Surah Al-Mumtahana — She that is to be examined
Surah Al-Mumtahana (She that is to be examined) is chapter 60 of the Quran, with 13 verses. This page presents the Arabic text with a Zulu translation, verse by verse.
يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ لَا تَتَّخِذُواْ عَدُوِّي وَعَدُوَّكُمۡ أَوۡلِيَآءَ تُلۡقُونَ إِلَيۡهِم بِٱلۡمَوَدَّةِ وَقَدۡ كَفَرُواْ بِمَا جَآءَكُم مِّنَ ٱلۡحَقِّ يُخۡرِجُونَ ٱلرَّسُولَ وَإِيَّاكُمۡ أَن تُؤۡمِنُواْ بِٱللَّهِ رَبِّكُمۡ إِن كُنتُمۡ خَرَجۡتُمۡ جِهَٰدࣰ ا فِي سَبِيلِي وَٱبۡتِغَآءَ مَرۡضَاتِيۚ تُسِرُّونَ إِلَيۡهِم بِٱلۡمَوَدَّةِ وَأَنَا۠ أَعۡلَمُ بِمَآ أَخۡفَيۡتُمۡ وَمَآ أَعۡلَنتُمۡۚ وَمَن يَفۡعَلۡهُ مِنكُمۡ فَقَدۡ ضَلَّ سَوَآءَ ٱلسَّبِيلِ
Oh Nina enikholwayo! Ningathathi isitha sami kanye nesitha senu njengabangane nikhombisa uthando kubona kulapho bengakholelwa kuloko okwafika kunina okuyiqiniso, bakhipha (bagxosha) isithunywa kanye nani ngokuba nikholelwa kuMvelinqangi iNkosi yenu, ukube nina naniphuma ukuyozabalaza endleleni yami nokufuna injabulo yami benizobakhombisa uthando esithe futhi mina ngazi kangcono ngaloko enikufihlayo kanye nalokho enikuvezayo futhi noma ngabe ngubani okwenzayo (lokho) phakathi kwenu ngempela uphambukile endleleni eqondile
Ayah 1إِن يَثۡقَفُوكُمۡ يَكُونُواْ لَكُمۡ أَعۡدَآءࣰ وَيَبۡسُطُوٓاْ إِلَيۡكُمۡ أَيۡدِيَهُمۡ وَأَلۡسِنَتَهُم بِٱلسُّوٓءِ وَوَدُّواْ لَوۡ تَكۡفُرُونَ
Uma beninqoba bayokuba yizitha zenu futhi balulele kunina izandla zabo nezilimi zabo ngobubi futhi bafisa ukuthi ningakholwa
Ayah 2لَن تَنفَعَكُمۡ أَرۡحَامُكُمۡ وَلَآ أَوۡلَٰدُكُمۡۚ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ يَفۡصِلُ بَيۡنَكُمۡۚ وَٱللَّهُ بِمَا تَعۡمَلُونَ بَصِيرࣱ
Angeke zibewusizo kunina izihlobo zenu nezingane zenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo uyokwahlulela phakathi kwenu futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona
Ayah 3قَدۡ كَانَتۡ لَكُمۡ أُسۡوَةٌ حَسَنَةࣱ فِيٓ إِبۡرَٰهِيمَ وَٱلَّذِينَ مَعَهُۥٓ إِذۡ قَالُواْ لِقَوۡمِهِمۡ إِنَّا بُرَءَٰٓؤُاْ مِنكُمۡ وَمِمَّا تَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ كَفَرۡنَا بِكُمۡ وَبَدَا بَيۡنَنَا وَبَيۡنَكُمُ ٱلۡعَدَٰوَةُ وَٱلۡبَغۡضَآءُ أَبَدًا حَتَّىٰ تُؤۡمِنُواْ بِٱللَّهِ وَحۡدَهُۥٓ إِلَّا قَوۡلَ إِبۡرَٰهِيمَ لِأَبِيهِ لَأَسۡتَغۡفِرَنَّ لَكَ وَمَآ أَمۡلِكُ لَكَ مِنَ ٱللَّهِ مِن شَيۡءࣲۖ رَّبَّنَا عَلَيۡكَ تَوَكَّلۡنَا وَإِلَيۡكَ أَنَبۡنَا وَإِلَيۡكَ ٱلۡمَصِيرُ
Ngaphambilini naninesibonelo esihle ku-Abraham kanye nalaboabakanyenayengenkathibethikubantubabo“ngempela asihlangene nani kanye nalokho enikukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi, asikholelwa kunina futhi kuvela phakathi kwethu nani ubutha nenzondo kwangunaphakade kuze kube nikholelwa kuMvelinqangi yedwa, ngaphandle kwenkulumo ka-Abrahamu kuyise (ethi) “ngempela ngizokucelela intethelelo futhi anginawo (amandla) okukwenzela okuthize maqondana noMvelinqangi Nkosi yethu sethembele kuwena futhi ikuwena lapho siphendukela khona futhi kukuwena ukubuyela kokugcina”
Ayah 4رَبَّنَا لَا تَجۡعَلۡنَا فِتۡنَةࣰ لِّلَّذِينَ كَفَرُواْ وَٱغۡفِرۡ لَنَا رَبَّنَآۖ إِنَّكَ أَنتَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ
Nkosi yethu! Ungasenzi isilingo kulabo abangakholwanga futhi sithethelele, Nkosi yethu ngempela wena ungophakeme ngamandla unobuhlakani
Ayah 5لَقَدۡ كَانَ لَكُمۡ فِيهِمۡ أُسۡوَةٌ حَسَنَةࣱ لِّمَن كَانَ يَرۡجُواْ ٱللَّهَ وَٱلۡيَوۡمَ ٱلۡأٓخِرَۚ وَمَن يَتَوَلَّ فَإِنَّ ٱللَّهَ هُوَ ٱلۡغَنِيُّ ٱلۡحَمِيدُ
Ngeqiniso naninesibonelo esihle kubona, kulowo onethemba kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi noma ngabe ngubani ofulathelayo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi yena akadingi lutho ungodunyiswayo
Ayah 6۞عَسَى ٱللَّهُ أَن يَجۡعَلَ بَيۡنَكُمۡ وَبَيۡنَ ٱلَّذِينَ عَادَيۡتُم مِّنۡهُم مَّوَدَّةࣰۚ وَٱللَّهُ قَدِيرࣱۚ وَٱللَّهُ غَفُورࣱ رَّحِيمࣱ
Mhlawumbe uMvelinqangi angenza uthando phakathi kwenu naphakathi kwalabo enaniyizitha nabo, futhi uMvelinqangi unamandla okwenza (zonke izinto) futhi uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
Ayah 7لَّا يَنۡهَىٰكُمُ ٱللَّهُ عَنِ ٱلَّذِينَ لَمۡ يُقَٰتِلُوكُمۡ فِي ٱلدِّينِ وَلَمۡ يُخۡرِجُوكُم مِّن دِيَٰرِكُمۡ أَن تَبَرُّوهُمۡ وَتُقۡسِطُوٓاْ إِلَيۡهِمۡۚ إِنَّ ٱللَّهَ يُحِبُّ ٱلۡمُقۡسِطِينَ
Akanenqabeli uMvelinqangi kulabo abangalwi nani ngenxa yenkolo futhi abanganigxoshi emakhaya enu ukwenza okuhle kubona nokwenza ubulungiswa kubona, ngempela uMvelinqangi uyabathanda abenza ubulungiswa
Ayah 8إِنَّمَا يَنۡهَىٰكُمُ ٱللَّهُ عَنِ ٱلَّذِينَ قَٰتَلُوكُمۡ فِي ٱلدِّينِ وَأَخۡرَجُوكُم مِّن دِيَٰرِكُمۡ وَظَٰهَرُواْ عَلَىٰٓ إِخۡرَاجِكُمۡ أَن تَوَلَّوۡهُمۡۚ وَمَن يَتَوَلَّهُمۡ فَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلظَّٰلِمُونَ
Kuphela uMvelinqangi uyanenqabela kulabo ababelwa nani ngenxa yenkolo futhi banigxosha emakhaya enu futhi balekelela ekugxoshweni kwenu-ukuthi nibe ngabangani nabo, futhi noma ngabe ngubani owenza ubungani nabo ngakho-ke labo bayilabo abenza okubi (izoni)
Ayah 9يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِذَا جَآءَكُمُ ٱلۡمُؤۡمِنَٰتُ مُهَٰجِرَٰتࣲ فَٱمۡتَحِنُوهُنَّۖ ٱللَّهُ أَعۡلَمُ بِإِيمَٰنِهِنَّۖ فَإِنۡ عَلِمۡتُمُوهُنَّ مُؤۡمِنَٰتࣲ فَلَا تَرۡجِعُوهُنَّ إِلَى ٱلۡكُفَّارِۖ لَا هُنَّ حِلࣱّ لَّهُمۡ وَلَا هُمۡ يَحِلُّونَ لَهُنَّۖ وَءَاتُوهُم مَّآ أَنفَقُواْۚ وَلَا جُنَاحَ عَلَيۡكُمۡ أَن تَنكِحُوهُنَّ إِذَآ ءَاتَيۡتُمُوهُنَّ أُجُورَهُنَّۚ وَلَا تُمۡسِكُواْ بِعِصَمِ ٱلۡكَوَافِرِ وَسۡـَٔلُواْ مَآ أَنفَقۡتُمۡ وَلۡيَسۡـَٔلُواْ مَآ أَنفَقُواْۚ ذَٰلِكُمۡ حُكۡمُ ٱللَّهِ يَحۡكُمُ بَيۡنَكُمۡۖ وَٱللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمࣱ
Oh Nina enikholwa! Uma befika kunina abesifazane abakholwayo bengabafuduki ngakho-ke bahloleni, nguMvelinqangi owazi kabanzi ngokholo lwabo manjalo uma senibazile ukuthi bangamakholwa ningabaphindiseli kwabangakholwa, bona abavumelekile kubona futhi bona (abangakholwa) abavumelekile kubona (abesifazane abakhowayo) futhi nibanike lokho abakusebenzisile, futhi alikho icala kunina uma nishada nabo, uma senibanikile okuqondene nabo (isipho sabo somshado) futhi ningabagcini abesifazane abangakholwa futhi nibuze lokho enakusebenzisa (enakukhokha okuyisipho somshado mehr) futhi bafune lokho abakusebenzisa, lokho yisehlulelo sikaMvelinqangi, uyehlulela phakathi kwenu futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
Ayah 10وَإِن فَاتَكُمۡ شَيۡءࣱ مِّنۡ أَزۡوَٰجِكُمۡ إِلَى ٱلۡكُفَّارِ فَعَاقَبۡتُمۡ فَـَٔاتُواْ ٱلَّذِينَ ذَهَبَتۡ أَزۡوَٰجُهُم مِّثۡلَ مَآ أَنفَقُواْۚ وَٱتَّقُواْ ٱللَّهَ ٱلَّذِيٓ أَنتُم بِهِۦ مُؤۡمِنُونَ
Futhi uma abanye bamakhosikazi enu behamba kunina beya kwabangakholwa ngakho-ke nikezani labo amakhosikazi abo ahamba okufana (okulingana) nalokho abakusebenzisa, futhi yesabani uMvelinqangi lowo nina eningamakholwa kuye
Ayah 11يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّبِيُّ إِذَا جَآءَكَ ٱلۡمُؤۡمِنَٰتُ يُبَايِعۡنَكَ عَلَىٰٓ أَن لَّا يُشۡرِكۡنَ بِٱللَّهِ شَيۡـࣰٔ ا وَلَا يَسۡرِقۡنَ وَلَا يَزۡنِينَ وَلَا يَقۡتُلۡنَ أَوۡلَٰدَهُنَّ وَلَا يَأۡتِينَ بِبُهۡتَٰنࣲ يَفۡتَرِينَهُۥ بَيۡنَ أَيۡدِيهِنَّ وَأَرۡجُلِهِنَّ وَلَا يَعۡصِينَكَ فِي مَعۡرُوفࣲ فَبَايِعۡهُنَّ وَٱسۡتَغۡفِرۡ لَهُنَّ ٱللَّهَۚ إِنَّ ٱللَّهَ غَفُورࣱ رَّحِيمࣱ
Oh Mphrofethi! Uma befika kuwena abesifazane abakholwayo befunga kuwena ukuthi angeke bamenzele ngalutho uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi angeke bantshontshe futhi angeke benze ukuphinga futhi angeke bazibulale izingane zabo futhi angeke benze isibhaceko (inkohliso) abayiqamba phakathi kwezandla zabo nezinyawo zabo futhi angeke bakudelele kokuhle, ngakho-ke yamukela isiqiniseko sabo futhi ubacelele intethelelo kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
Ayah 12يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ لَا تَتَوَلَّوۡاْ قَوۡمًا غَضِبَ ٱللَّهُ عَلَيۡهِمۡ قَدۡ يَئِسُواْ مِنَ ٱلۡأٓخِرَةِ كَمَا يَئِسَ ٱلۡكُفَّارُ مِنۡ أَصۡحَٰبِ ٱلۡقُبُورِ
Oh Nina enikholwayo! Ningabi ngabangane babantu intukuthelo kaMvelinqangi ephezulu kwabo, ngempela baphelelwa yithemba ngempilo ezayo njengoba baphelelwa yithemba ababengakholwa abasemathuneni
Ayah 13