُمُعَةِ فَٱسۡعَوۡاْ إِلَىٰ ذِكۡرِ ٱللَّهِ وَذَرُواْ ٱلۡبَيۡعَۚ ذَٰلِكُمۡ خَيۡرࣱ لَّكُمۡ إِن كُنتُمۡ تَعۡلَمُونَ
Oh Nina enikholwayo! Uma nimenyezelwa umthandazo ngosuku lwangolesihlanu phuthumani niye enkumbulweni kaMvelinqangi niyeke uhwebo, lokho kungcono kunina uma nina nazi
Ayah 9فَإِذَا قُضِيَتِ ٱلصَّلَوٰةُ فَٱنتَشِرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَٱبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِ ٱللَّهِ وَٱذۡكُرُواْ ٱللَّهَ كَثِيرࣰ ا لَّعَلَّكُمۡ تُفۡلِحُونَ
Ngakho-ke uma sewenziwe (sewuqediwe) umthandazo sakazekani (hambani) emhlabeni nifune umusa kaMvelinqangi futhi nikhumbule uMvelinqangi kakhulu ukuze niphumelele
Ayah 10وَإِذَا رَأَوۡاْ تِجَٰرَةً أَوۡ لَهۡوًا ٱنفَضُّوٓاْ إِلَيۡهَا وَتَرَكُوكَ قَآئِمࣰ اۚ قُلۡ مَا عِندَ ٱللَّهِ خَيۡرࣱ مِّنَ ٱللَّهۡوِ وَمِنَ ٱلتِّجَٰرَةِۚ وَٱللَّهُ خَيۡرُ ٱلرَّٰزِقِينَ
Futhi uma bebona uhwebo noma injabulo baya kukona begijima futhi bakushiya umile ithi, “lokho okukuMvelinqangi kungcono kunomdlalo nohwebo futhi uMvelinqangi ungongcono kakhulu kunabaphayo”
Ayah 11