Surah At-Taariq — The Morning Star
Surah At-Taariq (The Morning Star) is chapter 86 of the Quran, with 17 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.
وَٱلسَّمَآءِ وَٱلطَّارِقِ
Ngifunga ngesibhakabhaka nangokukhanyayo ebusuku
Ayah 1وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا ٱلطَّارِقُ
Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini okukhanyayo ebusuku
Ayah 2ٱلنَّجۡمُ ٱلثَّاقِبُ
Yinkanyezi ekhanyayo
Ayah 3إِن كُلُّ نَفۡسࣲ لَّمَّا عَلَيۡهَا حَافِظࣱ
Awukho umphefumulo kepha phezu kwawo kunomlondolozi
Ayah 4فَلۡيَنظُرِ ٱلۡإِنسَٰنُ مِمَّ خُلِقَ
Ngakho-ke akabheke umuntu ukuthi wadalwa ngani
Ayah 5خُلِقَ مِن مَّآءࣲ دَافِقࣲ
Wadalwa ngamanzi (uketshezi) olukhishwa (owesilisa nowesifazane) isidoda
Ayah 6يَخۡرُجُ مِنۢ بَيۡنِ ٱلصُّلۡبِ وَٱلتَّرَآئِبِ
Aphuma phakathi emgogodleni nasezimbanjeni
Ayah 7إِنَّهُۥ عَلَىٰ رَجۡعِهِۦ لَقَادِرࣱ
Ngempela yena (uMvelinqangi) uyakwazi ukumphindisela emumva (empilweni)
Ayah 8يَوۡمَ تُبۡلَى ٱلسَّرَآئِرُ
Ngosuku lapho izimfihlo ziyolingwa (ziyovezwa obala)
Ayah 9فَمَا لَهُۥ مِن قُوَّةࣲ وَلَا نَاصِرࣲ
Ngifunga ngakho-ke angeke abenawo amandla nomsizi
Ayah 10وَٱلسَّمَآءِ ذَاتِ ٱلرَّجۡعِ
Futhi ngifunga ngezulu (ngesibhakabhaka) esiletha imvula ngokuphindelela
Ayah 11وَٱلۡأَرۡضِ ذَاتِ ٱلصَّدۡعِ
Futhi ngifunga ngomhlaba ngenkathi uqhekeka phakathi
Ayah 12إِنَّهُۥ لَقَوۡلࣱ فَصۡلࣱ
Ngempela kona kuyinkulumo ehlukanisayo (okuhle nokubi)
Ayah 13وَمَا هُوَ بِٱلۡهَزۡلِ
Futhi kona akuyiwona umdlalo
Ayah 14إِنَّهُمۡ يَكِيدُونَ كَيۡدࣰ ا
Ngempela bona benza icebo
Ayah 15وَأَكِيدُ كَيۡدࣰ ا
Futhi nami ngenza icebo
Ayah 16فَمَهِّلِ ٱلۡكَٰفِرِينَ أَمۡهِلۡهُمۡ رُوَيۡدَۢا
Ngakho-ke banike ithuba abangakholwa, bayekwe okwesikhashana ngobumnene
Ayah 17